1KODWA umuntu otile, igama lake uAnania, noSafira umkake wa tenga ngemfuyo,
2Wa godhla enye imali, e kwazi nomkake, wa leta enye, wa i beka ezinyaweni zabapostoli.
3Kona uPetro wa ti, Anania, ini ukuba uSatani u gcwalisile inhliziyo yako ukuba u qambe amanga kuMoya o ingcwele, u godhle enye imali yezwe na?
4Li se kona, la li nge silo elako na? li tengiwe, be li nge ko emandhleni ako na? U zindhleleni loku ngenhliziyo yako na? A u qambi amanga kubantu, u qamba amanga kuTixo.
5uAnania e zwa lamazwi, wa wa pansi, wa fa. Kwa fika ukwesaba okukulu pezu kwabo bonke abezwa loko.
6Izinsizwa zesuka, za m bopa, za m yisa ngapandhle, za m mbela.
7Se ku dhlule amahora a nga ba matatu, kwa ngena umkake, e nga kwazi okwenzekileyo.
8uPetro wa ti kuye, Ngi tyele ukuba ni tenge imali e ngaka ngezwe na? Wa ti, Yebo, i ngaka.
9uPetro wa ti kuye, Ni hlangene ngani ukulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zaba mbela indoda yako zi semnyango; ba za kukutwala, ba ku pumese.
10Wa se e wa pansi masinyane nga sezinyaweni zake, wa fa. Izinsizwa za ngena, za m fumana e file, za m yisa ngapandhle, za m mbela nga sendodeni yake.
11Kwa fika ukwesaba okukulu pezu kwebandhla lonke, na pezu kwabo bonke abezwa lezizinto.
12Kwenziwa ngezandhla zabapostoli izibonakaliso nezimangaliso eziningi pakati kwabantu; ba be nhliziyonye bonke esangweni lika Solomona.
13Kodwa a kwa ba ko namunye owa e nesibindi sokuhlangana nabo; kepa abantu ba ba dumisa impela.
14Kwenezelelwa kakulu eNkosini abakolwayo, ba ba baningi, isilisa nesifazana.
15Ba kipa abagulayo, ba ba yisa ezindhleleni, ba ba beka emibedeni na sezinhlakeni, ukuba e dhlula uPetro, isitunzi sake nje si ba siteze abanye kubo.
16Kwa puma abaningi emzini ya ngakona, bu butana eJerusalema, ba leta abagulayo nabahlutywa omoya ababi; ba piliswa bonke.
17Kwa suka umpristi omkulu, nabo bonke aba be naye, oku uhlobo lwabaSaduse, ba be gcwele ulaka,
18Ba ba bamba abapostoli ba ba faka etilongweni.
19Kepa ingelosi yeNkosi ya vula iminyango yetilongo ebusuku, ya ba pumesa, ya ti,
20Hambani, ni me ni shumayele etempelini kubantu amazwi onke a lokukupila.
21Se be zwile loko, ba ngena etempelini ekuseni, ba fundisa. Kepa kwa fika umpristi omkulu naba be naye, ba mema umpakati, namalunga onke enzalo ka Israeli, ba tumela etilongweni, ukuze ba letwe.
22Se e fikile amapolise, ka ba fumananga etilongweni, a buya a bika,
23E ti, Itilongo sa li fumana li valiwe, li qinile impela; abalindi bemi nga pandhle ebusweni beminyango: sa vula, ka sa fumana muntu ngapakati.
24Umpristi omkulu nenduna yetempeli nezikulu zabapristi, se be zwile lezizindaba, ba ngabaza ngazo ukuba loku ko petwa ngani.
25Kwa fika umuntu wa ba tyela, e ti, Bhekani lababantu eni ba fake etilongweni, ba setempelini, be mi ba fundisa abantu.
26Kona kwa ya induna kanye namapolise, ya ba leta, be nga ba qubi ngamandhla kodwa, ngokuba besaba abantu funa ba kandwe ngamatye.
27Se be fike nabo, ba ba misa empakatini: umpristi omkulu wa ba buza,
28E ti, A si ni yalanga nokuniyala, ukuba ni nga fundisi nga leligama na? bhekani, se ni gcwalisile iJerusalema ngokufundisa kwenu, ni ti ni ya kusitolisa icala legazi la lomuntu.
29Wa pendula uPetro nabanye abapostoli, ba ti, Nga si lalela uTixo ku nabantu.
30uTixo wa obaba betu u m vusile uJesu, ena m bulala, na m panyeka emtini;
31Lowo u m pakamisele uTixo ngakwesokunene sake, a be iNkosi noMsindisi, ukuba a nike abaIsraeli ukupenduka nokutetelelwa izono.
32Tina si ngofakazi bake ba lezizinto, kanye noMoya o ingcwele, a m pile uTixo abamlalelayo.
33Ba ti ukuzwa loku, ba tukutela, benza icebo lokubabulala.
34Kona kwa suka umuntu wema empakatini, umFarisi, uGamalieli igama lake, umfundisi womteto, odumileyo ebantwini bonke, wa yala ukuba abapostoli ba punyiswe isikatyana;
35Wa ti kubo, Madoda abaIsraeli, Qapelani loko eni ya kukwenza ku lababantu.
36Ngokuba ngapambili kwa lezizinsuku, kwesuka uTeuda, e ti u ngumuntu omkulu; ba hlangana naye abantu ba nga ba amakulu amane kepa wa bulawa, yena nabo bonke abamlalelayo, ba citeka, ba pela.
37Ngasemva kwa lomuntu, kwesuka uJuda wa seGalile, ezinsukwini zokubalelwa, wa ba hola abantu abaningi, ba m landela; wa bulawa naye nabo bonke abamlalelayo, ba citeka.
38Kaloku ngi ti kini, Sukani ku lababantu, ni ba yeke; ngokuba uma lelicebo na lomsebenzi ku ngowabantu, ku ya kuciteka;
39Kodwa uma ku ngoka Tixo, ni nge ku cite, funa mhlaumbe ni funyanwe ni lwa noTixo.
40Ba m vumela; ba biza abapostoli, ba ba tyaya, ba ba yala ukuba ba nga kulumi ngegama lika Jesu, ba ba yeka.
41Ba puma empakatini, be tokoza ngokuba ku tiwa, be fanele ukupatwa kabi ngegama lake.
42A ba yekanga ukufundisa nokushumayela ngoJesu Kristu imihla yonke etempelini na sezindhlini zonke.