1KWA ti eIkonio ba ngena bobabili endhlini yokusonta yabaJuda, ba shumayela, kwa za kwa kolwa isixuku esikulu nesabaJuda nesamaGreki.
2Kodwa abaJuda aba nga kolwayo ba vusa abezizwe, ba cunula izinhliziyo zabo ba za ba xabana nabazalwane.
3Ngako ba hlala isikati eside; ba shumayela, bemi isibindi ngeNkosi, eya qinisa izwi lomusa wayo, ya ba pa amandhla okwenza izibonakaliso nezimngaliso.
4Kepa abantu bomuzi ba hlukana; abanye bema nabaJuda, abanye bema nabapostoli.
5Se be vukelwe abezizwe nabaJuda kanye namakosi abo ukubahlupa nokubakanda ngamatye,
6Be kwazi loko, ba balekela eListra na seDerbe, imizi ya seLikaonia, na sezweni la kona:
7Ba li shumayela kona ivangeli.
8Kwa ku kona eListra umuntu e nga qinile ezinyaweni zake, e isityotya iloku wa zalwa unina, e nga zanga a hambe.
9Yena wa mu zwa uPaule e shumayela, owa m bhekisisa, wa m bona e kolwa ukuti a nga piliswa,
10Wa ti ngezwi elikulu, Suka u me ngezinyawo zako. Wa xuma wa hamba.
11Abantu se be bonile loko a be kwenzile uPaule, ba memeza, be kulumisa okwamaLikaonia, ba ti, Otixo se behlele kitina, be fana nabantu.
12Ba qamba uBarnaba ba ti uJupitere, uPaule ba ti uMerkuri, ngokuba e dhlula ngokushumayela.
13Kona umpristi ka Jupitere, owa e ngapambi komuzi, wa leta izinkabi ezivunulisiweyo emasangweni, e tanda ukubahlabisa kanye nabantu.
14Kepa abapostoli uBarnaba noPaule be ku zwile loko, ba hxebula izingubo zabo, ba gijimela ebantwini, be memeza,
15Be ti, Madoda, nenzelani loku na? Nati si ngabantu njengani, si ni shumayeza ivangeli ukuba ni yeke lezizinto ezi ize, ni pendukele kuTixo opilileyo, owenza izulu, nomhlaba, nolwandhle, nazo zonke izinto ezi kuzo:
16Ngezikati ezidhluliley wa yeka izizwe zonke, zi hambe ngezindhlela zazo.
17Kepa ka yekanga ukuziqinisela yena, enza okulungileyo, wa si nika imvula ya sezulwini, nezikati zokutela ukudhla, wa kolisa izinhliziyo zetu ngokudhla na ngokujabula.
18Ngokutyo loku ba ba tulisa abantu kalukuni, ukuba ba nga ba hlabisi.
19Kwa fika abaJuda, be vela eAntioki na seIkonia, ba ncenga abantu, ba m kanda uPaule, ba m hudulela ngapandhle, be ti u file.
20Kodwa abafundi se be m bunganyele, wesuka wa ngena emzini: ngangomso wemuka noBarnaba ba ya eDerbe.
21Se be shumayela ivangeli ku lomuzi, be fundisile abaningi, ba buyela eListra, na seIkonio, na seAntioko,
22Ba qinisa abafundi, ba ba yala ukuba beme ekukolweni, be ti, ngezinhlupeko eziningi nga si ngena embusweni ka Tixo.
23Bemisa amalunga emabandhleni onke, ba kuleka ba zila ukudhla, ba wa nikela eNkosini a kolwa iyo.
24Ba dabula ePisidia, ba ya ePamfilia.
25Ba shumayela izwi ePerga, beukela eAtalia.
26Bemuka kona ba ya eAntioki ngomkumbi, lapo ba be nikelwe kona emuseni ka Tixo ukuya emsebenzini aba be u qedile.
27Se be fikile ba buta ibandhla, ba landisa konke uTixo a be kwenzele bona, ngokuba e be vulele abezizwe umyango wokukolwa.