1UDAVIDA wa kuluma kuJehova amazwi a lesi sihlabelelo ngosuku lokusindiswa kwake uJehova esandhleni sezita zonke zake, na sesandhleni sika Sauli.
2Wa ti, uJehova u idwala lami, nenqaba yami, nomkululi wami;
3uTixo wetye lami; ngi ya kwetemba kuye; u isihlangu sami, nopondo lokusindiswa kwami, inqaba yami epakemeyo nesipepelo sami, umsindisi wami; u ya ngi sindisa ekuhlupekeni.
4Ngi ya kukala kuJehova, o fanele ukudunyiswa; ngi sindisiwe eziteni zami.
5Lapo amaza okufa a ngi haqa, uzamcolo wabantu a ba nga m konziyo uTixo, wa ngesabisa;
6Izinhlupeko zeSheoli za ngi zungeza; izihibe zokufa za ngi tiya.
7Ngokuhlupeka kwami nga kala kuJehova, nga kala kuTixo wami, wa lizwa izwi lami e setempelini lake, nokukala kwami kwa ngena ezindhlebeni zake.
8Umhlaba wa zamazama, wa tutumela, izisekelo zezulu zesuka za zamazama, ngokuba wa e tukutele.
9Kwenyuka umusi emakaleni ake, nomlilo o puma emlonyeni wake wa bulala; kwa vela amalahle ngawo.
10Wa kotamisa amazulu futi, wehla; ubumnyama ba bu ngapansi kwezinyawo zake.
11Wa kwela pezu kwekerubi, wa ndiza; wa bonakala emapikweni omoya.
12Wenza ubumnyama bu be otente nga kuye, amanzi a buteneyo, namafu a hlangeneyo ezulu.
13Ekukanyeni okupambi kwake, kwa vela amalahle omlilo.
14uJehova wa duma e sezulwini, Omkulu kakulu wa kipa izwi lake.
15Wa ponsa imicibityelo, wa ba hlakaza; unyazi lwa ba cita.
16Kwa vela obala imisinga yolwandhle, nezisekelo zomhlaba za bonakala ekukanyeni kuka Jehova, ngokupuma komoya emakaleni ake.
17E pezulu yena wa zelula wa ngi tata; wa ngi kipa emanzini amaningi.
18Wa ngi kulula esiteni sami esinamandhla, kwa ba ngi zondayo, ngokuba ba be namandhla kakulu kunami.
19Ba ngehlela osukwini lokuhlupeka kwami kodwa uJehova wa e inqaba yami.
20Wa ngi kipela endaweni ebanzi; wa ngi kulula, ngokuba wa e jabula ngami.
21uJehova wa ngi vuza njengokulunga kwami, njengobumhlope bezandhla zami wa ngabela.
22Ngokuba nga gcina izindhlela zika Jehova. A ngi yi shiyanga inkosi yami ngokwenza okubi.
23Ngokuba zonke izahlulelo zake za zi pambi kwami, na ngezimemezelo zake, a ngi kwebukanga kuzo.
24Nga ngi lungile pambi kwake, nga zibamba ebubini bami.
25Ngako uJehova u ngabele njengokulunga kwami; njengobumhlope bami emehlweni ake.
26Kwaba nomhau, u ya kuba nomhau, na kwabaqoto u ya kubonakalisa ubuqoto.
27Kwabalungileyo, u ya kubonakalisa ukulunga, na kwabangalungile, u ya kubonakalisa ukungalungi;
28U ya kusindisa abantu abahlutwayo; kodwa amehlo ako a pezu kwabazidhlayo ukuze u ba tobise.
29Ngokuba u isibani sami O Jehova; uJehova u ya kukanyisa ubumnyama bami;
30Ngokuba ngawe ngi dabule impi; ngoTixo wami ngi lweqile udonga.
31uTixo, indhlela yake i lungile; izwi lika Jehova li hlanzekile; u isihlangu kubo bonke aba temba kuye.
32Ngokuba ubani onguTixo ngapambi kuka Jehova? O idwala ngapambi kuka Tixo na?
33uTixo u ngamandhla ami, ukuqina kwami; yena u ya yi lungisa indhlela yami.
34Wenza izinyawo zami zi be njengezezinyamazane; u ya ngi beka ezindaweni zami ezipakemeyo.
35U ya zi fundisa izandhla zami ukulwa; ukuze umcibityelo wensimbi wapulwe imikono yami.
36U ngi nikile futi isihlangu sokusindisa kwako; nokutamba kwako ku ngi kulisile.
37U zi kulisile izindhlela zami ngapansi kwami; ngako amaqakala ami a ka tutumelanga.
38Nga zi landela izita zami nga zi bulala; a ngi pendukanga ngi nga ka zi qedi.
39Ngi zi bulele, ngi zi limazile ukuze zi nga vuki; zi wile ngapambi kwezinyawo zami.
40U ngi binqisile ngamandhla okulwa; abangivukelayo, wa ba kotamisa ngapansi kwami.
41U ngi nikile futi izintamo zezita zami, ukuze ngi ba bulale abangizondayo.
42Ba bheka, kodwa a kwa ba ko muntu wokusindisa; na kuJehova, kodwa a ka ba pendulanga.
43Nga ba coboza ba ba njengotuli lomhlabati; nga ba gxoba njengodaka lomgwaqo, nga ba hlakaza.
44U ngi kululile enkanini yabantu bami, wa ngondhla ukuba ngi be inhloko yezizwe; Abantu e be ngi nga bazi ba za kungikonza.
45Abangaziwayo ba ya kuzitoba; ekuzweni kwabo ba ya kungilalela.
46Abangaziwayo ba ya kubuna, ba ya kwesaba ezinqabeni zabo.
47uJehova u pilile; Ma li busiswe itye lami; ma ka pakanyiswe uTixo wedwala lokusindiswa kwami.
48uTixo o ngi pindiselayo, no wisayo abantu pansi kwami.
49No ngi kululayo eziteni zami, u ngi pakamisile pezu kwabo abangivukelayo; wa ngi kulula kumuntu o nonya.
50Ngako ngi ya kubonga wena, Jehova, ngapakati ezizweni, ngi ya kuhlabelela izibusiso ngegama lako.
51U inqaba yokusindiswa yenkosi yake; u bonakalise umusa kogcotyiweyo wake, kuDavida na senzalweni yake ku ze ku be pakade.