1KWA ti uFestu, e se fikile ku lelilizwe, ngasemva kwezinsuku ezintatu, wa puma eKesaria, wa kupukela eJerusalema.
2Kona umpristi omkulu nezikulu zabaJuda, ba mangalela uPaule kuye, ba m ncenga,
3Ba cela into ngaye, yokuba a m bize, eze eJerusalema, be m linda ukuba ba m bulale endhleleni.
4uFestu wa pendula wa ti, ka gcinwe uPaule eKesaria, e ti, u za kupuma, a ye kona masinyane.
5Wa ti, Abanamandhla pakati kwenu ma beuke nami, ba cebe lomuntu, uma li kona icala kuye.
6Wa hlala nabo izinsuku ezi dhlula ishumi, kona wehlela eKesaria; ngangomso wa hlala esihlalweni sokwahlula, wa ti a letwe uPaule.
7Se e fikile yena, abaJuda abehlile eJerusalema, bema kona, ba m twesa uPaule amacala amaningi anzima, aba nge nakuwaqinisa.
8Wa pendula yena wa ti, A ngonanga luto, na semtetweni, na setempelini, na kuKesari.
9Kepa uFestu, e tanda ukubongwa abaJuda, wa pendula kuPaule, wa ti, U ya tanda ukukupukela eJerusalema, u buzwe kona pambi kwami nga lezizinto na?
10Wa ti uPaule, Ngi semi pambi kwesihlalo sika Kesari, lapa ku fanele ngi buzwe kona: a ngonanga luto kubaJuda, njengaloku u yazi kahle nawe.
11Uma ngonile, ngenza uto olu fanele ukufa, a ngi nqabi ukufa; kodwa uma i nge ko into ezintweni, aba ngi ceba ngazo, a ku ko muntu o nga ngi nikela kubo. Ngi ya kuya kuKesari.
12Kona uFestu, e se kulumile nompakati, wa pendula wa ti, U ti, u ya kuya kuKesari; ngi ya vuma, u ya kuya kuKesari.
13Se ku dhlule izinsuku ezitile, uAgripa inkosi noBernike ba fika eKesaria, beza kubingelela uFestu.
14Se be hlezi kona izinsuku eziningi, uFestu wa i tyela inkosi indaba ka Paule, wa ti, U kona umuntu owa shiywa uFelise, e botyiwe.
15Kwa ti, ngi seJerusalema, abapristi abakulu namalunga abaJuda ba m mangalela, be nxusa ukuba a lahlwe.
16Nga pendula kubo, nga ti, A siko ukwenza kwamaRoma ukunikela umuntu ekufeni, o mangalelwayo e nga ka bi nabammangaleleyo pambi kwake, a vunyelwe ukuzipendulela ngendaba a mangalelwe ngayo.
17Ngako se be fikile lapa, a ngi libalanga, ngangomso nga hlala esihlalweni sokwahlula, nga ti a letwe lomuntu.
18Se be suke be ma abammangalelayo, a ba ze ba tyo icala la lezizinto, e be ngi zi bhekile:
19Kodwa ba m ceba ngemibuzo etile yenkonzo yakubo, na ngoJesu, owa be file, a ti uPaule, u kona.
20Loku ngahluleka ukubuza okunje, nga buza uma e tanda ukuya eJerusalema, a buzwe nga lezizindaba.
21Kepa loku uPaule e be tyo e ti a gcinwe, ukuze icala li tetwe uAgustu, nga yala ukuba a gcinwe, ngi ze ngi m tumele kuKesari.
22Wa ti uAgripa kuFestu, Ngi ya tanda nami ukuzwa lomuntu. Wa ti, Ngangomso u ya kumuzwa.
23Kwa ti ngangomso, se be fikile uAgripa noBernike, be ze nemikosi emikulu, lapo be ngenile enkantolo kanye nezinduna ezinkulu nabantu abakulu ba lomuzi, wa ngeniswa uPaule ngezwi lika Festu.
24Wa ti uFestu, Nkosi Agripa, nani nonke madoda a lapa nati, ni ya bona lomuntu engi nxuswe ngaye ibandhla, lonke labaJuda, na seJerusalema, na lapa, ba memeza, be ti, ka sa fanele a be e sa pila.
25Kepa loku ngi m fumene e ngenzanga uto olu fanele ukufa, naye e nxuse ukuya kuKesari, ngi ti ngi ya kumtuma.
26Kepa a ngi naqiniso lokuloba ngaye enkosini. Ngako ngi m letile pambi kwenu, na pambi kwako, uqobo, Nkosi Agripa, ukuze ku ti, se ku buzisiwe ngi be nendaba yokuloba.
27Ngokuba ngi ti, a ku qondeki ukutuma isibotywa, ngi nga biki amacala aso.