1UMA ku vela kinina umazisi, noma umpupi wamapupo, a ni nike isibonakaliso noma isimangaliso.
2Nesibonakaliso noma isimangaliso si vela, njengokutyo kwake kuwe, e ti, ma si landele izitixo ezinye, o nga zaziyo, si zi konze;
3U nga wa laleli amazwi a lomazisi, na lowo mpupi wamapupo; Ngokuba uJehova uTixo wenu u ya ni linga, uku bona uma ni ya m tanda uJehova uTixo wenu ngenhliziyo yonke yenu na ngompefumulo wonke wenu na?
4Ni ya kumlandela uJehova uTixo wenu, ni mesabe, ni gcine izimemezelo zake, ni lalele izwi lake, ni m konze, ni namatele kuye.
5Lowomazisi nompupi wamapupo u ya kubulawa; ngokuba u lingile ukunedusa kuJehova, uTixo wenu, o ni kipileyo ezweni la sEgipite, no ni kululileyo endhlini yobugqili ukunipambukisa endhleleni e ni yalwa uJehova uTixo wenu ukuba ni hambe ngayo. Ngako ni ya kubukipa lobo bubi ngapakati kwenu.
6Uma umfo wenu, indodana ka nyoko, noma indodana yako, noma indodakazi yako, noma umkako, o sesifubeni sako, noma umhlobo wako otandekayo kakulu, e ku yenga ngasese, e ti, Ma si hambe si konze ezinye izitixo, o nga zaziyo, noyihlo benu;
7Ngi tyo izitixo zabantu aba ku haqileyo, eduze nawe, noma kude nawe, ku suke ekuqaleni kwezwe ku ze ku fike ekugcineni kwezwe.
8U nga m vumeli, u nga m laleli; u nga m dabukeli futi, u nga m yeki, u nga m tukusi.
9Wo m bulala impela; wo bulawa isandhla sako kuqala, ngasemva isandhla sabantu bonke.
10Wo m gxoba ngamatye, a fe; ngokuba u lingile uku ku hlubukisa kuJehova uTixo wako, o ku kipileyo ezweni la sEgipite, endhlini yobugqili.
11Aba ka Israeli bonke ba ya kuzwa, besabe, ba nga be be sa kwenza okubi loku kini.
12Uma u ya kuzwa komunye umuzi o wu nikwe uJehova uTixo wako ukuba wake kona, kutiwa,
13Amanye amadoda abantwana baka Beliali, a pumile kinina, a kipile abantu bomuzi wabo, e ti, Ma si hambe si konze ezinye izitixo, e ni nga zaziyo;
14U ya kubuza, u hlolisise, u buzisise; ku ti uma ku qinisile loko, na leyonto i iqiniso, nokuba leyonto embi yenzakele pakati kwenu;
15U ya kubulala impela abantu ba lowomuzi ngenkemba, u wu qede impela, nako konke oku pakati, nezinkomo zawo, ngenkemba.
16U yi butele yonke impango yawo esangweni, u wu tyise umuzi ngomlilo, nayo yonke impango, yawo ngenxa ka Jehova uTixo wako; ku be inxiwa njalo; ku nga be ku sakiwa futi.
17A ku yi kunamatela luto ku le yonto embi ezandhleni zako; ukuze uJehova a penduke ekutukuteleni kwake okukulu, a be nomusa kuwe, a ku dabukele, a kwandise, njengo ku funga kwake koyihlo benu;
18Lapo u ya kulilalela izwi lika Jehova uTixo wako, ukugcina zonke izimemezelo e ngi ku yala ngazo, namuhla, ukwenza okulungileyo emehlweni ka Jehova uTixo wako.