1ZONKE izimemezelo e ngi kuyala ngazo namuhla ni ya kuziqonda ni zenze, ni ze ni pile, nande, ni ngene ni fuye izwe ela fungelwa koyihlo benu uJehova.
2U ya kukumbula konke ukukuhola kwake uJehova nga leminyaka e amashumi amane ehlane, uku kutobisa, noku ku linga, nokwazi oku senhliziyweni yako, uma u ya kuzigcina izimemezelo zake, noma a ku yi ku ba njalo na.
3Wa ku tobisa, wenza ukuba u lambe, wa ku pa imana, o wa u nga lazi, nela li ngaziwa oyihlo benu; ukuba a kwazise ukuti umuntu a ka pili ngesinkwa sodwa, kodwa u pila ngawo onke amazwi a puma emlonyeni kaJehova.
4Izingubo zako a zi ku gugelanga nonyawo lwako a lu vuvukalanga, nga leminyaka e ngamashumi amane.
5U qonde futi enhliziyweni yako, ukuba, njengo muntu e luleka indodana yake, njalo uJehova uTixo wako u ya ku luleka nawe.
6Ngako u ya kuzigcina izimemezelo zika Jehova uTixo wako, u hambe ngezindhlela zake, u mesabe yena.
7Ngokuba uJehova uTixo wako u ku ngenisa ezweni elihle, izwe lemifulana yamanzi, lemitombo namanzi a pupuma pansi ezigodini nasezintabeni;
8Izwe li ka kolweni, nelamabele, namavini, nemiti yamakiwane, namarimoni; izwe lamafuta omgwenya, nezinyosi;
9Izwe lapo u ya kudhla ukudhla ku nga bi ko ukudinga, a u yi ku silalelwa luto kulo; amatye alo a insimbi na sezintabeni za kona u ngemba itusi.
10Lapo se u dhlile wesuta, u ya kumbusisa uJehova uTixo wako ngokukunika kwake lelo izwe elihle.
11Qapela ukuba u nga kohlwa uJehova uTixo wako, ngokungazigcini izimemezelo zake, nokwahlula kwake, nemiteto yake, e ngi ku yala ngako namuhla.
12Funa lapo se u dhlile wesuta, se u zakile izindhlu ezinhle, u hlala ku zo;
13Na lapo imihlambi yako yezinkomo neyezimvu se yandile, nesiliva negolide lako se li liningi nako konke o nako se kwandile;
14Inhliziyo yako i pakame, u kohlwe uJehova uTixo wako, o wa ku kipa ezweni la sEgipite, endhlini yobugqili.
15O wa ku hola ku lelohlane elikulu nelesabekayo, lapo kwa ku kona izinyoka zomlilo, nofezela, nendhlala, lapo kwa kungeko manzi; o wa ku vezele amanzi etyeni lensimbi;
16O wa ku pilisa ehlane, ngemana e la li ngaziwa oyihlo benu, ukuze a ku tobise, a ku linge, ukukulungisa ekupeleni kwako;
17U tyo enhliziyweni yako, u ti, Amandhla ami, namandhla ezandhla zami, a ngi nikile lemfuyo.
18Kodwa u ya kumkumbula uJehova uTixo wako; ngokuba amandhla okuzuza imfuyo u wa piwa uyena, ukuze a qinisele isivumelwano a si fungayo koyihlo, njenga namuhla.
19Ku ze ku ti, uma u kohlwa uJehova uTixo wako, u landela ezinye izitixo, u zi konze, u zi dumise, Ngi ya ku fakazela namuhla, ukuba u ya kufa impela.
20Njengezizwe ezi bulewe uJehova ngapambi kwenu, njalo ni ya kufa nani; ngokuba a ni li lalelanga izwi lika Jehova uTixo wenu.