1LAWA a ngamagama abantwana baka Israeli, aba, fika Egipite noJakobe: kwa ilowo, wa fika nendhlu yake:
2uRubeni, uSimeoni, uLevi no Juda,
3uIsakari, u Zebuloni noBenjamini,
4uDani, noNaftali, uGadi noAsheri,
5Bonke abantu aba puma okalweni luka Jakobe ba be ngabantu aba amashumi a isikombisa; uJosefa wa e se kona Egipite.
6Wa fa uJosefa, nabo bonke abafo wabo, naso sonke lesosizukulwane.
7Abantwana baka Israeli ba zala, banda, ba ba baningi, ba vama kakulu kakulu, izwe la gcwala ibo.
8Kwa vela inkosi entya Egipite eya i nga m azi uJosefa.
9Ya ti kubantu bayo, Bhekani, abaka Israeli baningi, ba namandhla ku nati.
10Minani, a si ba hlakanipele, funa bande, ku ze ku ti, nxa ku liwa, ba hlangane nezita zetu, ba lwe nati bemuke ezweni.
11Ba ba misela izinduna zokubamela, ukubahlupa ngemisebenzi yabo. Ba m akela uFaro imizi yokubekelela, iPitomi neRamesesi.
12Kepa ngokubahlupa kwabo, kwaba ikona banda be vama. Ba ba novalo ngenxa yabaka Israeli.
13AbasEgipite ba ba sebenzisa ngamandhla abaka Israeli.
14Ba benza ba hlala ngokuhlupeka ngemisebenzi esindayo, odakeni, na sesitinini, na sekusebenzeni konke emasimini; kwa sinda imisebenzi yonke aba ba sebenzisa yona.
15Inkosi ya sEgipite ya tyo kubabelitisi, bamaHeberu (igama lomunye la li nguShifra, elomunye la li nguPua,)
16Ya ti, Nxa ni beletisa amaHeberu, bhekani ni se sezihlalweni, uma ku umfana, a no m bulale, uma ku intombazana, a i pile.
17Kepa ababeletisi ba m esaba uTixo, a benzanga njengokutyo kwenkosi ya sEgipite kubo; ba ba sindisa abafana.
18Inkosi ya sEgipite ya biza ababeletisi, ya ti kubo, Nenzeleni loku na? ukupilisa abafana.
19Ababeletisi ba ti kuFaro, abafazi bamaHeberu ka ba fani nabafazi ba sEgipite, ba namandhla, ba beleta e nga ka tiki kuwo umbeletisi.
20uTixo wa ba pata kahle ababeletisi, abantu banda, ba vama kakulu.
21Kwa ti, ngokuba ababeletisi ba m esaba uTixo, wa bakela izindhlu.
22uFaro wa ba yala abantu bake bonke, e ti, Abafana bonke abazalwayo ba ponseni emfuleni, ni pilise amantombazana onke.