ISAHLUKO 6
1KU kona ububi e ngi bu bonileyo pansi kwelanga; bu nzima kubantu.
2Ukuba umuntu uTixo e m nikile ingcebo nemfuyo nodumo a ze a nga sweli luto kuko konke umpefumlo wake oku tandayo, kodwa uTixo, a ka m niki amandhla oku kudhla kanti ku dhliwa owezizwe. Loku ku ize, isifo esikulu, esibi.
3Noma umuntu e zala amadodana a ikulu noma e pila iminyaka eminingi ewe ukupila kwake kwenezelwa ku be izinsuku e zi nge nakubalwa, umpefumlo wake u nga koleki okuhle, u nga bi natuna: ngi ti ozelwe ku nga ka bi isikati muhle impela ku naye.
4Nokuba u ya vela e ize, a muke ebumnyameni negama lake li ya ku sityekelwa ubumnyama.
5Nokuba a zange a li bone ilanga nokuba e nga zange azi luto u nokupumula kahle, kunalowo.
6Yebo, nokuba e pila iminyaka e inkulungwane ku pindwe kabili e nga zange a bone okuhle. A ba yi endaweni inye bonke na?
7Konke umuntu a ku sebenzayo ku okomlomo wake noko isisu sake a si suti.
8Ohlakanipileyo u nantoni ku nesiula na? nompofu okwaziyo ukuhamba pambi kwabapilileyo na?
9Kuhle ukubona kwamehlo ku nokuzula kompefumlo: Loku ku ize inkatazo yenhliziyo.
10Loku into e se iko se kade ya qanjwa negama layo li yaziwa ukuba ku umuntu, nokuba a nge pike nonamandhla ku naye.
11Loku amazwi maningi anda ngeze, umuntu u nanzuzoni na?
12Ubani owaziyo loku oku fanele umuntu ku loku kupila na? izinsuku zonke zokupila kwake oku ize, a zi qedayo njengetunzi? Ubani o nga tyela umuntu loku oku ya kuba kona emva kwake pansi kwelanga na?
Bible Society of South Africa 1893