1UJEHOVA wa tyo kuMosi na kuAroni, ezweni la sEgipite, wa ti,
2Lenyanga i ya kuba eyokuqala ezinyangeni kini, inyanga yokuqala yomnyaka kini.
3Yityoni kuwo wonke umhlangano wa kwa Israeli, ni ti, ngosuku lweshumi lwa lenyanga, a ba tabate, ku be ilowo a tabate iundhlu, njengezindhlu za oyise, iundhlu ngendhlu.
4Uma abendhlu be nga laneli iundhlu, umninindhlu ka hlangane nowakelene naye, ba li tabate njengobuningi babantu; no bala abantu bendhlu ngabanye njengokudhla kwabo.
5Iundhlu lenu a li pelele li be elenduna, eli nomnyaka munye; no li tabata ezimvini, na sezimbuzini.
6Ni ya kulilondoloza ku ze ku fike usuku lweshumi nane lwa lenyanga; kona ibandhla lonke lomhlangano wa kwa Israeli li ya kulihlaba kusihlwa.
7A ba tabate igazi, ba li bece ezinsikeni zombili zomnyango, na pezulu otini lomnyango ezindhlini aba ya kulidhlela kuzo.
8A ba dhle inyama ngalobobusuku, yosiwe ngomlilo, ba ya kuidhla nesinkwa esi nga vutyelwe kanye nemiti ebabayo.
9Ni nga i dhli i se luhlaza, nepekwe ngamanzi; a no i dhla yosiwe ngomlilo, ikanda lalo, kanye namanqina alo nemibilini yalo.
10Ni nga shiyi uto lwalo kuze ku se; okuseleyo kwa za kwa sa ni ya kukutyisa ngomlilo.
11A no li dhla ngokunje; izinkalo zenu zi botyiwe, izicatulo zenu zi sezinyaweni zenu, ni pete udondolo ngesandhla, ni dhle ngamandhla; ku ipasika lika Jehova.
12Ngi ya kudhlula ezweni la sEgipite ngalobobusuku, ngi bulale amazibulo onke ezweni la sEgipite, abantu nezinkomo; ngi ya kulahla otixo bonke ba sEgipite; ngi nguJehova.
13Igazi li ya kuba isiboniso kini ezindhlini eni kona kuzo; nxa ngi bona igazi, ngi ya kunidhlula; ku nga bi ko kini isifo esibulalayo, nxa ngi bulala izwe la sEgipite.
14Lolusuku lu ya kuba isikumbuzo kini; ni ya kulugcina lu be umhlangano kuJehova; no lu gcina ezizukulwaneni zenu, ku be umteto onganqamukiyo.
15A no dhla isinkwa esi nga vutyelwe izinsuku ezi isikombisa; yebo, ngosuku lokuqala no i kipa imvubelo ezindhlini zenu; lowo o suka a dhle isinkwa esivutyelweyo, ku suka osukwini lokuqala ku ze ku fike olwesikombisa, u ya ku nqunywa yena kuIsraeli,
16Ngosuku lokuqala a ni be nomhlangano ongcwele, na ngosuku lwesikombisa a ni be nomhlangano ongcwele, a ku nga setyenzwa ngazo, kepa ni nga sebenza oku dhliwayo abantu kupela.
17A no gcina umhlangano wesinkwa esi nga vutyelwe; ngokuba ngalolosuku nga kipa amabandhla enu ezweni la sEgipite; no gcina lolosuku ezizukulwaneni zenu, ku be umteto o nga nqamukiyo.
18Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane kusihlwa, a no dhla isinkwa esi nga vutyelwe, ku ze ku fike usuku lwamashumi mabili lwenyanga kusihlwa.
19Izinsuku a zi be isikombisa ku nga funyanwa imvubelo ezindhlini zenu; lowo o suka a dhle oku vutyelweyo u ya kunqunywa yena ebandhleni la kwaIsraeli, noma e ngowezizwe, noma e ngozelweyo ezweni la kini.
20Ni nga dhli luto olu vutyelweyo; ezindhlini zonke zenu a no dhla isinkwa esi nga vutyelwe.
21uMosi wa biza izikulu zonke za kwaIsraeli, wa ti kuzo, Hambani ni tabate izimvu njengobuningi bezindhlu zenu, ni hlabe ipasika.
22Ni tabate isitungu sehisope ni si fake egazini eli sesityeni, ni bece pezulu otini lomnyango na sezinsikeni zombili zomnyango, ngegazi eli sesityeni; a ku nga pumi muntu kini emnyango wendhlu yake ku nga ka si.
