1ULAKA luka Jehova lwa buya lwa vuta ngoIsraeli, wa vusa uDavida ukuba a ti kubo, hambani, ni bale uIsraeli noJuda.
2Ngokuba inkosi ya ti kuJoabi induna yempi, e ya i naye, Hamba manje kuzo zonke izizwe za kwa Israeli, u suke eDani u ze u fike eBersheba, u bale abantu, ukuze ngi wazi umumo wabantu.
3Wa ti uJoabi enkosini, uJehova inkosi yako andise abantu, nokuba ba be ngakanani noma amakulu, ukuze amehlo enkosi yami, inkosi, i ku bone kodwa ku ngani ukuba inkosi yami inkosi, i jabule ngalento na?
4Izwi lenkosi la mahlula uJoabi nezinduna zempi. uJoabi nezinduna zempi wa puma enkosini uku bala abantu ba kwa Israeli.
5Ba wela iJordani ba misa eAroeri, ngakwesokuponsa komuzi o ngapakati komfula wa seGadi, be bheka eJazeri.
6Ba fika eGiladi, na sezweni la seTahtimhodshi; ba fika eDanjaani, na nga seZidoni.
7Ba fika enqabeni ya seTire, na semizini yonke yamaHivi, ne yamaKenani; ba pumela ngasezansi kweJuda, eBersheba.
8Se be hambile kulo lonke izwe, ba fika eJerusalema ekugcineni kwezinyanga ezi shiyagalolunye nezinsuku ezi ngamashumi amabili.
9uJoabi wa i nika inkosi umumo wabantu bonke; kwa ba kona kwa ba kwaIsraeli amaqawe a izinkulungwane ezingamakulu a shiyagalombili aba be pata inkemba; na ba kwa Juda ba be amadoda a izinkulungwane ezi ngamakulu a isihlanu.
10Inhliziyo ka Davida ya m tyaya emva kokubala kwake abantu, wa ti uDavida kuJehova ngonile kakulu ku loku engi kwenzileyo; manje, ngi ya kunxusa Jehova, susa ukona kwenceku yako; ngokuba ngenzile ngobuula.
11Ekuvukeni kuka Davida kusasa, izwi lika Jehova la fika kuGadi umprofiti umqondisi ka Davida, li ti,
12Hamba u ti kuDavida, u ti uJehova; Ngi kunika izinto ezintatu, keta enye kuzo ukuba ngi kwenzele yona.
13uGadi wa fika kuDavida, wa m tyela, wa ti kuye, Ku nga fika kuwe iminyaka e isikombisa yendhlala ezweni lako na? Noma u balekele izita zako izinyanga ezintatu zi ku landela na? Noma ku fike isifo esesabekayo ngezinsuku ezintatu ezweni lako na? Qondake manje u bone impendulo e ngi za ku yi buyisela ko ngi tumileyo.
14uDavida wa ti kuGadi, ngi cindezekile kakulu; Ma si wele esandhleni sika Jehova; ngokuba umusa wake umkulu; ma ngi nga weli esandhleni somuntu.
15uJehova wa tuma isifo esesabekayo pezu kwaba kaIsraeli, kwa qala kusasa kwa ze kwa fika isikati esimisiweyo; kwa fa amadoda a izinkulungwane ezingamashumi a isikombisa, ku suka eDani kwa ze kwa gcina eBersheba.
16Lapo ingelosi yelula isandhla sayo pezu kweJerusalema ukulibulala, uJehova wa penduka ebubini, wa ti kuyo ingelosi e bulele abantu, se kwanele; bamba isandhla sako. Ingelosi ka Jehova ya i ngasendaweni yokubula ka Arauna umJebusi.
17uDavida wa kuluma kuJehova lapo e bona ingelosi e bulala abantu, wa ti, ngonile impela mina ngenzile okubi; kodwa lezizimvu, zenzeni na? Ngi ya nxusa, isandhla sako ma si be pezu kwami na pezu kwendhlu ka baba.
18uGadi wa fika nga lolo 'suku kuDavida, wa ti kuye, Kupuka wakele uJehova ilati endaweni yokubula ka Arauna umJebusi.
19uDavida njengokutyo kuka Gadi wa kupuka wenza njengokuyala kuka Jehova.
20uArauna wa bheka, wa bona inkosi nezinceku zayo zi za kuye; uArauna wa puma, wa kotama ngobuso pansi ngapambi kwenkosi.
21uArauna wa ti, Inkosi yami inkosi i fikeleni encekwini yayo na? Wa ti uDavida ukutenga indawo yokubula kuwe, ukwakela kona uJehova ilati ukuze lesi'sifo esesabekayo si pele kubantu.
22Wa ti uArauna kuDavida, Inkosi yami inkosi ma i tate i nikele loko e ku bonayo; bheka nazi izinkabi zomnikelo, nezinto zokubula, nezinto ezinye zokusebenza izinkabi, zi be ezezinkuni.
23Zonke lezi 'zinto uArauna ngobukosi bake wa zi nika inkosi, wa ti uArauna enkosini, uJehova uTixo wako ma kwamkele.
24Ya ti inkosi kuArauna, qa; kodwa impela ngi za kukutenga kuwe ngemali; a ngi yi kunikela izipo ezityisiweyo kuJehova uTixo wami, ku loko o ku nga ngi bizanga luto. Ngako uDavida wa i tenga indawo yokubula nezinkabi ngamashekeli esiliva a ngamashumi a isihlanu.
25uDavida wakela kona uJehova ilati wa nikela izipo ezityisiweyo nezipo zomusa. Ngako uJehova wa nxuselwa izwe, isifo esesabekayo sa nqanyulwa eIsraeli.