1WA ya wa fika eDerbe na seListra; kwa ku kona umfundi, igama lake li nguTimote, indodana yomfazi o ngumJuda, o ikolwa, kodwa uyise wa e umGreki:
2Wa dunyiswa abazalwane ba seListra na ba seIkonio.
3uPaule wa tanda ukuba lowo a hambe naye; wa m soka ngenxa yabaJuda aba be kona ku lezozindawo: ngokuba ba be m azi bonke uyise u ngumGreki.
4Be sa dabula imizi, ba ba nika imiteto, eya i nqunyiwe Abapostoli namalunga a seJerusalema, ukuba ba i londe.
5Njalo amabandhla a qiniswa ekukolweni, anda ngobuningi imihla ngemihla.
6Se be dabulile iFrigia nezwe la seGalatia, be nqatyelwa uMoya o ingcwele ukushumayela izwi eAsia,
7Ba fika eMisia, ba linga ukuya eBitania: kodwa uMoya ka Jesu ka ba vumelanga.
8Ba dhlula iMisia, behlela eTroa.
9Kwa ti ebusuku kwa bonakala kuPaule isiboniso: kwa ku mi umuntu wa seMakedonia, e m nxusa, e ti, Wela, u ze eMakedonia, u si size.
10E se bonile isiboniso, sa linga ukuya eMakedonia, sa ti, iNkosi i si bizile si ye si ba shumayeze ivangeli.
11Ngako sa muka eTroa, sa ya si qonda eSamotrake, ngangomso seza eNeapoli;
12Sesuka lapo seza eFilipi, umuzi omkulu wa lelozwe la seMakedonia, u ikolonia. Sa hlala ku lomuzi izinsuku ezitile.
13Kwa ti ngosuku lwesabata sa puma emzini, sa ya nga semfuleni, lapa be jwayele ukukuleka kona; sa hlala sa shumayela kwabesifazana ababuteneyo.
14Kwa ku zwa umfazi, igama lake li nguLidia, owa tengisa ngezingubo ezibomvu, wa semzini o tiwa iTiatira, owa e konza uTixo: iNkosi ya vula inhliziyo yake, ukuba a lalele okwa shunyayelwa uPaule.
15E se bapatiziwe yena nendhlu yake, wa si nxusa e ti, Uma ni ti, ngetembekile eNkosini, a ke ni ngene endhlini yami, ni hlale. Wa si ncenga.
16Kwa ti, be si ye ukukuleka, ya si fumana intombi i nomoya wokubula, eya i tolela abaniniyo imali eningi ngokubula.
17Yona ya si landela, uPaule nati, ya memeza ya ti, Lababantu ba izinceku zika Tixo opezulu, aba si shumayeza indhlela yokusindiswa.
18Yenza njalo izinsuku eziningi. Kodwa uPaule e cunukele, wa pendula wa ti kumoya, Ngi tyo kuwe, ngegama lika Jesu Kristu, ukuba u pume kuye. Wa puma nga lesosikati.
19Ba ti abaniniyo, be bone itemba lemali yabo li mukile, ba bamba oPaule noSila, ba ba hudulela endaweni yokubutana, emakosini.
20Ba ba yisa ezinduneni, be ti, Lababantu ba kataza umuzi wa kiti, be ngabaJuda,
21Ba shumayela imikuba e nga fanele ukuba si yamkele, si yenze, loku si ngamaRoma.
22Kona abantu ba ba vukela, izinduna za ba hlubula izingubo zabo, za yala ukuba ba tyaywe.
23Za ba tyaya imivimbo eminingi, za ba faka etilongweni, zi yala umlindi wetilongo, a ba linde, a qinise:
24Yena e yaliwe njalo, wa ba faka etilongweni elipakati wa bopa izinyawo zabo ezingongolweni.
25Kodwa pakati kobusuku oPaule noSila ba kuleka, ba bonga uTixo: izibotywa za bezwa.
26Kwa ti masinya kwa ba kona ukuzamazama komhlaba okukulu; kwa zanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwa vuleka iminyango yonke masinyane, kwa tukuluka izibopo zabo bonke.
27Umlindi wa papama, wa bona iminyango yetilongo i vulekile, wa hotya inkemba, wa e za kuzibulala, e ti, izibotywa se zi balekile.
28Kodwa uPaule wa memeza ngezwi elikulu, e ti, U nga zilimazi, si kona sonke.
29Wa biza isibani, weqa wa ngena, e tutumela, wa wa pansi pambi kuka Paule noSila.
30Wa ba pumesa, wa ti, Makosi, nga ngenzani ukuba ngi sindiswe na?
31Ba ti, Kolwa iNkosi uJesu Kristu, kona u ya kusindiswa wena nendhlu yako.
32Ba shumayela kuye izwi leNkosi, na kubo bonke aba sendhlini yake.
33Wa ba tabata nga lesosikati sobusuku, wa ba geza imivimbo; wa bapatizwa masinyane, yena nabo bonke abake.
34Wa ba ngenisa endhlini yake, wa ba bekela ukudhla, wa tokoza nabo bonke abendhlu yake, e kolwa uTixo.
35Se ku sile, izinduna za tuma amapolise, za ti, Ba kulule lababantu.
36Umlindi wetilongo wa m tyela uPaule lawomazwi, e ti, Izinduna zi tumile ukuba ni kululwe; ngako pumani kaloku, ni hambe kahle.
37Kodwa uPaule wa ti kubo, Ba si tyayile obala, si nga lahlwanga, tina maRoma, ba si faka etilongweni; kaloku ba si pumesa ngasese na? Ai! a ku ze bona, ba si pumese.
38A ya amapolise a tyo lawamazwi ezinduneni; zesaba se zi zwile ukuti ba ngamaRoma.
39Zeza za ba ncenga, za ba kipa, za ba nxusa ukuba ba muke emzini.
40Ba puma etilongweni, ba ya endhlini ka Lidia: ba bona abazalwane, ba ba yala, bemuka.