1UNEBUKADNEZARI inkosi wenza isitombe segolide, ukudepa kwaso ku be izingalo ezingamashumi a isitupa; wa si misa etafeni la seDura, ezweni la seBabulona.
2Lapo uNebukadnezari inkosi wa tuma ukuhlanganisa ababusi, nezidula, namaduna, nabanqumi bamacala, nabagciningcebo, nababuzeli, nabafundile emtetweni, nabo bonke ababusi bamazwe, ba be kona ekumisweni kwesitombe uNebukadnezari inkosi a si miseleyo.
3Lapo ababusi, nezinduna, namaduna, nabanqumi bamacala, nabagciningcebo, nababuzeli, nabafundile emtetweni, nabo bonke ababusi bamazwe, ba butana ekumisweni kwesitombe, uNebukadnezari inkosi a si misileyo, be ma pambi kwesitombe uNebukadnezari inkosi a si misileyo.
4Lapo ummemezi wa mema ngamandhla, Ki nina ku menyezelwa, bantu, zizwe, zilimi;
5Ngesikati ni zwa ngaso ukukala kwetilongo, nengxola, nogumbu, nenkohlisa, nomqangi, nemityingo, nezinhlobo zonke zokuvuma; ukuba ni we pansi ni dumise isitombe segolide uNebukadnezari inkosi a si misileyo.
6Ko ti yena o nga wi pansi, a dumise, ngalesosikati a ponswe pakati kwesitando somlilo ovutayo.
7Ngaloku ngalesosikati abantu bonke be zwa ngaso ukukala kwetilongo, nengxola, nogumbu, nenkohlisa, nomqangi, nezinhlobo zonke zokuvuma; abantu bonke, nezizwe, nezilimi ba wa pansi, ba dumisa isitombe segolide uNebukadnezari inkosi a si misileyo.
8Ngaloku nga lesosikati abantu abaKaldi ba sondela ba hleba abaJuda.
9Ba kuluma, ba ti, kuNebukadnezari inkosi, Nkosi mana njalo!
10Wena Nkosi u bekile isiyalezelo, ukuba bonke abantu a ba ti se be zwa ukukala kwetilongo, nengxola, nogumbu, nenkohlisa, nomqangi, nemityingo, nezinhlobo zonke zokuvuma; ba we pansi, ba dumise isitombe segolide.
11Ko ti yena o nga wi pansi, a dumise, a ponswe pakati kwesitando somlilo ovutayo.
12Ba kona abantu abaJuda o ba misile pezu kwezindaba zelizwe la seBabulona, uShadraki, noMeshaki, noAbed-nego; lamadoda a ka naki wena Nkosi, a ka konzi izitixo zako, a ka dumisi nesitombe segolide o si misileyo.
13Lapo uNebukadnezari ngolaka na ngokuvuta wa yaleza ukuzisa uShadraki, noMeshaki, noAbed-nego, ba ti ba zisa lamadoda pambi kwenkosi.
14uNebukadnezari wa kuluma wa ti ku bona, Ku ngamabomu ini Shadraki, Meshaki, noAbed-nego a ni konzi izitixo zami, nesitombe segolide e ngi si misileyo a ni si dumisi na?
15Kaloku uma ni lungile ngesikati ni zwa ngaso ukukala kwetilongo, nengxola, nogumbu, nenkohlisa, nomqangi, nemityingo, nezinhlobo zonke zokuvuma, ni we pansi ni dumise isitombe e ngi senzileyo, kuhle, kanti uma a ni dumisi sona, no ponswa ngalesosikati pakati kwesitando somlilo ovutayo; mupi loTixo o nga ni sindisa esandhleni sami na?
16oShadraki, noMeshaki, noAbed-nego, ba pendula ba ti kuyo inkosi. Nebukadnezari a si dingi tina ukupendula kuwe nga lendaba.
17Bheka u kona, uTixo wetu e si m konzayo o namandhla ukusisindisa esitandweni somlilo ovutayo, nasesandhleni sako nkosi u zo si sindisa.
18Noma e nga kwenzi, ku ya kwaziwa kuwe nkosi ukuba a si zo konza izitixo zako, nesitombe segolide o si misileyo a si zi uku si dumisa.
19Lapo uNebukadnezari wa gcwala ukuvuta, sa ti isimo sobuso bake sa nyukubala nga kuShadraki, noMeshaki, noAbed-nego; wa kuluma, wa yaleza ukubasela isitando kakombisa ngapezu kwa loku o kwa bonwa si baselwa ngako.
20Wa se e yaleza amadoda amajaha empi yake ukubopa oShadraki, noMeshaki, noAbed-nego, noku ba ponsa esitandweni somlilo ovutayo.
21Lapo lamadoda a botywa a sezingutyeni zawo, na semabantyini awo, nasekushuquleni kwawo, na sezambatwini ezinye zawo, a ponswe pakati kwesitando somlilo ovutayo.
22Ngako ngokuba isiyalezelo senkosi si be nemfuto, futi isitando sa si baselwa kakulu, ilangabi lomlilo la bulala lamadoda a tabata oShadraki, noMeshaki, noAbed-nego.
23A ti lamadoda omatatu uShadraki, noMeshaki, noAbed-nego a tyona e botyiwe pakati kwesitando somlilo ovutayo.
24Labo uNebukadnezari inkosi wa mangala, we suka masinyane, wa kuluma wa ti kuyo impakati yake; A si ponsanga ini amadoda amatatu abotyiweyo pakati komlilo? Ba pendula ba ti kuyo inkosi, U qinisile Nkosi.
25Wa pendula wa ti, Bheka, ngi ya bona amadoda amane akululekileyo a hamba pakati komlilo, futi, a ku ko ukonakala ku wona, si ti isimo seyesine si ya fana nendodana yotixo.
26Lapo uNebukadnezari wa sondela emnyango wesitando somlilo ovutayo, wa pendula wa ti, Shadraki, Meshaki, noAbed-nego, zinceku zika Tixo opakamileyo, pumani ni ze lapa. Lapo ba puma oShadraki, noMeshaki, noAbed-nego, pakati komlilo.
27Kwa ti ababusi, nezinduna namaduna nempakati yenkosi se i hlangene, ya bona lamadoda, umlilo u bu nge namandhla pezu kwemizimba yawo, ku te unwele lwamakanda awo a lu hamukanga, nezingubo zawo a zenakalanga, nokunuka komlilo a kuzanga pezu kwazo.
28Wa se e kuluma uNebukadnezari wa ti, Ma ku bongwe uTixo wabo oShadraki, noMeshaki, noAbed-nego, o tumile ingelosi yake, e sindisile izinceku zake e zi be zi temba kuye, zi pambene nezwi lenkosi, zi nikile imizimba yazo, ukuze zi nga konzi, zi dumise uTixo noyedwa ukupela uTixo wazo.
29Ngako ngi beka isiyalezelo, ukuba abantu bonke, nezizwe, nezilimi e zi kuluma okubi nga kuTixo ka Shadraki, noMeshaki, noAbed-nego, zo xotywa, nezindhlu zazo zi za kwenziwa izala, ngokuba a ku ko uTixo omunye o nga sindisa njengaloku.
30Lapo inkosi ya benza ba be ba kulu oShadraki, noMeshaki, noAbed-nego ezweni la seBabulona.