1ILE i imiteto o ya kuimisa pambi kwabo.
2Nxa u tenga isigqili samaHeberu, si ya kusebenza iminyaka e isitupa; ngowesikombisa si ya kupuma si kululekile ngeze.
3Uma si fika sodwa, si ya kupuma sodwa; uma si ganiwe, si ya kupuma nomkaso.
4Uma umniniso e si nika umfazi, umfazi e si zalela abafana noma ku amantombazana, umfazi nabantwana bake ba ya kuba obomniniso, sona si ya kupuma sodwa.
5Uma isigqili si qinisa si ti, Ngi ya tanda inkosi yami, nomkami, nabantwana bami; a ngi yi kupuma ngi kululekile;
6Kona wo si leta ku Tixo; a si lete na nga semnyango, noma ensikeni yomnyango; umniniso a si bobose indhlebe ngosungulo, si m konze ku ze ku be pakade.
7Uma umuntu e tengisa ngendodakazi yake i be isigqili, a i nga pumi njengezigqili zesilisa zi puma.
8Uma imbi emehlweni omniniyo, o zimisele yona, wo i kulula; ka nga bi nakutengisa ngayo kwabezizwe, loku e i pete ngenkohliso.
9Uma e i misela indodana yake, wo i patisa okwamadodakazi.
10Uma e i tabatela omunye umfazi; ka nga nqabi nokudhla kwayo, na nezingubo zayo, nokuhlala kwayo.
11Uma e nga yenzeli loku okutatu i ya kupuma ngeze, i nga tengwa ngemali.
12O tyaya umuntu a ze a fe wo bulawa impela.
13Uma e nga m qameli, uTixo e m nikela esandhleni sake, ngi ya kukumisela indawo a ya kubalekela kuyo.
14Nxa umuntu e m vukela owakelene naye, a m bulale ngobuqili, wo m tabata na selatini lami, a fe.
15O tyaya uyise nonina wo bulawa impela.
16Oweba umuntu, a tengise ngaye, noma e funyanwa esandhleni sake, wo bulawa impela.
17O tuka uyise nonina u ya kubulawa impela.
18Nxa abantu be xabene, omunye a tyaye omunye ngetye, noma ngofese, e nga fi, kepa e limele, a hlale embedeni;
19Uma e lulama, a dondolozele ezweni ngenduku yake, konake owa m tyayayo u ya kutetelelwa, kodwa u ya kukoka isikati sake esapukileyo, a m elape a ze a pile.
20Nxa umuntu e tyaya ngenduku isigqili sake sesilisa nesesifazana, si fe, si sesandhleni sake, wo lahlwa;
21Kodwa uma si hlala usuku lu be lunye, noma zi be zimbili, ka nga lahlwa, ngokuba si imali yake.
22Nxa abantu be xabene, ba limaze umfazi okulelweyo, si pume isisu sake, ku nga veli ingozi, wo hlauliswa impela njengokubiza o kwendoda yomfazi kuye, a koke njengokunquma kwabateta macala.
23Uma ku vela ingozi, konake wo kwenana ukupila ngokupila;
24Iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandhla ngesandhla, unyawo ngonyawo,
25Ukutyiswa ngokutyiswa, inxeba ngenxeba, umvimbo ngomvimbo.
26Nxa umuntu e tyaya iso lesigqili sake sesilisa nesesifazana, a li bulale, wo si kulula ngenxa yeso laso.
27Uma e tyaya izinyo lesigqili sake sesilisa, noma esesifazana, a li kipe; wo si kulula ngenxa yezinyo laso.
28Nxa inkabi i hlaba umuntu wesilisa, noma owesifazana, a fe, i nkabi yo kandwa ngamatye, inyama yayo i nga dhliwa, kepa umniniyo inkabi ka nga bi nacala.
29Kodwa uma lukabi ya i hlaba na kade, e kwazi umniniyo, e nga i gcini, uma i bulala umuntu wesilisa, noma wesifazana, inkabi a i kandwe ngamatye, a bulawe nomniniyo.
30Uma e hlauliswa, ka koke loko konke a hlauliswa kona, a zihlenge, ukuba a nga bulawa.
31Uma i hlaba umfana nentombazana a kwenziwe kuye njenga lomteto.
32Uma inkabi i hlaba isigqili sesilisa, noma esesifazana, ka m nike umniniso amashekeli esiliva a be mashumi matatu, inkabi a i kandwe ngamatye.
33Nxa umuntu e mbulula umgodi, nanxa emba umgodi, e nga u sibekeli, inkabi, noma imbongolo, i keleketela kuwo;
34Umninimgodi ka koke, a m nike umniniyo imali, inkabi efileyo i be eyake.
35Nxa inkabi yomuntu i hlaba inkabi yomunye, i fe, ka ba tengise ngenkabi epilileyo, ba hlukaniselane imali yayo, ba hlukaniselane nayo efileyo.
36Kodwa uma kwaziwa ukuti inkabi ya i hlaba na kade, umniniyo e nga i gcini, ka koke inkabi ngenkabi, inkabi efileyo i be eyake.