1WO lenza itabanekele ngezilenge ezi ishumi; u zenze ngosheshe olupotiweyo, na ngokuluhlaza, na ngokububende, na ngokubomvu; zi be namakerube, umsebenzi wenyanga yokwaluka.
2Ubude bezilenge bu be amakubiti a ngamashumi amabili nashiyagalombili, ububanzi bazo bu be amakubiti amane; a zi lingane zonke izilenge.
3Izilenge ezi isihlanu a zi hlanganiswe, nezinye izilenge ezi isihlanu a zi hlanganiswe.
4Wenze izihibe ngokuluhlaza ecaleni lesilenge esinye, empetweni nga sekuhlanganeni; wenze njalo ecaleni lesilenge sokugcina, ekuhlanganeni kwesibili.
5Wenze izihibe ezi mashumi amahlanu kwesinye isilenge, wenze nezihibe ezi mashumi mahlanu ecaleni lesilenge, esi sekuhlanganeni kwesibili, ukuba izihibe zi bhekane.
6Wenze amakelaspi amashumi amahlanu egolide, u hlanganise izilenge ngamakelaspi, ku be itabenekele linye.
7Wenze izilenge ngoboya bezimbuzi, zi be itente lokwembesa itabanekele; u zenze izilenge ezi ishumi nanye.
8Ubude bezilenge bu be amakubiti a ngamashumi amatatu, ububanzi bazo bu be amakubiti; amane; izilenge ezi ishumi nanye a zi lingane.
9Wo hlanganisa izilenge ezi isihlanu zodwa, nezilenge ezi isitupa zodwa; isilenge sesitupa u si pinde pambi kwetabanekele.
10Wenze izihibe ezi mashumi amahlanu ecaleni lesilenge esinye esokugcina ekuhlanganeni; nezihibe ezimashumi amahlanu ecaleni lesilenge sokuhlangana kwesibili.
11Wenze amakelaspi amashumi amahlanu etusi, u fake amakelaspi ezihibeni, u hlanganise itente, ku be kunye.
12Insalo eseleyo yesilenge, inxenye yesilenge esiseleyo a si lenge emva kwetabanekele.
13Ikubiti ngalapa; nekubiti ngalapa ku loko okudlulileyo ebudeni bezilenge zetente, a li lenge ecaleni kwetabanekele inxa zombile, ukuba lembeswe.
14Wenze isifulelo setente ngezikumba ezibomvu zezinqama, nesifulelo ngapezulu ngezikumba zamatahashi.
15Wenze amapulankwe etabanekele amiyo ngomuti womshita.
16Ubude bamapulankwe bu be amakubiti a ishumi, ububanzi bawo ikubiti nenxenye.
17A ku ti ilelopulankwe li be namasumpa amabili a lungelane; yenze njalo kuwo onke amapulankwe etabanekele.
18Wenze amapulankwe etabanekele, amapulankwe amashumi amabili ohlangotini olu nga seningizimu, olu bheka nga seningizimu.
19Wenze izisekelo ezi mashumi amane esiliva pansi kwamapulankwe amashumi amabili; izisekelo ezibili pansi kwepulankwe, ezamasumpa amabili alo, nezisekelo ezibili pansi kwepulankwe ezamasumpa amabili alo.
20Na kolunye uhlangoti lwetabanekele olu nga senyakato wenze amapulankwe a ngamashumi amabili;
21Nezisekelo zawo zesiliva ezi mashumi amane; izisekelo ezibili pansi kwepulankwe, izisekelo ezibili pansi kwepulankwe.
22Na sohlangotini lwetabanekele olu ngasemva, ngasentyonalanga, wenze amapulankwe a isitupa
23Wenze namapulankwe amabili ezingosi zetabanekele ezi ngasemva;
24A hlanganiswe pansi, ku pelele ku ze ku fike pezulu, esongweni lokuqala; a ku be njalo kuwo omabili, a ku be izingosi zombili.
25Ku ya kuba amapulankwe a shiyagalombili, nezisekelo zawo zesiliva, izisekelo ezi ishumi nesitupa, izisekelo ezibili pansi kwepulankwe, nezisekelo ezibili pansi kwepulankwe.
26Wo zenza izinti ngomuti womshita; zi be isihlanu zamapulankwe kolunye uhlangoti lwetabanekele.
27Nezinti ezi isihlanu zamapulankwe kolunye uhlangoti lwetabanekele nezinti ezi isihlanu zamapulankwe a sohlangotini olu nga semva, ngasentyonlanga.
28Uti olu pakati kwamapulankwe a lu finyelele inxa zombili.
29U nameke amapulankwe ngegolide, u wenze amasongo awo ngegolide, a be izindawo zezinti; u nameke izinti ngegolide.
30U mise itabanekele njengomfanekiso walo, owa boniswa wona entabeni.
31Wo lenza iveli ngokuluhlaza, nokububende nokubomvu, na ngosheshe olupotiweyo; a lenziwe li be namakerubi, umsebenzi wenyanga yokwaluka.
32U li lengise ezinsikeni ezine zomuti womshita ezi namekiweyo ngegolide; izingwegwe zazo a zi be igolide a zi me ezisekelweni ezine zesiliva.
33U li panyeke iveli pansi kwezihibe, u ngenise kona pakati kweveli umpongolo wemiteto; iveli li ya kunahlukanisela indawo engcwele nendawo engcwelengcwele.
34U beke isisibekelo pezu kompongolo wemiteto endaweni engcwelengcwele.
35U beke itebula ngapandhle kweveli, ikandelabra li bhekane netebula ohlangotini lwetabanekele olu nga seningizimu, u beke itebula ohlangotini olu nga senyakato.
36Wenze iveli lokuhonqa emnyango wetabanekele ngokuluhlaza nokububende, nokubomvu, nosheshe olupotiweyo, umsebenzi womfeketisi.
37U lenzele iveli izinsika ezi isihlanu ngomshita, u zi nameke ngegolide; izingwegwe zazo a zi be ezegolide; u zi pekele izisekelo ezi isihlanu zetusi.