1UTIXO wa kuluma onke lawamazwi, wa ti,
2Ngi nguJehova, uTixo wako, o ku kipileyo ezweni la sEgipite, endhlini yezigqili.
3U nga bi nabanye otixo ngapandhle kwami.
4U nga zenzeli isitombe esibaziweyo, namfanekiso woluto olu sezulwini pezulu; nolu semhlabeni pansi, nolu semanzini pansi komhlaba.
5U nga kotameli pambi kwayo; u nga ba konzi; ngokuba mina Jehova, uTixo wako, ngi nguTixo o nomona; ngehlisela izono za oyise kubantwanaabesizukulwane sesitatu nabesesine sabangizondayo;
6Ngi benzela umusa aba izinkulungwane abangitandayo, abagcina imiyalo yami.
7U nga li pati ngeze igama lika Jehova, uTixo wako; ngokuba uJehova u ya ku m bekela icala o pata igama lake ngeze
8Kumbula usuku lwesabata, u lu gcine lu be ingcwele.
9Wo sebenza izinsuku ezi isitupa, u wenze wonke umsebenzi wako;
10Kepa usuku lwesikombisa lu isabata lika Jehova uTixo wako; u nga sebenzi umsebenzi ngalo, wena, nendodana yako, nendodakazi yako, nesisebenzi sako sesilisa nesesifazana, nezinkabi zako, nohambileyo kuwe o semzini wako;
11Ngokuba ngezinsuku ezi isitupa u Jehova wenza izulu, nomhlaba, nolwadhle, nako konke oku kuko; wa pumula ngosuku lwesikombisa; ngako uJehova wa busisa usuku lwesikombisa, wa lwenza lu be ingcwele.
12Hlonipa uyihlo nonyoko ukuba izinsuku zako zande ezweni a ku nika lona uJehova, uTixo wako.
13U nga bulali.
14U nga pingi.
15U ngebi.
16U nga m fungeli amanga owakelene nawe.
17U nga nxaneli indhlu yowakelene nawe, u nga nxaneli umfazi wowakelene nawe, nesisebenzi sake sesilisa, nesesifazana; nenkabi yake nembongolo yake, na lunye uto lwake owakelene nawe.
18Abantu bonke ba bona ukuduma, nonyazi, nokukala kwetilongo, nentaba etunqayo; abantu ba bona, ba tutumela besuka bema kude.
19Ba ti kuMosi Kuluma wena nati, si zwe, kepa uTixo ma nga kulumi nati funa si fe.
20uMosi wa ti kubantu, Ni ngesabi; ngokuba uTixo u ze ukuba a ni linge, nokuba ukumesaba ku be pambi kwenu, ukuze ni ngoni.
21Abantu bema kude, uMosi wa sondela ebumnyameni lapo wa e kona uTixo.
22uJehova wa ti kuMosi, Yityo kwabaka Israeli, u ti, Ni bonile ukuti, ngi kulumile nani, ngi sezulwini.
23Ni ngenzi luto lu be ndawonye nami; ni nga zenzeli otixo besiliva notixo begolide.
24Wo ngenzela ilati lomhlabati, u nikele pezu kwalo iminikelo yako yokutyiswa, neminikelo yako yokutula, izimvu zako, nezinkomo zako; ezindaweni zonke lapo ngi za kwenza li kunjulwe kona igama lami, ngi ya kuza kuwe, ngi kubusise.
25Uma u ngenzela ilati ngamatye, u nga laki ngamatye abaziweyo; uma u li petela imbazo, u li ngcolisile.
26U nga kweli elatini lami ngezikwelo, funa ku bonakale ubunqunu bako.