1WENZE ilati lokutyisa impepo; u lenze ngomuti womshita.
2Ubude balo bu be ikubiti, nobubanzi balo bu be ikubiti; li be nezinhlangoti ezine ezi lingenayo; ukupakama kwalo ku be amakubiti amabili; izimpondo zalo zi be kunye nalo.
3U li nameke ngegolide elihle, ngapezulu, nezinhlangoti zalo inxa zonke, nezimpondo zalo; u lenzele udini lwegolide inxa zonke.
4U lenzele namasongo amabili egolide pansi kodini lwalo, nga sezinhlangotini zombili zalo, u wenze inxa zombili; a be izindawo zezinti zokulitwala.
5Wenze izinti ngomshita, u zi nameke ngegolide.
6U li beke pambi kweveli eli nga sekesini lemiteto, pambi kwesisibekelo, esi pezu kwemiteto, lapo ngi ya kuhlangana kona nawe.
7uAroni a tyise kulo impepo eqoliweyo kusasa imihla ngemihla; lapo e lungisa amakandela a i tyise.
8Na lapo uAroni e beka amakandela kusihlwa a i tyise, ku be impepo e pakade pambi kuka Jehova ezizukulwaneni zenu.
9Ni nga nikeli kulo impepo e nga zekiyo, nomnikelo wokutyiswa, nomnikelo wempupo; ni nga teli kulo umnikelo wokupuza.
10uAroni ka hlaulele izimpondo zalo kanye ngomyaka ngegazi lomnikelo wokona wokuhlaula; kanye ngomnyaka ka li hlaulele ezizukulwaneni zenu; ku ingcwelengcwele kuJehova.
11uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
12Nxa u bala abaka Israeli ngokubalwa kwabo, a ku be ilowo kubo a tele kuJehova isihlaulo ngompefumlo wake, lapo u ba balayo; ukuba ku nga bi ko isifo kubo lapo u ba balayo.
13A ba tele loku, ukuti, lowo o dhlulela kwababaliweyo a tele inxenye yeshekeli njengeshekeli elingcwele; ishekeli li ngamagera amane; inxenye yeshekeli i be umnikelo kuJehova.
14Bonke aba dhlulela kwababaliweyo, aba neminyaka e ngamashumi amabili nabapezulu ngokuzalwa kwabo, ka ba nikele umnikelo ku Jehova.
15Ocebileyo a nga teli okukulu, nompofu a nga teli okuncinyane ku nenxenye yeshekeli, lapo be nikela umnikelo ku Jehova, ukuba ku hlaulelwe imipefumlo yenu.
16U tabate imali yokuhlaula kwabaka Israeli, u i misele inkonzo yetabanekele lokuhlangana, i be isikumbuzo kwabaka Israeli pambi kuka Jehova, ukuba ku hlaulelwe imipefumlo yenu.
17uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
18Yenza ilave ngetusi, nesinqe salo ngetusi, ukuba ku gezelwe kulo; u li beke pakati kwetente lokuhlangana nalati, u tele amanzi kulo.
19uAroni namadodana ake ba ya kugeza izandhla zabo nezinyawo zabo kulo;
20Lapo be ngena etabanekeleni lokuhlangana ka ba geze ngamanzi, ukuba ba nga fi; noma be sondela elatini ukukonza, ukutyisa umnikelo womlilo ku Jehova.
21Ba ya kugeza izandhla zabo nezinyawo zabo, ukuba ba nga fi; a ku be umteto opakade kubo; kuyena na kuyo inzalo yake ezizukulwaneni zabo.
22uJehova wa tyo kuMosi, wa ti,
23Tabata amaka amahle, okuti, imori elihle, amashekeli amakulu a isihlanu, nekinamoni, inxenye yawo, ukuti, amashekeli amakulu amabili namashumi amahlanu, nekane elimnandi, amashekeli amakulu amabili namashumi amahlanu,
24Nekida amashekeli amakulu a isihlanu, a ngangeshekeli elingcwele, namafuta emihlwati, ihini.
25Wenze ngako amafuta angcwele okugcoba, amafuta aqoliweyo, umsebenzi wenyanga yokuqola, a ku be amafuta angcwele okugcoba.
26U gcobe ngawo itabanekele lokuhlangana, nekese lemiteto.
27Netebula nezitya zonke zalo, nekandelabra nezitya zalo, nelati lempepo,
28Nelati lomnikelo wokutyiswa nezitya zonke zalo, nelave nesinqe salo.
29U ku ngcwelise ku be ngcwelengcwele; a ku be ngcwele bonke aba ku patayo.
30U gcobe uAroni namadodana ake, u ba ngcwelise, ba be abapristi bami.
31U tyo kwabaka Israeli, u ti, Lawa o ba awami amafuta angcwele okugcoba ezizukulwaneni zenu.
32Ka nga telwa emzimbeni womuntu, ni nga wenzi a njengawo, njengokulinganiswa kwawo; a ingcwele, ma be ngcwele kini.
33O wa qolayo a njengawo, no wa telayo kowa semzini, a ka nqunywe kubantu bake.
34uJehova wa ti kuMosi, Tabata amaka, okuti, inatafi, neshekelete, nekelibena; lawamaka kanye nelebona elihle, ku lingane konke.
35Wenze ngako impepo eqoliweyo, umsebenzi wenyanga yokuqola, e telwa usaoti, enhle, engcwele.
36U gayise enye, u i beke pambi kwemiteto, etabanekeleni lokuhlangana lapa ngi ya kuhlangana kona nawe; ko ba ngcwelengcwele kini.
37Impepo o ya kuyenza, ni nga zenzeli yona ngokulinganiswa kwayo; yo ba ngcwele kuwe, eyake uJehova.
38O yenzayo e njengayo, ukuba i nukwe, a ka nqunywe kubantu bake.