1KUMBULA umenzi wako ezinsukwini zobutya bako, zi nga ka fiki izinsuku zokubi neminyaka i nga ka sondeli lapo u ya kuti a ngi nako ukutokoza kuyo;
2Ku nga kenziwa mnyama ilanga, nokukanya, nenyanga, nezinkanyezi namafu e nga ka buyeli emva kwemvula.
3Ngosuku lapo abalindi bendhlu be ya ku tutumela, nabanamandhla be ya ku zitoba, nabasili be ya ku yeka ngokuba be yi ncosana, nabakangelayo ngezibuko be ya ku fipala.
4Neminyango yo valwa ezitiratini nxa umsindo wokusila u su ncipile, u ya kwetuswa ukukala kwenyoni, namadodakazi okuhlabelela onke a ya ku totyiswa.
5Esikatini lapo be ya kwesaba okupakamileyo, nezesabiso zi ya kuba sendhleleni, nomuti wealmondi u ya ku kahlela, nentete i ya kuba umtwalo nentando i pele, ngokuba umuntu u ya ekaya lake eli pakade, nabalilayo ba ya ku zula ezitiratini.
6I nga ka tukululwa intambo yesiliva, nendebe yegolide i nga ka pulwa, nembiza i nga ka fi emtonjeni, nesondo, endaweni yamanzi.
7Kona umhlabati u ya kubuyela emhlabatini njengokuba wa u njalo nomoya wo buyela kuTixo o wa u nikayo.
8Ize leze, u tyo umshumayeli; konke ku ize.
9Futi ngokuba umshumayeli e be hlakanipile wa ba fundisa abantu ukwazi yebo, wa bekisisa wa funa wa lungisa, amazwi okuhlakanipa amaningi.
10Umshumayeli wa linga ukufumana amazwi a faneleyo, loku o kwa lotywa kwa ku lungile, amazwi eqiniso.
11Amazwi abahlakanipileyo a njengezinciji, nezipikili ezimiswa aba pati bemihlangano a ba vela kumalusi munye
12Futike, ndodana yami ma u lulekwe iloku. Akuko ukupela ngokuzenza izincwadi eziningi, nokufunda okuningi ku inkatazo yenyama.
13A si zwe ukupela kwendaba yonke: Mesabe uTixo u zi gcine izimemezelo zake. Loku ku iko konke kumuntu.
14Ngokuba uTixo wo zisa imisebenzi yonke ekwahluleni kanye nako konke oku fihliweyo nokuba kuhle nokuba kubi.