1KWA ti emva kwaloku uAbsalomu wa zilungisela inqola namahashi namadoda a ngamashumi a isihlanu ukugijima ngapambi kwake.
2uAbsalomu wa vuka kusasa wema ngasecaleni lendhlela yesango, ku te lapo e fika umuntu o necala eli ya kutetwa inkosi, uAbsalomu wa m biza, wa ti kuye u ngo wa mupi umuzi na? Wa ti, inceku yako i ngowesinye isizwe sakwa Israeli.
3Wa ti uAbsalomu kuyena, bheka, izindaba zako zi lungile, zi isiminya, kodwa akuko 'muntu wenkosi wokukuzwa.
4Wa ti futi uAbsalomu, O! ku ngati ngi ngenziwa ngi be umahluli ezweni, uma ku kona umuntu o necala no nendaba e ze kimi ngi nga m tetelela kahle.
5Kwa ba njalo lapa ku fika umuntu, ukukuleka kuye, welula isandhla sake, wa m bamba wa m anga.
6Wenza njalo uAbsalomu kubaIsraeli bonke aba beza enkosini emacaleni; ngako uAbsalomu wa zeba izinhliziyo zabantu bakwa Israeli.
7Kwa ti emva kweminyaka e ngamashumi amane wa ti uAbsalomu enkosini, ngi ya kuleka, ma ngi hamba ngi feze isifungo sami e nga si funga kuJehova eHebroni.
8Ngako inceku yako ya funga isifungo ekuhlaleni kwayo eGeshuri laseAramu, nga ti, uma uJehova e ngi buyisela eJerusalema, ngi ya kukonza uJehova.
9Ya ti inkosi kuye, hamba kahle. Wesuka wa ya eHebroni.
10uAbsalomu wa tuma izinhloli kuzo zonke izizwe zakwa Israeli e ti, ekuzweni kwenu ukukala kwetilongo, ni ya kuti, uAbsalomu u ya busa eHebroni.
11Kwa hamba noAbsalomu amadoda a ngamakulu amabili a e biziwe e puma eJerusalema, a hamba ngokungazi, e ngazi luto.
12uAbsalomu wa biza uAhitofeli umGiloni, umqondisi ka Davida, emuzini wa kubo eGiloni e sa tyisa iminikelo. Icebo la qina, abantu banda njalo kuAbsalomu.
13Kwa fika isigijimi kuDavida si ti, izinhliziyo zabantu bakwa Israeli zi kuAbsalomu.
14uDavida wa ti ezincekwini zonke zake e za zi naye eJerusalema, sukani, ma si baleke, ngokuba a si yi kusinda kuAbsalomu nxa si ngenzi njalo, tyetyani ukuhamba, funa i si fice masinyane, a lete ububi pezu kwetu, a tyaye umuzi ngosiko lwenkemba.
15Za ti izinceku zenkosi enkosini, bheka izinceku zako zi lungele ukwenza okutyiwo inkosi yetu, inkosi.
16Inkosi ya hamba i landelwa ibo bonke abendhlu yayo. Inkosi ya shiya abesifazana aba ishumi aba be isitembu ukulinda indhlu.
17Ya hambake inkosi, ya landelwa abantu bonke, ya hlala endaweni e kude.
18Izinceku zonke zake za dhlula ecaleni kwake, nawo onke amaKereti, nawo onke amaPeleti, namaGiti onke amadoda a ngamakulu a isitupa a m landela, e suka eGati, a dhlula ngapambi kwenkosi.
19Inkosi ya ti kuIttai, umGiti, u hambelani nati? Buyela endaweni yako, u hlale nenkosi ngokuba u ngowezizwe noxotyiweyo.
20Loku u fike izolo, ku lungile ukuba ngi ku tate u hambe nati namhla na? loku ngi ya lapa ngi nga hamba kona, buya wena? u buyise abafo wenu; umusa neqiniso ma ku be nawe.
21uIttai wa pendula inkosi wa ti, ukupila kuka Jehova, ngokupila kwenkosi yami, inkosi, ku leyo 'ndawo lapo inkosi i ya kuba kona, noma ku sekufeni, noma ku sekupileni kona lapo i ya kuba kona inceku yako.
22uDavida wa ti kuIttai, hamba u welele ngapesheya, uIttai umGiti, wa wela, nabantu bonke bake, nezingane zonke eza zi naye.
23Izwe lonke la kala ngezwi elikulu, nabantu bonke ba wela; nenkosi futi ya wela umfulana iKedroni, nabantu bonke ba wela ngendhlela e ya ehlane.
24uZadoki, nabaLevi bonke ba be naye, be pete umpongolo wesivumelwano sika Tixo, uAbiata wa kupuka, ba ze ba dhlula bonke abantu emuzini.
25Inkosi ya ti kuZadoki, buyisela emzini umpongolo ka Tixo, uma ngi tola umusa emehlweni ka Jehova, u ya ku ngi buyisa a ngi kombise wona nendhlu yake.
26Kodwa uma e ti yena, a ngi jabuli ngawe, bheka, ngi lapa, ma kenze a ku tandayo kimina.
27Ya ti futi inkosi kuZadoki umpristi, a u si ye umazisi na? buyela emzini ngokutula namadodana ako amabili kanye nawe, indodana yako uAhimaazi noJonatani indodana ka Abiata.
28Bheka ngi ya kuhlala etafeni lasehlane ku ze ku fike izwi eli puma kuwe loku ngi qinisa.
29Ngako uZadoki noAbiata ba buyisela umpongolo ka Tixo eJerusalema, ba hlala kona.
30uDavida wa kupuka entabeni iOliveti e kala ekukupukeni kwake, e mbozile ikanda lake e nga gqokile ezinyaweni, abantu bonke aba be naye be mboze amakanda abo, ba kupuka be kala ekuhambeni kwabo.
31Omunye wa tyela uDavida, wa ti, uAhitofeli u kanye naba kwa Absalomu. uDavida, wa ti, Jehova ngi ya kunxusa pendula amazwi ka Ahitofeli a be ubuula.
32Kwa ti lapo uDavida e se dundubele entabeni wa konza kona uTixo, bheka uHushai umArki wa m hlangabeza, ibantyi lake li dabukile e nomhlabati ekanda lake.
33uDavida wa ti kuye, Uma u dhlula kanye nami u ya kuba umtwalo kimi.
34Kodwa uma u buyela emzini u ti kuAbsalomu ngi ya kuba inceku yako, nkosi kade ngi inceku ka yihlo, ngako ngi za kuba inceku yako, ngaloku 'kwenza kwako u ya ngi qobela amazwi ka Ahitofeli.
35Akuko kona lapo nawe, uZadoki, noAbiata abapristi na? Ngako ku ya kuti, o ku zwayo endhlini yenkosi u ku tyele uZadoki noAbiata abapristi.
36Bheka ku kona kanye nabo amadodana abo amabili uAhimaazi indodana ka Zadoki, noJonatani indodana ka Abiata, nangabo ni ya kutumela kimi konke e ni ku zwayo.
37uHushai isihlobo sika Davida, wa ya emzini, noAbsalomu wa ngena eJerusalema.