1KEPA, bazalwane, si kulekeleni, ukuba izwi leNkosi li kauleze, li dunyiswe, njengokuba li dunyiswa kinina;
2Si ze si kululwe kubantu abedukileyo nababi; ngokuba be nge nakukolwa bonke.
3Kepa iNkosi i kolekile, e za kuniqinisa i m gcine ebubini.
4Si yetemba iNkosi ngani, si ti, loku esi ni yala ni sa kwenza, ni ya kukwenza.
5iNkosi a i qondise izinhliziyo zenu otandweni luka Tixo, na sekubekezeleni kuka Kristu.
6Si ya ni yala, bazalwane, ngegama leNkosi yetu uJesu Kristu, ukuba nahlukane nabazalwane bonke aba hamba kabi, be nga hambi ngemiyalo ena i zwa ngati.
7Ni yazi nina, ku fanele ni lingise tina; ngokuba a si hambanga kabi pakati kwenu;
8A si dhlanga ukudhla komuntu ngeze; kepa sa sebenza emini na sebusuku ngokuqinisa na ngokukutala, ukuba si nga sindi muntu wa kini;
9A senzanga ngokuba be si nge namandhla, senza ukuba si be isiboniso kinina, ni ze ni si lingise.
10Lapo si se kona kini sa ni yala loku, ukuti, uma umuntu e nga vumi ukusebenza, a ka nga dhli.
11Si zwile ku tiwa, ba kona abatile pakati kwenu abahamba kabi, be nga sebenzi luto, ba hlola okwabanye.
12Abanjalo si ya ba yala, si ba ncenge ngeNkosi yetu uJesu Kristu, ukuba ba sebenze ngokutula, ba dhle okwabo ukudhla.
13Kepa nina, bazalwane, a ni nga katali ukwenza okulungileyo.
14Uma e kona umuntu o nga laleli izwi letu nga lencwadi, m bhekisiseni lowo, ni nga hlangani naye, a ze a be namahloni.
15Kodwa ni nga m patisi okwesita; ni m luleke ngokomzalwane.
16iNkosi yokutula a i m nike ukutula njalo ngendawo zonke iNkosi a i be kinina nonke.
17Ukukonza kwami, mina Paule, ngesandhla sami, esi isibonise ezincwadini zonke; ku njalo ukuloba kwami.
18Umusa weNkosi yetu uJesu Kristu a u be kinina nonke. Ameni.