1LAPO umuntu e tate umfazi, e se m ganile, ku ti ngasemva a nga tandeki emehlweni ake, ngenxa yokungcola a ku fumana kuye, ma ka m lobele incwadi yesahlukaniso, a m nike yona esandhleni sake, a m kipe endhlini yake.
2Na lapo e se pumile endhlini yake, a nga hamba, a gane omunye umuntu.
3Uma leyo ndoda yobubili i m zonda, i m nika incwadi yesahlukaniso esandhleni sake, i m kipa na sendhlini yake; noma leyo ndoda yobubili i fa, e ya i m tatile;
4Eyokuqala indoda e ya m lahlayo i nga m tati futi a be umkayo ngokuba u se ngcolisiwe ngokuba loku ku isinengiso emehlweni ka Jehova u nga ze wenze ukuba izwe lone o li nikwa uJehova uTixo wako li be ifa lako.
5Lapo umuntu e tatile umfazi omutya a nga yi empini, a nga be sa nikwa umsebenzi futi, kodwa a zihlalele ekaya lake umnyaka u be munye, a tokozise umkake a m tatileyo.
6Umuntu a nga tati etyeni lokugaya, itye eli nga pansi, noma imbokondwe, ukwenza isitembiso ngalo, ngokuba u tate ukupila ku be isitembiso.
7Uma ku funyanwa umuntu o webayo omunye umfo wabo kubantwana baka Israeli, enze umsebenzi ngaye noma e tengisa ngaye; lelo sela li ya kufa, u suse ububi kinina.
8Hlakanipani esifweni sobulepero, u bheke kahle, wenze konke o ku fundiswa abapristi nabaLevi; njengokubayaleza kwami, nani ni kwenze.
9Kumbula a kwenzayo uJehova uTixo wako kuMiriamu endhleleni, lapo be se ni pumile Egipite.
10Lapo u tyeleka umfo wenu uto, u nga ngeni endhlini yake uku landa isitembiso sake.
11Wo ma kude; umuntu o m tyelekayo, a ku kipele sona.
12Uma lowo muntu e mpofu, u nga lali naso isitembiso sake.
13Ma u si buyisele kuye ekutyoneni kwelanga, ukuba a lale ngezingubo zake; a ku busise, ku be ukulunga kuwe ngapambi kuka Jehova uTixo wako.
14Ma u nga i sindezeli inceku empofu ne dingayo, noma e ngumfo wenu, noma e ngowezizwe ezi sezweni lakini pakati kwamasango ako;
15Ngosuku lwake u m kokele imali yake, ilanga li nga ka tyoni; ngokuba umpofu yena, u beka inhliziyo yake kuko, funa a kale ngawe kuJehova, ku be isono kuwe.
16Abazali ka ba i ku bulawelwa abantwana, nabantwana ka ba i ku bulawelwa abazali; ilowo muntu u ya kubulawa ngesono sake yedwa.
17Ma u nga deli umcabango wesihambi nowongenayise; u tate izingubo zomfelokazi zi be isitembiso;
18Kodwa u kumbule ukuba wa u isibotywa Egipite, uJehova uTixo wako wa ku kulula; ngako ngi ya kuyala ukuba wenze lento.
19Lapo u vunayo ensimini yako, u kohlwa esinye isitunge ensimini, u nga si landi, ku ya kuba okwesihambi, nongenayise, nomfelokazi; ukuba uJehova uTixo wako a ku busise, kuyo yonke imisebenzi yezandhla zako.
20Lapo u bulayo umuti wako womgwenya, u nga wa pindi amagatya kabili; ku ya kuba okwesihambi, nongenayise, nomfelokazi.
21Lapo u vuna izitelo zako zewaini, u nga kotozi; ngokuba ku ya kuba okwesihambi, nongenayise, nomfelokazi,
22U kumbule ukuba wa u isibotywa ezweni lasEgipite, ngako ngi ya kuyala ukuba u yenze lento.