1UBANI o njengohlakanipileyo na? nowazi ukuhlazulula izwi? Ukuhlakanipa komuntu ku ya kanyisa ubuso bake, nobulukuni bobuso bake bu ya ku guqulwa.
2Mina mlomo wenkosi ngi ya ku yala kahle njengesifungo sika Tixo.
3U nga tyetyi ukupuma ebusweni bayo u nga qinisi indaba embi ngokuba u ya kwenza loko a ku tandayo.
4Lapa li kona izwi lenkosi, a kona amandhla: ubani o nga tyo kuye intoni o yenzayo na?
5O gcinayo isiyalezelo a ka yi ku zwa into embi kanti ohlakanipileyo enhliziyweni u ya qonda isikati, nokwahlulela,
6Ngokuba kuwo wonke umsebenzi si kona isikati nokunqunywa kwawo, ngako ububi bomuntu bukulu pezu kwake.
7Ngokuba e nga kwazi loko oku ya ku ba kona: ubani o nga m tyela ukuba ko ba kona nini?
8Amuko umuntu o namandhla pezu komoya uku wu bamba: a ka namandhla osukwini lokufa: akuko ukusinda ku loku kulwa nobubi a bu nako uku ba kulula aboni.
9Loku konke ngi ku bonile lapo nga yi bekisisa inhliziyo yami emsebenzini wonke o wenziweyo pansi kwelanga, ukuti si kona isikati lapo umuntu u ya busa omunye umuntu ku be ukuzilimaza kuye.
10Njalo ngi bonile ababi be mbelwa aba be vela, be muka endaweni e yingcwele, bona ba kohlakala emuzini lapo ba benze njalo: Loku ku ize.
11Loku ukwahlulela umsebenzi omubi ku nga nqunywa ngokuzuma, ngako inhliziyo yamadodana abantu i gcwele imicabango yokubi.
12Noma isoni sona, ku pindwe ku ze ku be ikulu nezinsuku zaso zenezelwa kanti noko ngi yazi impela ko ba kuhle kubona aba m sabayo uTixo, besaba pambi kwake.
13Kodwa a ku yi ku ba kuhle kwababi a ba yi ku zenezela izinsuku zabo, ezi njengetunzi ngokuba a ba m sabi uTixo.
14Ku kona oku ize okwenziweyo emhlabeni ukuti ku kona abalungileyo abehleiwa umsebenzi o njengo wababi: futi ku kona ababi abehlelwa umsebenzi o njengo wabalungileyo: Ngi ti loku ku ize.
15Konake nga babaza ukwenama ngokuba umuntu e nge nako okuhle pansi kwelanga ku nokudhla a puze a tokoze ngokuba loko ku ya kuhlala kuye emisebenzini yake imihla yokupila kwake, a ku piweyo uTixo ngapansi kwelanga.
16Msukwana nga yi bekisisa inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipa, nokuqonda umsebenzi o wenziweyo emhlabeni: (ngokuba ku kona o nga boniyo ubutongo ngamehlo ake imini nobusuku:)
17Nga kangela umsebenzi wonke ka Tixo, umuntu a nge u fumane umsebenzi owenziweyo pansi kwelanga, loku nokuba umuntu e zama nku u funisisa a ka yi ku u fumana, yebo futi noma ohlakanipileyo e ti ngi ya wazi noko a ka yi ku ba namandhla uku wazi.