1UMOSI wa biza bonke abaIsraeli, wa ti kubona. Yizwani, baIsraeli, imiteto nemiyalo e ngi i kuluma ezindhlebeni zenu namuhla, ukuba ni i funde, ni i bambe, ni yenze.
2uJehova uTixo wetu wenza isivumelwano nati eHorebe.
3uJehova a ka senzanga lesi sivumelwano na obaba betu, wa senza nati, tina e si kona lapa sonke namuhla si pilile.
4uJehova wa kuluma kinina ni bhekene entabeni ngapakati komlilo.
5(Mina ngema emkatini ka Jehova nani ngalesosikati, ukunikombisa izwi lika Jehova; ngokuba na nesaba nina ngenxa yomlilo, a nenyukela entabeni) e ti.
6Mina ngi uJehova uTixo wako, o ku kipileyo ezweni lasEgipite, endhlini yobugqili.
7U nga bi nabo oTixo abanye ngapandhle kwami.
8U nga zenzeli umfanekiso o baziweyo, nomfanekiso wento e sezulwini, pezulu, ne semhlabeni pansi, ne semanzini pansi komhlaba.
9U nga kotami kuyo, u yi konze; ngokuba mina Jehova uTixo wako ngi uTixo o nomona, ngehlisela izono za oyise pezu kwabantwana, esizukulwaneni sesitatu ne sesine sabangizondayo.
10Ngi bonakalisa umusa ezinkulungwaneni zabangitandayo, na ba gcina izimemezelo zami.
11U nga li pati igama lika Jehova uTixo wako ngeze; ngokuba uJehova a ka yi ku m yekela o pata igama lake ngeze.
12Londa usuku lwesabata u lwenze lu be ingcwele, njengo ku kuyala kuka Jehova uTixo wako.
13Ngezinsuku ezi isitupa u ya kusebenza, u yenze yonke imisebenzi yako,
14Kodwa usuku lwesikombisa lu isabata lika Jehova uTixo wako; a u yi ku wenza umsebenzi ngalo, wena, nendodana yako, nendodakazi yako, nenceku yako, nencekukazi yako, nenkabi yako, nembongolo yako, nezinkomo zako, nomhambi wako o ngapakati kwamasango ako; ukuba inceku yako, nencekukazi yako i pumule kanye nawe.
15U kumbule ukuba wa u inceku ezweni lasEgipite, nokuba uJehova uTixo wako wa ku kipa ngesandhla esinamandhla, nangomkono o namandhla, ngako uJehova uTixo wako wa ku yala ukuba u londe usuku lwesabata.
16Hlonipa uYihlo nonYoko, njengoku ku yala kuka Jehova uTixo wako; ukuba izinsuku zako zande, ku be kuhle kuwe ezweni o li nikwa uJehova uTixo wako.
17U nga bulali.
18U nga pingi.
19U ngebi.
20U nga m fakazeli ngamanga umakelwane wako.
21U nga m fisi umfazi womakelwane wako, nendhlu yake, nensimu yake, nenceku yake, nencekukazi yake, nenkabi yake, nembongolo yake, nazo zonke izinto zomakelwane wako.
22Lawa mazwi a kulunywa uJehova kulo lonke ibandhla lenu e sentabeni e pakati komlilo, nefu, nobumnyama o bunzima, ngezwi elikulu; a ke nezelanga okunye, wa wa loba ematyeni amabili, wa ngi nika wona.
23Kwa ti, lapo ni li zwayo izwi li puma ngapakati kobumnyama obunzima (ngokuba intaba ya i vuta umlilo), na sondela kimina, izinhloko zonke zezizwe zenu, nezikulu zenu;
24Na ti, bheka, uJehova uTixo wetu u si bonisile ubungcwele bake, nobukulu bake, sa li zwa izwi lake ngapakati komlilo; si bonile namuhla ukuba uTixo u ya kuluma nomuntu, a pile.
25Ku nganike ukuba si fe na? ngokuba lomlilo omkulu u ya kusiqeda; uma si li zwa izwi lika Jehova uTixo futi, si ya kufa.
26Ngokuba ubani enyameni yonke o wa ke wezwa izwi li ka Tixo opilayo, li kuluma ngapakati komlilo, njengati, wa pila na?
27Sondela wena, u zwe konke o ku kulunywa uJehova uTixo wetu; u kutyo kitina konke oku kulunywa kuwe uJehova uTixo wetu; si ya ku kuzwa si kwenze.
28uJehova wa wezwa amazwi enu, ekukulumeni kwenu kimina; Wa ti uJehova kimi, ngi li zwile izwi lamazwi a laba bantu, e li kulunywa kuwe; ba ku tyilo kahle konke aba ku kulumileyo.
29Kwa nga ti ku nga ba kona inhliziyo kubo yokungesaba, nokugcina zonke izimemezelo zami njalo, ku ze ku be kuhle kubo, na kubantwana babo ku ze ku be ngunapakade.
30Hamba u ti kubona, Buyelani kotente benu.
31Kodwa wena yima lapa nga kimina, ngi ku tyele zonke izimemezelo, nemiteto, nemiyalo, o ya kubafundisa yona, ukuba ba yenze ezweni e ngi ba nika lona ukuba ba li fuye.
32Ni kwenze ngokuqapela e ni ku yalezwa uJehova uTixo wenu ni nga pendukeli nga lapa na ngalapa.
33Ni ya kuhamba kuzo zonke izindhlela e ni zi yalezwe uJehova uTixo wenu ukuba ni pile, ku ze ku be kuhle kini, nokuba zande izinsuku zenu ezweni e ni ya kulifuya.