1TEOFILU, ngi lobile incwadi yokuqala ya loko konke, uJesu a qala ukukwenza nokukufundisa,
2Kwa za kwa ba usuku a kutyulwa ngalo, se e yalile ngoMoya o ingcwele abapostoli, a be ba ketile:
3Wa ziveza kubo, e sa pila, emva kokuhlupeka kwake, ngezibonakaliso eziningi, e bonwa ibo izinsuku ezimashumi amane, e kuluma ngokombuso ka Tixo:
4E se butene nabo, wa ba yala ukuba ba nga muki eJerusalema, ba si hlalele isitembiso sika Yise, sona eni si zwile ngami.
5uJohane wa bapatiza ngamanzi; kodwa nina ni ya kubapatizwa ngoMoya o ingcwele ku nga ka bi izinsuku eziningi.
6Se be butene, ba m buza, be ti, Nkosi, u za kubuyisela kubaIsraeli umbuso nga lesisikati na?
7Wa ti kubo, A siko okwenu ukwazi izikati nemizuzu, uYise a zi misele emandhleni ake.
8Kepa ni ya kwamkeliswa amandhla, se e fikile pezu kwenu uMoya o ingcwele, ni be ofakazi bami eJerusalema, na seJudia lonke, na seSamaria, ku ze ku fike na semikaulweni yomhlaba.
9Se e tyilo loku, wa kutyulwa, be sa m bheka; ifu la m amkela a ba be be sa m bona.
10Be sa qolozela ezulwini, e senyuka, bheka, amadoda amabili emi kubo, embete izingubo ezimhlope:
11A ti, Nina madoda a seGalile, ni meleni ni bheke ezulwini na? Lo uJesu o suswe kini wenyukela ezulwini, u ya kubuya njengaloku ni bone e ya ezulwini.
12Ba se be buyela eJerusalema, be vela entabeni okutiwa eyomhlwati, e kufupi neJerusalema, ibanga lokuhamba ngesabata.
13Se be ngenile ba kupukela egumbini eli pezulu, lapo be ku hlezi uPetro, noJakobe, noJohane, noAndrea, noFilipu, noTomasi, noBartolome, noMateu, noJakobe ka Alreu, noSimone umZelote, noJuda, umfo wabo ka Jakobe.
14Labo bonke ba qinisa nganhliziyonye ekunxuseni na sekukulekeni, kanye nesifazana, noMaria unina ka Jesu, nabazalwane babo.
15Nga leyomihla uPetro wa suka wema pakati kwabafundi (ukuma kwabantu aba be kona ku nga ba ikulu namashumi mabili), wa ti,
16Madoda, bazalwane, kwa ku fanele ukuba ku gcwaliseke loku okulotyiweyo, a ku shumayela pambili uMoya o ingcwele ngomlomo ka Davida ngoJuda, owa be umholi wa labo aba be m bamba uJesu.
17Wa e balwe kanye nati, wa zuza indawo ku lenkonzo.
18Uyena wa tenga izwe ngomvuzo wesono; wa wa ngekanda, wa quma pakati, kwa palazwa izibilini zake zonke.
19Kwezwakala loku kubo bonke aba seJerusalema, kwa za kwa ti, lelozwe la qanjwa ngolimi lwa kubo ukuti, Akeldama, oku ukuti, Izwe legazi.
20Ngokuba ku lotyiwe encwadini yezihlabelelo ukuti, Indhlu yake ma i citeke, ku nga hlali umuntu kuyo, isikundhla sake a si patwe omunye.
21Nga loko nga ku miswa omunye ku lababantu aba hlangana nati isikati sonke iNkosi uJesu e ngena e puma ngaso pakati kwetu,
22I qala ekubapatizeni kuka Johane kwa za kwa ba usuku eya kutyulwa ngalo kitina, a be ufakazi wokuvuka kwayo kanye nati.
23Ba se be misa ababili, uJosefa o tiwa uBarsaba, elinye igama lake li nguJustu, noMatia.
24Ba kuleka, be ti, Wena, Nkosi, owaziyo izinhliziyo zabo bonke, si bonise ukuba u mupi ku labababili o m ketileyo,
25Ukuba a tabate isikundhla sa lenkonzo nobupostoli, a hlubuka kuso uJuda ukuya endaweni yake.
26Ba bekelana inkato yabo; inkato ya dhla uMatia, wa balwa kanye nabapostoli aba ishumi nanye.