1WO lenza ilati ngomuti womshita, ubude balo bu be amakubiti a isi amahlanu; izinhlangoti zone zelati a zi lingane; ukupakama kwalo ku be amakubiti amatatu.
2Wenze izimpondo zalo ezinqutyini zone zalo; izimpondo zalo a zi be kunye nalo; u li nameke ngetusi.
3Wenze amabodwe alo okususa umlota alo, namafosholo alo, namabesini alo, nezimfoloko zalo, namapeni alo omlilo; wenze zonke izitya zalo ngetusi.
4U lenzele ikerate ngetusi elalukiweyo; wenze amasongo amane etusi ekerateni, ngasezinqutyini zone zalo.
5U li beke ngapansi, pansi koqimba lwelati, ikerate li fike ngapakati kwelati.
6Wenze izinti zelati, izinti zomuti womshita, u zi nameke ngetusi.
7Izinti zalo a zi fakwe emasongweni, izinti zi be ezimhlangotini zombili zelati, li twalwe ngazo.
8U lenze ngamapulankwe li be umholo; u lenze njengaloko owa boniswa kona entabeni.
9Wenze isihonqa setabanekele; ngaseningizimu, ohlangotini olu nga seningizimu, a ku be kona izilenge zesihonqa zosheshe olupotiweyo, ubude balo bu be amakubiti a ikulu ohlangotini lunye;
10Izinsika zalo ezimashumi amabili, nezisekelo zazo a zi be itusi; izingwegwe zezinsika nemityayo yazo a ku be isiliva.
11Na sohlangotini olu nga senyakato, ebudeni a ku be kona izilenge, ubude bazo bu be amakubiti a ikulu, nezinsika zalo ezi mashumi amabili, nezisekelo zazo ezi mashumi amabili zetusi; izingwegwe zezinsika nemityayo yazo aku be isiliva.
12Ububanzi besihonqa ohlangotini olu nga sentyonalanga aku be kona izilenge, ububanzi bazo bu be amakubiti a ngamashumi amahlanu; izinsika zazo zi be ishumi, nezisekelo zazo zi be ishumi.
13Ububanzi besihonqa ugasempumalanga, ohlangotini olu nga sempumalanga, bu be amakubiti a ngamashumi amahlanu.
14Izilenge kwelinye icala lesango a zi be amakubiti a ishumi nesihlanu, izinsika zazo zi be ntatu, nezisekelo zazo zi be ntatu.
15Na kwelinye icala lesango izilenge a zi be amakubiti a ishumi nesihlanu; izinsika zazo zi be ntatu, nezisekelo zazo zi be ntatu.
16Iveli la sesangweni lesihonqa li be amakubiti a ngamashumi amabili, elokuluhlaza nokububende nokubomvu nosheshe olupotiweyo, umsebenzi ofeketisiweyo izinsika zalo zi be zine, nezisekelo zazo zi be zine.
17Izinsika zonke zesihonqa inxa zonke a zi hlanganiswe ngemityayo yesiliva; izigwegwe zazo a zi be isiliva, nezisekelo zazo zi be itusi.
18Ubude besihonqa a bu be amakubiti a ikulu, nobubanzi baso bu be amakubiti a ngamashumi amahlanu indawo zonke, nokupakama kwaso ku be amakubiti a isihlanu, senziwe ngosheshe olupotiweyo, izisekelo zezinsika zi be itusi.
19Izitya zonke zetabanekele enkonzweni yonke yalo, nezikonkwane zonke zalo, nezikonkwane zesihonqa a zi be itusi.
20Ba yale abakaIsraeli, ukuba ba lete kuwe amafuta amahle emihlwati agxotyiweyo, a be awekandelabra, ukuba amakandela a vute njalonjalo.
21Kulo itabanekele lokuhlangana ngapandhle kweveli eli ngapambi kwemiteto, a li lungiswe uAroni nabantwana bake iloku kwa hlwa ku ze ku se, pambi kuka Jehova; ku ya kuba isimiso ku ze ku be pakade ezizukulwaneni zabo kwabaka Israeli.