1UPAULE, umpostoli ka Jesu Kristu, ngentando ka Tixo, noTimote umzalwane wetu,
2Kubo abangcwele aba seKolose nabazalwane abakolekayo aba kuKristu, a ku be kinina umusa nokutula oku vela kuTixo uBaba wetu, na kuyo iNkosi uJesu Kristu.
3Si ya m bonga uTixo, uYise weNkosi yetu uJesu Kristu, si ni kulekela njalo;
4Si zwile ngokukolwa kwenu kuKristu Jesu, na ngotando lwenu eni ba tanda ngalo abangcwele bonke,
5Ngenxa yetemba, eni li bekelweyo ezulweni, ena li zwa ngapambili ngezwi eliqinisileyo levangeli,
6Eli kona kinina, njengokuba li kona na sezweni lonke li tela izitelo, njengokuba li njalo na kinina, iloku nezwa ngalo, nazisisa umusa ka Tixo ngeqiniso;
7Njengokuba na fundiswa uEpafra, inceku kanye nati, etandekayo, o isikonzi esikolekayo sika Kristu ngenxa yenu;
8Uyena owa si tyela ngotando lwenu olu ngaye uMoya.
9Ngaloku nati, iloku sa ku zwa, a si yeki ukunikulekela, nokuncenga ukuba ni gcwale ukuyazisisa intando yake kuko konke ukuhlakanipa nokuqonda kuka Moya;
10Ni hambe ngokufanele iNkosi, ni ze ni i tokozise njalo, ni vame imisebenzi yonke elungileyo, ni kule ekumazisiseni uTixo;
11Ni qiniswe nokuqiniswa ngamandhla ake adumileyo, ni ze ni be nokubekezela konke, nokukutazela, nokutokoza.
12Ni bonge uYise o senze si fanele ukwabelwa ifa labangcwele eli sekukanyeni;
13O si kulule emandhleni obumnyama, wa si beka embusweni wendodana yake etandekayo;
14Esi nokuhlengwa ngayo ukutetelelwa izono zetu;
15E m fuzayo uTixo o nga bonwayo e ngowamazibulo kuko konke okudatyulwayo;
16Ngokuba kwa datyulwa iyo konke okusezulwini nokusemhlabeni konke okubonakalayo nokungabonakaliyo, nokuba ku izihlalo zobukosi, nokuba ku imibuso, nokuba okobukulu, nokuba okwamandhla; konke kwa datyulwa iyo, kwa datyulelwa yona;
17Yona i ngapambili kwako konke; konke ku mi ngayo.
18Yona i inhloko yomzimba, yebandhla; eyokuqala, e ngowamazibulo kwabafileyo, i ze i be nkulu ezintweni zonke.
19Ngokuba kwa ku kuhle kuyise ukuba ku hlale kuyo ukupelela konke;
20A buyisene nako konke ngayo, e kwenzile ukutula ngegazi lesipambano sayo; ngi tyo ngayo, nokuba ku konke oku semhlabeni, nokuba ku konke oku sezulwini.
21Nani e kade nedukile, ni izita ezinhliziyweni zenu ngemisebenzi emibi, kepa kaloku u buyisene nani,
22Ngomzimba wenyama yayo, ngako ukufa, a ze a ni veze ni be ngcwele, ni nge nacala, ni nga soleki, pambi kwake;
23Uma ni mi ekukolweni, ni sekelwe, ni qiniseke, ni nga gudhluki etembeni levangeli, eni li zwileyo, eli shunyayelwe kubantu bonke aba ngapansi kwezulu, enga bekwa isikonzi salo, mina Paule.
24Kaloku ngi ya tokoza ekuhlupekeni kwami ngenxa yenu; ngi yenezela enyameni yami ukumhlupekela uKristu okusilaleleyo, ngenxa yomzimba wake, o ibandhla;
25Enga bekwa isikonzi salo, ngokungimisa kuka Tixo ngenxa yenu, ngi ze ngi shumayele izwi lika Tixo, li pelele;
26Ngi tyo imfihlakalo i bi fihliwe iloku kwa qala izikati nezizwe, kepa kaloku i hlalukiswa kwabangcwele bake;
27uTixo a tanda ukubazisa oku umcebo wobukosi ba leyomfihlakalo ezizweni, e nguKristu pakati kwenu; itemba lobukosi;
28Esi m shumayelayo, si ba luleka abantu bonke, si ba fundisa abantu bonke; ukuba si ba veze abantu bonke be pelele kuKristu Jesu;
29Engi kutalela kona nami, ngi zama ngokusebenza kwake o sebenzayo kimi ngamandhla.