1UNGA qubi indaba yamanga; u nga hlangani nababi ukuba ufakazi wamanga.
2U nga landeli isixuku ngokwenza okubi; u su nquma ecaleni, u nga pambuki nesixuku ngokupambukisa icala.
3U nga m bheki ompofu ku nabanye ecaleni lake.
4Nxa u fumana inkabi yesita sako, noma imbongolo yake, yeduka, wo i buyisela kuye.
5Uma u bona imbongolo yokuzondayo i lele pansi komtwalo wayo, qapela u nga m shiyi, wo i kumula naye.
6U nga pambukisi icala lompofu wa kini ekutetweni kwalo.
7Deda kude endabeni yamanga; u nga bulali o nge nacala nolungileyo; ngokuba a ngi yi kumtetelela owonileyo.
8U nga wamkeli umvuzo, ngokuba umvuzo u puputekisa amehlo, u pambukise amazwi abalungileyo
9U nga hlupi owezizwe, ni yazi inhliziyo yowezizwe, loku be ni ngabezizwe ezweni la sEgipite.
10Wo lima izwe lako iminyaka e isitupa; u vune izitelo zalo.
11U li yeke ngomnyaka wesikombisa, li hlale; ukuba abampofu kwabakini ba dhle; okuseleyo kubo a ku dhliwe izilwane za sendhle: Yenze njalo ngesiuini sako, na ngesihlwati sako.
12Wo sebenza umsebenzi wako izinsuku ezi isitupa, u pumule ngolwesikombisa, ukuba ku hlale inkabi yako, nembongolo yako, ku pefumle indodana yesigqili sako sesifazana nowezizwe.
13Qapelani konke loku engi ku tyiloyo kini, ni nga kulumi igama labanye oTixo, a li nga pumi emlonyeni wako.
14Wo ngenzela imihlangano emitatu ngomyaka.
15Wo gcina umhlangano wesinkwa esi nga vutyelwe; u ya kudhla isinkwa esi nga vutyelwe izinsuku ezi isikombisa njengokutyo kwami kuwe, ngesikati esimisiweyo senyanga uAbibi; ngokuba wa puma ngayo Egipite; a ku nga bonakali namunye pambi kwami e nga pete luto;
16Nomhlangano wokuvuna, wolibo lwemisebenzi yako, o ku hlwanyelayo ensimini; nomhlangano wokubuta ekupeleni komnyaka, lapo u buta imisebenzi yako ensimini.
17Abesilisa bako bonke a ba bonakale pambi kweNkosi uJehova katatu ngomnyaka.
18U nga nikeli igazi lomhlatyelo wami kanye nesinkwa esivutyelweyo; namafuta omhlangano wami ma nga sali ku ze ku se.
19Okokuqala kolibo lwezwe lako, wo ku leta endhlini ka Jehova, uTixo wako. U nga peki izinyane lembuzi obisini luka nina.
20Bheka, ngi ya tuma ingelosi pambi kwako, ukuba i ku gcine endhleleni, i ku yise endaweni engi i lungisileyo.
21I bheke, u lalele izwi layo, u nga i cunuli; ngokuba a i yi kutetelela ukona kwenu, ngokuba igama lami li kuyo.
22Uma u lalela izwi layo impela, u kwenze konke, engi ku tyoyo, kona ngi ya kuba isita kwaba izita zako, ngi ba hlupe aba ku hlupayo.
23Ngokuba ingelosi yami i ya kuhamba pambi kwako, i ku yise kuwo amaAmori, namaHiti, namaPerizi, namaKenani, namaHivi, namaJebusi; ngi ya kubabubisa.
24U nga ba kotameli otixo babo, u nga ba konzi, u ngenzi ngemisebenzi yabo; kepa wo ba cita impela, u bidlize izitombe zabo.
25A no konza uJehova uTixo wenu; kona u ya kubusisa ukudhla kwako namanzi ako; ngi ya kususa isifo pakati kwenu.
26A ku yi kubako opunzayo no inyumba ezweni la kini; ngi ya kwenza zi pelele izinsuku zako.
27Ngi ya kutuma ukusabeka kwami pambi kwako, ngi ba tyayise uvalo abantu bonke o za kufika kubo; ngi ya kwenza zonke izita zako zi ku fulatele.
28Ngi ya kutuma iminyovu pambi kwako; i ya kuxotya amaHivi, namaKenani, namaHiti pambi kwako.
29A ngi yi kubaxotya pambi kwako ngomnyaka o wodwa, funa izwe li be ihlane, izilo za sendhle zi kwandele.
30Ngi ya kubaxotya pambi kwako kancinyane kancinyane, u ze wande, u dhle izwe.
31Ngi ya kukumisela imikaulo yezwe ku suke elwandhle olubomvu ku ze ku fike elwandhle lwamaFilisti, ku suke ehlane ku ze ku fike emfuleni; ngokuba ngi ya kunikela esandhleni sako abantu ba lelo zwe; u ya kubaxotya pambi kwako.
32U ngenzi isivumelwano nabo na notixo babo.
33A ba nga hlali ezweni la kini, funa ba konise kimi; ngokuba uma u konza otixo babo ku ya kuba umgibi kuwe.