1UNGA yi buki inkabi, noma imvu yomfo wenu yeduka, u i shiye; ma u i buyisele kumfo wenu.
2Uma umfo wenu e ngeko eduze nawe, noma u nga mazi, u ya kuileta endhlini yako, i hlale nawe a ze a i fune umfo wenu, u buyisele kuye.
3Wenze njalo na ngembongolo yake; na ngezingubo zake, nako konke oku lahlekayo kumfo wenu, oku tolileyo wena, u ya kukwenza njalo; u nga zifihli.
4U nga i buke imbongolo, noma inkabi yomfo wenu i wa endhleleni u shiye, ma u m size impela ekuivuseni.
5Umfazi ma ka nga ku gqoki okwendoda, nendoda ma i nga ku gqoki o komfazi; ngokuba bonke abenza loko ba isinengiso kuJehova uTixo wako;
6Uma u bona isidhleke senyoni emtini ngapambi kwako, noma si pansi uma ku kona amazinyane, noma amaqanda, noma inyoni i hlezi pezu kwamazinyane, noma pezu kwamaqanda, u nga i tati inyoni namazinyane.
7Kodwa ma u i dedele inyoni u tate amazinyane ukuba ku be kuhle kuwe, zande nezinsuku zako.
8Lapo waka indhlu entya u ya kwenza utango opahleni lwako ukuba u nga vezi igazi pezu kwendhlu yako ngokuwa komuntu kona.
9U nga hlwanyeli isivini sako ngezimbeu ezimbili funa izitelo zembeu yako o i hlwanyeleyo, nezitelo zesivini zonakale.
10U nga limi ngenkabi i botyelwe kanye nembongolo.
11U nga i gqoki ingubo yezinhlobo ngezinhlobo, njeng eyoboya bezimvu i xubene nendwangu yelinini.
12U zitungele ubulwembu emipetweni emini yengubo yako o i gqokayo.
13Uma umuntu e tata umfazi, a ngene kuye, a m zonde.
14Enze ukuba ku vele indaba ngaye, a beke negama elibi pezu kwake, a ti, Nga m tata lomfazi, kwa ti e se ngi ngenile, nga bona ukuti a siyo intombi;
15Ma ba suke oyise nonina bentombi, ba yise izibonakaliso zokuti u intombi nempela, ezikulwini zomuzi ngapakati kwesango;
16Uyise wentombi u ya kuti ezikulwini, nga m nika lomuntu umtanami a be umkake, u se m zonda.
17U se vusa indaba ngaye, e ti, a ngi bu fumananga ubuntombi kumtanako; noko nazi izibonakaliso zobuntombi bomtanami, ba ya kuyendhlala indwangu ngapambi kwezikulu zomuzi.
18Izikulu za lowomuzi zi ya kumtata lowo muntu, zi m tyaye,
19Zi ya kumhlaulisa ngamashekeli esiliva a ikulu, zi wa nike uyise wentombi, ngokuba u veze igama elibi pezu kwentombi yakwa Israeli; i ya kuba umkake; a ka nakuilahla, kuzo zonke izinsuku zake.
20Kodwa uma lento i qinisile, nezibonakaliso zobuntombi bake, a zi bonakali.
21Ba ya kuikipela intombi ngasemnyango wendhlu ka yise, namadoda omuzi wa kubo a ya ku i gxoba ngamatye, i ze i fe; ngokuba yenzile okubi kwabaIsraeli, nga lobo bufebe bayo endhlini ka yise; nga loko u ya kususa okubi kinina.
22Uma umuntu e tolwa, e lele nomfazi wenye indoda, njalo ba ya kufa bobabili, indoda leyo, kanye nomfazi, nga loko u ya kususa lobububi kwabaIsraeli.
23Uma intombi i miselwe indoda, nomuntu a i rumane emzini, a lale nayo,
24Ni ya kubakipela esangweni lalowomuzi; bobabili, ni ba gxobe ngamatye ba ze ba fe; intombi ngokuba ka i kalanga, inganti i semzini; nendoda ngokuba i m tobisile umfazi womakelwane wake; njalo u ya kususa ububi kinina.
25Kodwa uma umuntu e bona intombi e miselweyo endhle a i bambe ngamandhla a lale nayo, uma ku njalo indoda i ya kufa yodwa;
26Kodwa ni ngenzi luto entombini ngokuba a i naso isono sokufa, loko ku njengomuntu o vukela umakelwane wake, a m bulale;
27Ngokuba wa i bona i sendhle, ya kala, a kwa bako umutu o nga yi sizayo.
28Uma indoda i bona umuntu o intombi, o nga ganile, i m bambe, i lale naye, ba bonwe;
29Njalo leyondoda e lala naye i ya ku nika uyise wentombi amashekeli esiliva a ngamashumi a isihlanu; i be umkake ngokuba u i tobisile, a nge m lahle zonke izinsuku zake.
30Umuntu a nga m tati umfazi ka yise, a bonakalise ubunqunu bake.