23uJehova u ya kudhlula ukuba a bulale abasEgipite; nxa e bona igazi eli sotini pezulu na sezinsikeni zombili, u ya kudhlula umnyango, a nga vumi ukuba umbulali a ngene ezindhlini zenu ukubulala.
24A no gcina loku ku be umteto kuwena na kubantwana bako ku ze ku be pakade.
25A ku ti, nxa ni fikile ezweni, a ya kuninika lona uJehova, njengokutyo kwake, a no gcina lomsebenzi.
26A ku ti, nxa abantwana benu be ti kini, Nenzani nga lomsebenzi?
27A no ti, Kumhlatyelo wepasika lika Jehova, owa dhlula izindhlu zabaka Israeli Egipite, msukwana e bulala abasEgipite, wa sindisa izindhlu zetu. Abantu ba kotoma, ba kuleka.
28AbakaIsraeli ba ya, benza njengokutyo kuka Jehova kuMosi na kuAroni; benza njalo.
29Kwa ti pakati kobusuku uJehova wa bulala amazibulo onke ezweni la sEgipite, izibulo lika Faro owa e hlezi esihlalweni sake, nezibulo lesibotywa esi setilongweni, namazibulo onke ezinkomo.
30uFaro wa vuka ebusuku, yena nezinceku zonke zake, nabasEgipite onke; kwa ku kona ukukala okukulu Egipite; ngokuba kwa ku nge ko indhlu lapo kwa ku nge ko kona ofileyo.
31Wa ba biza oMosi noAroni ebusuku, wa ti, Sukani, ni pume kubantu bami, nina nabaka Israeli; hambani, ni konze uJehova, njengokutyo kwenu.
32Tabatani izimvu zenu nezinkomo zenu, ni hambe; kepa ngi busise.
33AbasEgipite a qinisa abantu ukuba ba tyetye, ba ba kipe ezweni; ngokuba ba ti, sa fa sonke.
34Abantu ba tabata inhlama e nga ka vutyelwa, izitya zabo zezinkwa zi botywe ndawonye nezingubo zabo emahlombe.
35Abaka Israeli benza njengokutyo kuka Mosi; ba cela kuwo abasEgipite izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo.
36uJehova wa benzela abantu umusa emehlweni abasEgipite, a ba pa; ba wamuka abasEgipite.
37AbakaIsraeli besuka eRamesi ba ya ba fika eSukoti, ku nga ti abantu aba izinkulungwane ezi makulu a isitupa aba hamba ngezinyawo, be ngamadoda ngapandhle kwabantwana.
38Kwenyuka nabo umbonda wabantu bonke; nezimvu nezinkomo, imfuyo eningi kakulu.
39Ba peka isinkwa esi nga vutyelwe ngenhlama, aba puma nayo Egipite, ngokuba ya i nga vutyelwanga; loku ba xotywa Egipite, ba be nge nakulibala futi ba be nga zilungiselanga ukudhla.
40Ukuhlala kwabakaIsraeli, aba ku hlalayo Egipite, kwa ku iminyaka emakulu mane namashumi matatu.
41Kwa ti ekupeleni kweminyaka emakulu mane namashumi matatu; kwa ti ngalolosuku amabandhla onke ka Jehova a puma ezweni la sEgipite.
42Bu ubusuku bokugcinelwa uJehova ngokubakipa ezweni la sEgipite; loku bu ubusuku bokugcinelwa uJehova ibo bonke abaka Israeli ezizukulwaneni zabo.
43uJehova wa ti kuMosi na kuAroni, Loku ku umteto wepasika; Ka nga dhli owesizwe.
44Kepa zonke izisebenzi ezi tengwe ngemali, uma zi sokiwe, a zi li dhle.
45A li nga dhliwa owezizwe nosebenzela imali.
46Li ya kudhliwa endhlininye; u nga pumeli ngapandhle kwendhlu nezana lenyama; ni nga puli natambo lalo.
47Umhlangano wonke wa kwaIsraeli a u li hlabe.
48Nxa owezizwe, o hlezi kuwe e za kumhlabela uJehova ipasika, abesilisa bonke bake a ba soke, kona a nga sondela a li hlabe; u ya kuba njengozelweyo ezweni lakini; kepa ka nga li dhli muntu o nga sokiwe.
49Ko ba kona umteto munye kozelweyo ezweni la kini, na kowezizwe o hlala pakati kwenu.
50Bonke abakaIsraeli benza njengokutyo kuka Jehova kuMosi na kuAroni, benza njalo.
51Kwa ti nga lolosuku uJehova wa kipa abaka Israeli ezweni la sEgipite ngamabandhla abo.