1UMOSI wa hamba, wa kuluma lawa mazwi kwabaIsraeli bonke.
2Wa ti kubo Namuhla iminyaka yami yokuzalwa i ikulu namashumi amabili; a ngi se nako ukuba ngi pume, ngi ngene uJehova u tyilo kumi ukuti, A u yi ku li wela iJordani;
3uJehova uTixo wako, u yena o ya ku wela ngapambi kwako, u ya kuzibulala lezi zizwe ngapambi kwako, u zi fuye; uJoshua uyena o ya ku wela ngapambi kwako, njengokutyo kuka Jehova.
4uJehova u ya kwenza kubo njengokwenza kwake kuSihoni, na kuHogi, amakosi amaAmori na kulo izwe labo, a ba bulalayo.
5uJehova u ya kubanikela, ngapambi kobuso benu, ukuba nenze kubo njengayo imiteto yonke e ngi ni yala ngayo.
6Qinani, ni me isibindi, ni ngesabi, ni nga tutumeli pambi kwabo, ngokuba uJehova uTixo wenu, uyena o hamba nawe, a ka yi ku ku dela, a ku shiye.
7uMosi wa m biza uJoshua, wa ti kuyena emehlweni aba kwaIsraeli bonke, Yiba namandhla u me isibindi; ngokuba u ya kuhamba na lababantu u ye ezweni ela fungelwa koyise babo uJehova uku ba nika lona; wena u ya kwenza ukuba ba li fuye.
8uJehova, uyena ohamba ngapambi kwako; u ya kuba nawe, a ka yi kukudela, a ka yi kukushiya; u ngesabi, u be novalo.
9uMosi wa loba lomteto, wa u nika abapristi amadodana ka Levi, a ba be twele umpongolo wesivumelwano sika Jehova, nezikulu zonke zakwa Israeli.
10uMosi wa ba yala, wa ti, ekupeleni kweminyaka e isikombisa njalo, ngesikati somhlangano womnyaka wokukululwa, ngokudhla kwamadokodo.
11Lapo abaIsraeli bonke be fikile ukubonakala ngapambi kuka Jehova uTixo wabo, endaweni a ya ku i keta yena, u ya kufunda lomteto ngapambi kwabaIsraeli bonke, ezindhlebeni zabo.
12Butela abantu ndawonye amadoda, nabafazi, nabantwana, nowezizwe o pakati kwamasango ako, ukuba be zwe, nokuba, ba mesabe uJehova uTixo wako, ba qapele ukuwenza onke amazwi a lomteto;
13Nokuba abantwana babo, a ba ngaziyo luto, bezwe, ba funde, uku mesaba uJehova uTixo wenu, ngokupila konke kwenu ezweni e ni ya kulo ngapesheya kweJordani ukulifuya.
14uJehova wa ti kuMosi, Bheka, se zi sondele izinsuku zokufa kwako; biza uJoshua, ni zibonakalise endhlini yomhlangano, ukuba ngi m yale; uMosi, noJoshua ba hamba, ba zibonakalisa endhlini yomhlangano.
15uJehova wa bonakala endhlini ensikeni yefu; insika yefu yema nga semnyango wendhlu.
16uJehova wa ti kuMosi, Bheka, u ya kulala noyihlo; lababantu ba ya kusuka ba ye ezitixweni zabangaziwayo ezweni, a ba ya kulo ukuhlala nabo, ba ngi shiye ba sapule isivumelwano engi senzileyo nabo.
17Konake ulaka lwami lu ya kubavukela nga lolosuku, ngi ya kubashiya, ngi fihle ubuso bami kubo, ba ya kudhliwa ububi nezinhlupeko eziningi zi ya ku behlela ukuze ba ti nga lolo suku, Imbala a si fikelwa i lobububi ngokuba uTixo wetu e ngeko kitina na?
18Ngi ya kubufihla impela ubuso bami nga lolosuku, ngenxa yobubi bonke a ba za kubenza, ngokuba be pendukela kwezinye izitixo.
19Manjeke zilobeleni lesisihlabelelo, ni si fundise abantwana baka Israeli; ni si beke emilonyeni yabo, ukuba lesi sihlabelelo si be ufakazi wami ngabantwana baka Israeli.
20Ngokuba lapo se ngi ba zisile ezweni e nga li fungela koyise, eli vama ubisi nezinyosi; ba dhle basute, ba kulupale; konake ba ya kupendukela kwezinye izitixo, ba zi konze, ba ngi tukutelise, ba pule isivumelwano sami.
21Ko ti, lapo ububi, nezinhlupeko eziningi se zi behlele, lesi sihlabelelo si fakaze ngabo, ngokuba a si yi kukohleke emilonyeni yenzalo yabo; ngokuba ngi ya yazi imicabango a ba yenzayo, manje, ngi nga ka ba yisi ezweni enga li fungela kubo.
22Njalo uMosi wa si loba lesisihlabelelo ngalolosuku, wa si fundisa abantwana baka Israeli.
23Wa m nika uJoshua indodana ka Nuni isiyalezo, wa ti, Yiba namandhla, u me isibindi; ngokuba u ya kubangenisa abantwana baka Israeli ezweni engi li fungele kubo; ngi ya kuba nawe.
24Kwa ti lapo uMosi e se qedile ukuloba amazwi a lomteto encwadini, a ze a pela.
25uMosi wa yala abaLevi aba be twele umpongolo wesiwumelwano sika Jehova, wa ti,
26Tatani lencwadi yomteto, ni i beke ngapakati eceleni kompongolo wesivumelwano sika Jehova uTixo wenu, i ze i be kona i be ufakazi ngani.
27Ngokuba ngi ya kwazi ukungalaleli kwako, nentamo yako elukuni; bheka noma ngi se kona nani namuhla ngi pilile, na ni meyisa uJehova, ku ya kuba kakulu kangakanani emva kokufa kwami na?
28Ngi butele zonke izikulu zezizwe zenu, nezinduna zenu, ukuba ngi kulume lawamazwi ezindhlebeni zazo, ngi bize izulu nomhlaba uku wa fakazela.
29Ngokuba ngi yazi ukuti emva kokufa kwami, ni ya kuzingcolisa impela, ni i shiye indhlela engi ni yala ngayo ububi bu ni fikele ngezinsuku zenu zokugcina, ngokuba ni ya kwenza okubi emehlweni ka Jehova uku m vusela ulaka ngenxa yemisebenzi yezandhla zenu.
30uMosi wa kuluma ezindhlebeni zebandhla lonke la kwaIsraeli amazwi a lesi sihlabelelo, a ze a pela.