1UJETRO, umpristi wa kwaMidiani, umkwe ka Mosi, wezwa konke, uTixo a be kwenzele uMosi noIsraeli, abantu bake, ukuti, uJehova wa e kipile abaIsraeli Egipite;
2uJetro, umkwe ka Mosi, wa tabata uZipora, umka Mosi, emva kokubuya kwake,
3Namadodana ake amabili, igama lomunye la li nguGershomi, ngokuba wa ti, nga ngi isihambi ezweni lezizwe;
4Igama lomunye la li nguElizeri, ngokuba wa ti, uTixo ka baba wa ngi siza, wa ngi sindisa kuyo inkemba ka Faro.
5uJetro, umkwe ka Mosi, wa fika namadodana ake nomkake kuMosi ehlane, lapo wa e ngenisile kona entabeni ka Tixo.
6Wa ti kuMosi, Mina mkwe wako, uJetro, ngi ze kuwe nomkako namadodana ake amabili.
7uMosi wa puma wa ya kumhlangabeza umkwe wake, wa kuleka kuye, wa m anga; ba buzana ukuhlala kwabo; ba ngena etenteni.
8uMosi wa m landisa umkwe wake konke a be kwenzile uJehova kuFaro na kubo abasEgipite ngenxa yabaIsraeli, ukuhlupeka konke okwa behlela endhleleni, nokuti uJehova wa e ba sindisile.
9uJetro wa tokoza ngako konke okuhle uJehova a be kwenzile kubaIsraeli, ukuti, wa e ba sindisile esandhleni sabasEgipite.
10uJetro wa ti, Ka bongwe uJehova o ni sindisile esandhleni sabasEgipite, na sesandhleni sika Faro, o ba sindisile abantu pansi kwesandhla sabasEgipite.
11Kaloku ngi yazi ukuti uJehova mkulu ku nabo bonke otixo, yebo, ngaloko aba zikukumeza kubo ngako wa bahlula.
12uJetro, umkwe ka Mosi, wa m tabatela uTixo umnikelo wokutyiswa nemihlatyelo; weza uAroni nezikulu zabaIsraeli, ukuba ba dhle ukudhla nomkwe ka Mosi pambi kuka Tixo.
13Kwa ti ngangomso uMosi wa e hlala ukuteta amacala abantu; abantu bema kuMosi iloku kwa sa kwa za kwa hlwa.
14Umkwe ka Mosi wa bona konke uMosi a kwenzela abantu, wa ti, Ku ini loku o kwenzela abantu? U hlalelani wedwa, abantu bonke bemi kuwe iloku kwa sa ku ze ku hlwe?
15uMosi wa ti kumkwe wake, Ngokuba abantu beza kimi ukubuza kuTixo.
16Uma be nendaba beza kimi, ngi teta amacala abo; ngi ya bazisa izimiso zika Tixo, nemiteto yake.
17Umkwe ka Mosi wa ti kuye, A ku lungile loku o kwenzayo.
18U ya kupela mandhla, wena na lababantu aba nawe; ngokuba loku kunzima kuwe; a u namandhla okukwenza u wedwa.
19A ku lalele izwi lami, ngi ku luleke, uTixo a be nawe; Mela abantu pambi kuka Tixo, u lete amacala abo ku Tixo;
20U ba fundise izimiso nemiteto, u ba tyengise indhlela e nga be hamba ngayo, nomsebenzi e nga be wenza.
21Keta kubantu bonke, amadoda ahlakanipileyo, a m esabayo uTixo, amadoda a qinisileyo, a zonda ukufuya ngenkohliso; u wa beke pezu kwabo, a be izinduna zenkulungwane, izinduna zekulu, izinduna zamashumi mahlanu, nezinduna zeshumi;
22A bo teta amacala abantu ngezikati zonke; ku ti, ba lete kuwe onke amacala amakulu, kepa ba tete bona onke amacala amancinyane; kona ku ya kuba lula kuwe; a ba hlanganyele umsebenzi nawe.
23Uma wenza loku, noTixo e ku yala kona, u ya kuba namandhla okuma, na lababantu bonke ba ya kubuyela emakaya abo be nokutula.
24uMosi wa lalela izwi lomkwe wake, wa kwenza konke a be ku tyilo.
25uMosi wa keta pakati kwabo bonke abaIsraeli amadoda a hlakanipileyo, wa wa beka a be izikulu pezu kwabantu, izinduna zenkulungwane, izinduna zekulu, izinduna zamashumi amahlanu, nezinduna zeshumi.
26Ba teta amacala abantu ngezikati zonke; amacala amakulu ba wa leta kuMosi, kepa onke amacala amancinyane ba wa teta bona.
27uMosi wa m valelisa umkwe wake; wesuka wa buyela ezweni lakubo.