1NGA bona iNkosi i mi pezu kwelati, ya ti, Tyaya umnyango, zi zamazame izinsika zawo; u zi fehlezele emakanda kubo bonke; ngo ti ngi bulale, abokupela babo ngenkemba; obalekayo wabo a ka yi ku sinda, nopunyukileyo wabo a ka yi ku zisindisa:
2Nokuba be fohlela eSheoli, isandhla sami so ba kipa lapo; noma be kupukela ezulwini ngo behlisa lapo.
3Noma be zisita esihlokweni sa seKarmeli, ngo hlola ngi ba suse lapo, noma be sitekile pambi kwamehlo ami endaweni pansi kolwandhle, ngo yaleza inyoka i ba lume lapo.
4Noma be ya ekutunjweni pambi kwezita zabo, ngo yaleza inkemba, i ba bulale lapo; ngo beka amehlo ami pezu kwabo ngokubi, ku nga bi ngokuhle.
5Iyona iNkosi uJehova e namata izwe, li ya ncibilika lona, nabahleziyo pakati kwalo bonke ba ya kudabuka; futi li ya kuvuka lonke njengomsinga, li cwile njengomsinga wa sEgipite.
6Iyo e wakile amakamelo ake ezulwini, e senzile isiyinge pezu komhlabati; iyo e biza amanzi olwandhle e wa telela pezu kobuso bomhlabati: Igama lake li nguJehova.
7A ni njengabantwana baka Kushi, kimi, nina bantwana baka Israeli na? u tyo uJehova, a ngi kupulanga abaIsraeli Egipite, nabaFilisti eKaftori, nabaSiria eKire na?
8Bheka amehlo eNkosi uJehova a pezu kombuso onayo. Ko ti ngi wu bubise ebusweni bomhlaba; noko a ngi yi ku bubisa impela indhlu ka Jakobe, u tyo uJehova.
9Ngokuba bheka mina ngo nyakazisa indhlu ka Israeli pakati kwezizwe zonke, njengaloku ukolweni u shukunyiswa esihlengweni, noko a i yi ku wa emhlabeni inhlamvu.
10Izoni zonke zabantu bami zi ya kufa ngenkemba, e zi ti, Okubi a ku yi ku si fikela, a ku yi ku wa kitina.
11Ngalolosuku ngo misa itente lika Davida e li wile, futi ngo biya izikala zalo; ngo vusa nezincitakalo zalo, ngi lake njenga sezinsukwini zamandulo.
12Ukuze ba tabate insalo ya seEdomi, ne yezizwe zonke igama lami e la bizwa pezu kwazo, u tyo uJehova o kwenzayo loku.
13Bheka, izinsuku zi yeza, u tyo uJehova, ngazo o limayo wo sondela kuye ovunayo, no nyatela izivini yena ohlwanyela imbeu, nemimango yonke yo ncibilika.
14Ngo ti ngi buyise ukutunjwa kwabantu bami abaIsraeli, bona ba ya kwaka imizi ecitekileyo, ba hlale kuyo; futi ba ya kutyala amasimu esivini ba puze iwaini lawo; ba ya kwenza namasimu ba dhle ukudhla kwawo.
15Mina ngo ba tyala pezu komhlabati wabo, a ba yi ku sityulwa futi emhlabatini wabo e ngi ba nike wona, u tyo uJehova uTixo wako.