1NGENYANGA yeshumi nambili e nguAdare ngosuku lweshumi nantatu lwayo kwa sondela o kwenziwa lapo kwezwi lenkosi, nomteto ngosuku izita zabaJuda e za temba ukuba zi be namandhla pezu kwabo, noko kwa pendulwa kwa ti abaJuda ba ba namandhla pezu kwabo aba ba ondayo;
2AbaJuda ba butanela emizini yonke yamazwe onke enkosi uAhashurosi, ukusolula isandhla kubo abafuna ukubonakalisa kwa ku ngeko umuntu o namandhla ukuma pambi kwabo ngokuba ukubesaba kwehlela abantu bonke.
3Nabo bonke ababusi bamazwe, namakosi awo, nezinduna nezikulu izisebenzi zenkosi za siza abaJuda ngokuba ukwesaba uMordekai kwa behlela.
4Ngokuba uMordekai wa be mkulu endhlini yenkosi, nodumo lwake lwa hamba emazweni onke; ngokuba lomuntu uMordekai wanda, wa kula njalo.
5AbaJuda ba tyaya zonke izita zabo ngokutyaya kwenkemba nangokubulala nokububisa benza njengokutanda kwabo kwa ba zondana nabo.
6Enqabeni eShushani, abaJuda ba bulala, ba bubisa abantu aba makulu a isihlanu.
7uPashandata, noDalfoni, noAspata,
8uPorata, noAdalia, noAridata,
9uPamashta, noArisai, noAridai, noVajezata,
10Amadodana a yishumi a ka Hamani indodana ka Hamedatha, isita sabaJuda ba wa bulala kodwa aba bekanga isandhla empangweni.
11Ngalolu 'suku kwa ziswa pambi kwenkosi umumo wabo aba be bulewe eShushani komkulu.
12Inkosi ya ti kuye uEsetere inkosikazi, AbaJuda ba bulele ba bubisa eShushani komkulu amadoda amakulu a isihlanu kanye namadodana a ishumi a ka Hamani, benze ntoni kwamanye amazwe enkosi na? Ukukuleka kwabo ku ini na? Ku ya kuvunyelwa; ukucela kwako kuni? ku ya kwenzeka.
13uEsetere wa ti uma ku kuhle enkosini ma ku vunyelwe abaJuda aba kona eShushani benze ngomso futi njengawo umteto wa namhla namadodana a ishumi aka Hamani a ka panyekwe emtini.
14Inkosi ya ti, ma kwenziwe; nomteto wa vela eShushani; ba panyeka amadodana ka Hamani a ishumi.
15NabaJuda aba kona eShushani ba butana ngosuku lweshumi nane lwenyanga uAdare ba tyaya amadoda amakulu matatu eShushani kodwa a ba beka isandhla empangweni.
16Abanye abaJuda aba be semazweni enkosi ba butana ndawonye ba mela ukupila kwabo ba pumula eziteni zabo, ba zi bulala izita ezi izinkulungwane ezi mashumi a yisikombisa nesihlanu, kodwa empangweni a ba bekanga izandhla.
17Ngosuku lweshumi nantatu lwenyanga uAdare na ngosuku lweshumi nane lwayo ba pumula ba lwenza lu be usuku lokudhla nolokujabula.
18NabaJuda aba be seShushani ba butana ngolweshumi nantatu na ngolweshumi nane lwayo ngolweshumi nesihlanu ba pumula ba lwenza lu be usuku lokudhla nokujabula.
19Ngako abaJuda aba be semizaneni aba be hlezi emizini e nge nazo izindonga zamatye ba lwenza usuku lweshumi nane lwenyanga uAdare lwa ba usuku lokujabula, nolokudhla, nosuku oluhle, nolokutumelana izabelo.
20uMordekai wa zi bala lezi zinto, wa tuma izicwadi kubaJuda bonke aba semazweni onke enkosi uAhashurosi aba seduze naba kude.
21Ukukumisa loko kubo, ukuba ba lu gcine olweshumi nane lwenyanga uAdare nolweshumi nesihlanu lwayo, iminyaka ngeminyaka.
22Njengemisuku abaJuda a ba pumula ngayo eziteni zabo nenyanga e ya guqulwa kubo ekudabukeni ya ba ukutokoza na sekulileni lwa ba usuku olumnandi, ukuba ba zenza zi be izinsuku zokudhla, nokujabula, nezokutumelana izabelo, nezipo kwabampofu.
23AbaJuda ba vuma ukwenza njengokuba ba se be qalile, nanjengako uMordekai a e ku balele bona.
24Ngokuba uHamani indodana ka Hamedetha, umAgagi isita sabo bonke abaJuda e be cebile ngabaJuda ukubabubisa e benzile iPuri oku inkato ukubaqeda, nokubabubisa;
25Kepa qede uEsetere eze pambi kwenkosi wa yala ngezincwadi ukuba icebo lake a e li cebile ngabaJuda li buyiselwe pezu kwekanda lake nokuba yena namadodana ake ba panyekwe emutini.
26Ngako ba biza lezozinsuku ukuti iPurime njengegama iPuri; Ngenxa yawo onke amazwi a lencwadi nangenxa yaloko aba be ku bonile ku lendaba naloko o kwa ku behlele.
27AbaJuda ba misa, bamkela nenzalo yabo nabo bonke aba zihlanganisa kubo ukuba ku nga puti kodwa ba zi gcine lezi zinsuku ezimbili njengokubalwa kwazo nanjengesikati esimisiweyo sazo, iminyaka yonke.
28Na lezo zinsuku zi ya kukunjulwa zi gciniwe izizukulwane zonke, imindeni yonke, emazweni onke, nemizi yonke, nokuba lezo zinsuku zePurime zi nga puti pakati kwabaJuda nokukunjulwa kwazo ku nga peli enzalweni yabo.
29uEsetere, inkosikazi intombi ka Abihaili noMordekai umJuda ba bala ngamandhla onke ukuqinisa lencwadi yesibili yePurime.
30Naye wa tuma izincwadi kubaJuda bonke emazweni a ikulu namashumi amabili nesikombisa ombuso ka Ahashurosi kanye namazwi okutula neqiniso futi.
31Ukuba ku qiniswe lezozinsuku zePurime ezikatini zazo, njengokuba uMordekai umJuda, noEsetere inkosikazi, ba be zimisile nanjengokuba ba be zimisele bona nenzalo ya kubo ezi izindaba zokukala nokuzila.
32Izwi lika Esetere la qinisa lezi zindaba zePurime; kwa lotywa nasencwadini.