1KWA ti emva kwaloku uDavida wa buza kuJehova, wa ti, ngi zo kupuka emzini wakwaJuda na? uJehova wa ti kuye, kupuka. uDavida wa ti ngi zo kupukela ku yipi 'ndawo na? Wa ti kuye, kuHebroni.
2uDavida wa kupukela lapo kanye nabafazi bake ababili uAhinoami wakwa Jezrili noAbigaili umka Nabali waseKameli.
3Abantu bake a ba be naye, uDavida wa kupuka i leyo 'ndoda nomuzi wayo ba hlala emuzini waseHebroni.
4Amadoda a kwa Juda a fika lapo a m gcoba uDavida a m enza inkosi pezu kwendhlu kaJuda, ba m tyela uDavida ba ti, amadoda akwaJabeshgiladi i wona a m gqibayo uSauli.
5uDavida wa tuma izigijimi kuwo amadoda akwaJabeshgiladi, wa ti kuwo, ni ya busiswa uJehova, ngokuba ni bonakalisile lolutando enkosini yenu, kuSauli, na m gqiba.
6Manje uJehova a ni pe umusa neqiniso, nami ngo buyisela kinina lomusa, ngokuba ni yenzile leyo 'nto.
7Ngako ma zi qine izandhla zenu, ni be nesibindi, ngokuba inkosi yenu uSauli i file, indhlu yakwaJuda i ngi gcobile ngi be inkosi pezu kwabo.
8Kodwa uAbneri indodana ka Neri, induna yesixuku sika Sauli wa tata uHish-bosheti, indodana kaSauli, wa m welisela eMahanaimi.
9Wa m enza inkosi pezu kweGiladi na pezu kwabantu baseAshuri, na pezu kweJezrili, na pezu kweEfraimi, na pezu kweBenjamini, na pezu kwabo bonke abaIsraeli.
10uHish-bosheti, indodana ka Sauli, wa e neminyaka engamashumi amane, lapo e qala ukubusa pezu kwaba Israeli, Wa busa iminyaka emibili, Indhlu yakwa Juda yodwa ya m landela uDavida.
11Isikati, uDavida a busa ngaso pezu kwendhlu yakwa Juda, sa si iminyaka e isikombisa nezinyanga ezi isitupa.
12uAbneri, indodana ka Neri, kanye nezinceku zake, zika Hish-bosheti, indodana ka Sauli, ba puma eMahanaimi, ba ya eGibeoni.
13uJoabi, indodana ka Zeruia nezinceku zika Davida, ba puma ba hlangana eduze necibi lakwa Gibeoni, ba hlala pansi, abanye kwelinye icala lecibi, nabanye kwelinye icala lecibi.
14Abneri wa ti kuJoabi, izinsizwa ma zi suke manje, zi qakuzane pambi kwetu, uJoabi wa ti, Ma zi suke.
15Kwa se ku suka ishumi nambili zakwa Benjamini, za wela, eza zi kwaHish-bosheti, indodana ka Sauli, nezinceku zika Davida ezi ishumi nambili.
16Ba bambana njalo ngamakanda, ba gwazana ngenkemba, ba wa kanye, ngako leyo 'ndawo ya bizwa ngokuti Helkat-Hazzurimi e ngaseGibeoni.
17Kwa ku kona impi enzima ngalolosuku, uAbneri wa hlulwa abantu bakwa Israeli, ba balekela izinceku zika Davida.
18Kwa ku kona amadodana amatatu ka Zeruia, uJoabi noAbishai noAsaheli; uAsaheli wa e nejubane njengenyamazane yasendhle.
19uAsaheli wa sukela uAbneri, na ngokuhamba kwake, a ka cezukanga, ngakwesokunene nakwesokohlo, eku m landeleni uAbneri.
20Konake uAbneri wa lunguza emva wa ti, U nguAsaheli na? Wa pendula, wa ti, ngi nguye.
21uAbneri wa ti, cezuka ngakwesokunene, noma kwesokohlo, u bambe enye yezinsizwa u tate izikali zayo, Bheka uAsaheli a vumanga ukucezuka eku m landeleni kwake.
22uAbneri, wa pinda, wa ti kuAsaheli, cezuka ekungilandeleni, ngi zo ku tyayelani na? Ngi nga m buka kanjani uJoabi umfo wenu na?
23Kodwa wala ukucezuka ngako uAbneri wa m tyaya ngenzansi kobambo lwesihlanu ngesidunu somkonto, kwa ti umkonto wa puma ngemuva, wa wa kona lapo, wa fa ku leyo 'ndawo kwa ti aba fika lapo uAsaheli wa fela kona, bema.
24uJoabi noAbishai ba m landela uAbneri, ilanga la tyona, be sentabani, iAmma, e nga seGia ngendhlela yasehlane kwa Gibeoni.
25Abantwana baka Benjamini ba butana, ba hamba noAbneri ba isixuku sinye, bema pezulu entabeni.
26uAbneri wa memeza kuJoabi, wa ti, Inkemba i ya kudhla njalonjalo na? A wazi wena ukuba ko ba kona umunyu ekugcineni na? Ko ba isikati esingakanani u ze u yale abantu ukubuya ekulandeleni abafo wabo na?
27uJoabi wa ti ukupila kuka Jehova, uma u bu ngakulumanga, impela kusasa abantu nga be mukile, ku be i lowo ekulandeleni kwake umfo wabo.
28uJoabi wa e se tyaya itilongo, nabantu bonke bema, a ba be sa landela uIsraeli, a ba be be salwa futi.
29uAbneri namadoda ake ba hamba bonke lobo 'busuka etafeni, a wela iJordani, a dabula lonke e laseBithroni, ba fika eMahanaimi.
30uJoabi wa buya ekumlandeleni uAbneri, na lapo e se ba butile bonke abantu, kwa sala ezincekwini zika Davida amadoda a yishumi nashiyagalolunye noAsaheli.
31Kepa izinceku zika Davida za wa tyaya amadoda ka Benjamini noAbneri, ba fa abangamakulu amatatu namashumi a isitupa.
32Ba tata uAsaheli, ba m mbela etuneni lika yise e li seBetlehema uJoabi namadoda, ba hamba ubusuku bonke, ba fika eHebroni kumpondo zankomo.