1MAKOSI, nikani izisebenzi zenu okufaneleyo nokulingeneyo, nazi ukuti, ni neNkosi ezulwini nani.
2Qinisani ekukulekeni, ni linde kuko, ni bonge;
3Ni si kulekele nati, ukuba uTixo a si vulele umnyango wezwi, si ze si shumayele imfihlakalo ka Kristu, engi botywa ngayo;
4Ukuba ngi i bonakalise njengokuba ku ngi fanele ngi shumayele.
5Hambani ngokuhlakanipa kwabangapandhle, ni bambisise isikati.
6Ukukuluma kwenu a ku be mnandi, ku yoliswa ngosaoti, ukuba nazi ukubapendula bonke ngokunifanele.
7U ya kunazisa konke okwami uTikiku, umzalwane otandekayo, isikonzi esikolekayo, isisebenzi kanye nati eNkosini;
8Engi m tumile kini ngako loku, ukuba a kwazi okwenu, a tokozise izinhliziyo zenu;
9Ngi m tumile yena kanye noOnesimu, umzalwane okolekayo notandekayo, o ngowa kini. Ba ya kunazisa konke okwalapa.
10U ya konza kini uAristarku, isibotywa kanye nami; noMarko, indodana ka dade wabo ka Barnaba, ena yalwa ngaye, (uma e za kini, m amkeleni;)
11noJesu o tiwa uJustu, abokusoka. Ilaba bodwa ba izisebenzi kanye nami embusweni ka Tixo; laba ba be ukutokoza kimi.
12U ya konza kini uPafra, owa kini, inceku ka Kristu, e ni kutalele njalo ngokukuleka, ni ze ni me ni fezekile; ni pelele entandweni yonke ka Tixo.
13Ngi ya qinisa ngaye ukuti, u ya ni kutalela kakulu, nina naba seLaodikia, naba seHierapoli.
14U ya konza kini uLuka, inyanga yokwelapa etandekayo, noDemasi.
15Ngi konzeleni kubazalwane aba seLaodikia, na kuNumfasi, na kulo ibandhla la kwake.
16Nxa lencwadi i si fundiwe pakati kwenu, a i fundwe ibandhla laba seLaodikia; nani a ni funde incwadi ya seLaodikia.
17Ni tyo kuArkipu ni ti, A ku bheke inkonzo o yamkeliswe eNkosini, u i gcine.
18Iloku ukukonza ngesandhla sami, mina Paule. Kumbulani ukubotywa kwami. A ku be kini umusa. Ameni.