ISAHLUKO 11
1PONSA isinkwa sako emanzini ngokuba u ya ku si fumana emva kwezinsuku eziningi.
2Yabela aba isikombisa naba isishiyalombili ngokuba a u kwazi okubi o ku ya kuba kona emhlabeni.
3Uma amafu e gcwele imvula a ya i tela emhlabeni uma umuti u wile nga seningizumu noma nga senyakato endaweni o wele kuyo u ya kuhlala kona.
4O lindayo umoya a ka yi ku hlwanyela nobekisisayo amafu a ka yi ku vuna.
5Njengokuba u nga yazi indhlela ka moya ukuba i njani, nokuba amatambo kula kanjani esiswini somitiyo? a u yazi nemisebenzi ka Tixo o dabula konke.
6Kusasa hlwanyela imbeu yako na kusihlwa u nga buyisi isandhla sako ngokuba u ngazi ukuba i ipi e ya ku ba nenhlanhla noma i le, noma i leya noma zombili zi ya ku ba zinhle.
7Impela ukukanya ku mnandi, nokubona ilanga ku into enhle emhlabeni.
8Kodwa uma umuntu e pila iminyaka eminingi e jabula kuyo yonke, noko ka kumbuli izinsuku zobumnyama, ngokuba zi ya kuba ziningi. Konke okuzayo ku ize.
9Jabula nsizwa ebutyeni bako; ma i ti inhliziyo yako i ku tokozise ezinsukwini zobutya bako, u hambe ezindhleleni zenhliziyo yako, na sebusweni bamehlo ako, wazike kodwa ukuba ngenxa yako konke loko uTixo u ya ku ku yisa ekwahluleni.
10Ngako susa ukudabuka enhliziyweni yako u lahle okubi emzimbeni wako ngokuba ubuntwana nobutya bu ize.
Bible Society of South Africa 1893