1UPAULE, noSilvano, noTimote, kulo ibandhla laba seTesalonika, eli kuTixo uBaba wetu, na kuyo iNkosi uJesu Kristu;
2A ku be kini umusa, nokutula, okuvela kuTixo uBaba wetu, na kuyo iNkosi uJesu Kristu.
3Nga si m bonga uTixo njalo ngani bazalwane njengokufaneleyo, ngokuba ukukolwa kwenu kwandile kakulu, ku vamile ukutandana kwenu nonke;
4Ku ze ku ti si zincome ngani emabandhleni ka Tixo, ngenxa yokubekezela kwenu, nokukolwa kwenu ekuzingelweni konke kwenu, na sekuhlupekeni, eni bekezela kuko;
5Oku ukubonakalisa ukwahlula okulungileyo kuka Tixo, ku ze ku tiwe ni fanele umbuso ka Tixo, eni hlupeka ngawo;
6Loku ku lungile kuTixo ukubabela abanihlupayo ukuhlupeka;
7Nokunika nina enihlupekayo ukupumula kanye nati, ekubonakaleni kweNkosi uJesu Kristu, i vela ezulwini kanye nezingelosi zamandhla ake,
8Elangabini lomlilo, e pindisela kwaba nga m aziyo uTixo, naba nga laleli ivangeli leNkosi uJesu Kristu;
9Aba za ku lahlwa ngokubujiswa okupakade, be nga bi ko ebusweni beNkosi, na sebukosini bamandhla ayo;
10Nxa i zayo i dunyiswe ngabangcwele bayo, i batyazwe ngabakolwayo bonke, (ngokuba ukuqinisa kwetu kwa koleka kini), nga lomhla.
11Ngaloko si ya ni kulekela njalo, a ze a tyo uTixo wetu ni fanele ukubizwa, a feze ngamandhla intando yonke yake yokulunga, nomsebenzi wokukolwa;
12Ukuze igama leNkosi yetu uJesu Kristu li dunyiswe kini, nani kuyena, njengomusa ka Tixo wetu, neNkosi uJesu Kristu.