1LAPO u pumayo, ukuhlasela izita zako, u bona amahashi, nezincwele, nabantu aba ku dhlulayo ngobuningi, ma u nga besabi; ngokuba uJehova uTixo wako u nawe, o ku kipileyo ezweni lase Egipite.
2Ku ya kuti, lapo se ni fikile eduze nempi, umpristi a sondele a kulume kubantu,
3A ti, Yizwa O Israeli, ni sondele namhla ukulwa nezita zenu; Ma zi nga tambi izinhliziyo zenu, ni ngesabi, ni tutumele, netuke ibo.
4Ngokuba uJehova uTixo wenu u yena o hamba nani, ukunilwela nezita zenu, uku ni sindisa.
5Izinduna zi ya kukuluma kubantu, zi ti, U mupi umuntu o zakele indhlu entya a ka yahlukanisa na? Ma ka buyele endhlini yake, funa a fe empini, yahlukaniswe omunye umuntu.
6U mupi o tyale isivini a ka si dhla na? Ma ka buyele endhlini yake funa a fe empini si dhliwa omunye.
7U mupi umuntu o zekelwayo umfazi, a ka m tati na? ma ka buyele endhlini yake, funa a fe empini, a tatwe enye indoda.
8Izinduna zi ya kubuza, zi kulume, kubantu zi ti U mupi umuntu o wesabayo onhliziyo e pele amandhla, ma ka buyele endhlini yake funa izinhliziyo zabafo wabo zi pel amandhla injengeyake.
9Ku ya kuti lapa izinduna se zi qedile ukukuluma kubantu, zi mise izinduna zempi ukuhola abantu.
10Ku ya kuti lapo se ni fikile emzini ukulwa nawo, ni memeze ukutula kuwo.
11Ku ya kuti, uma be ni pendula ngezwi lokutula, be ni vulela, abantuke bonke abapakati ba ya kuba izinceku zenu, ba ni sebenzele.
12Kodwa uma wala ukwenza ukutula, nawo u ku hlasela, kona u ya kuwu vimbezela.
13Lapo uJehova uTixo wako e se wu nikele ezandhleni zako, u ya kubulala sonke isilisa kuwo ngenkemba?
14Kodwa abesifazana, nezingane, nezinkomo, nako konke oku semzini lowo yonke impango yawo u ya ku zitatela kona, u ya kuyidhla impango yezita zako o yi piwe uJehova uTixo wako.
15Loko u ya ku kwenza kuyo yonke imizi e kude kakulu nawe, e nge siyo imizi ya lezi zizwe.
16Kodwa emizini ya laba bantu o i nikwa uJehova uTixo wako i be ifa, a wu yi ku sindisa luto ko kupefumlayo.
17U ya kubaqeda nya; amaHiti, namaJebusi, namaAmori, namaKenani, namaPerizi, namaHivi, njengokukuyala kuka Jehova uTixo wako.
18Ukuze ba nga ni fundise amanyala abo onke a ba wenzileyo ezitixweni zabo; nani none kuJehova uTixo wenu,
19Lapo ni vimbezela umuzi isikati eside, ni wu hlasela uku wu tata, ma ni nga i gauli imiti yawo ngembazo; ngokuba mhlaumbe ni nga i dhla ni nga i nqumi, ukusebenza ngayo ekuvimbezeleni ngokuba umuti wensimu u ukupila komuntu, uku m siza empini.
20Kodwa imiti o yaziyo ukuba asiyo imiti yokudhla u ya kuinquma u i bulale; u ya kwaka izintango ngasemzini o lwa nani, u ze wahluleke.