1KWA ti nga leyomihla, se be vamile abafundi, amaGreki a sola abaHeberu, a ti abafelokazi ba kubo ba ncitywa ekwabiweni kwemihla ngemihla.
2Aba ishumi nambili ba biza ibandhla labafundi, ba ti, A ku fanele tina si yeke izwi lika Tixo, si konze amatebula.
3Ngaloku, bazalwane, ketani pakati kwenu abantu aba isikombisa abaqoto, aba gcwele uMoya o ingcwele nokuhlakanipa, esi nga ba misela lomsebenzi.
4Kepa tina si ya kuqinisa ukukuleka nokukonza izwi.
5Kwa ba kuhle lokukutyo kubantu bonke; ba keta uStefano, umuntu o gcwele ukukolwa noMoya o ingcwele, noFilipu, noProkoro, noNikanori, noTimona, noParmena, noNikola, ikolwa la seAntioki.
6Ba ba misa pambi kwabapostoli: ba kuleka, ba beka izandhla pezu kwabo.
7Kwanda izwi lika Tixo; abafundi ba vama kakulu eJerusalema; nabapristi abaningi ba kolwa.
8uStefano e gcwele umusa namandhla, wenza izimangaliso nezibonakaliso ezikulu ebantwini.
9Kona kwesuka abanye bendhlu yokusonta okutiwa eyabaLibertino, naba seKurene, naba seAlesandria, nabavela eKilikia, na seAsia, ba pikisana noStefano.
10Kepa ba be nge namandhla okupika ukuhlakanipa nomoya a shumayela ngawo.
11Kona ba quba abantu bamanga aba ti, Si m zwile e shumayela amazwi enhlamba, e tuka uMosi noTixo.
12Ba vusa abantu, namalunga, nababali, beza ba m bamba, ba m yisa empakatini.
13Ba misa ofakazi bamanga aba ti, Lomuntu a ka yeki ukushumayela amazwi okutuka lendawo engcwele nomteto.
14Si m zwile e ti, uJesu lo wa seNazareta u ya kucita lendawo, a pendule imikuba a si nika yona uMosi.
15Bonke aba be hlezi empakatini ba m bhekisisa, ba bona ubuso bake ku nga ti ubuso bengelosi.