1UJEHORAMU indodana ka Ahabi wa ba inkosi yabaIsraeli eSamaria ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili ka Jehoshafati inkosi yabaJuda, wa busa iminyaka e ishumi nambili.
2Wenza okubi emehlweni ka Jehova; kepa kwa ku nge njengoyise na njengonina; wa susa umfanekiso ka Bali a be wenzile uyise.
3Kepa wa namatela ezonweni zika Jeroboamu indodana ka Nebati owonisa abaIsraeli; a ka pendukanga.
4uMesha inkosi yabaMoabi wa e fuyile izimvu eziningi, wa tela enkosini yabaIsraeli izimvana ezi izinkulungwane ezi ikulu, nezinqama ezi izinkulungwane ezi ikulu zi noboya bazo.
5Kwa ti e se file uAhabi, inkosi yabaMoabi ya hlubuka enkosini yabaIsraeli.
6Nga lesosikati inkosi uJehoramu wa puma eSamaria, wa ba bala bonke abaIsraeli.
7Wa ya wa tuma kuJehoshafati inkosi yabaJuda, wa ti, Inkosi yabaMoabi i hlubukile kimi; wena u ya kuhamba nami na, ukuba si hlasele kubaMoabi na? Wa ti, Ngi ya kwenyuka; mina ngi njengawe, abantu bami ba njengabako, amahashi ami a njenga wako.
8Wa ti, Si ya kwenyuka nga yipi indhlela? Wa ti, Ngendhlela yehlane la seEdomi.
9Njalo inkosi yabaIsraeli ya hamba, nenkosi yabaJuda, nenkosi ya seEdomi; ba zekelela ngendhlela izinsuku za zi isikombisa; a be nge ko amanzi ukupuzisa impi, nokupuzisa izinkomo, ezibalandelayo.
10Inkosi yabaIsraeli ya ti, Maye! uJehova u bizile lamakosi amatatu, ukuwanikela esandhleni sabaMoabi!
11Wa ti uJehoshafati, A muko lapa umprofeti ka Jehova na, ukuba u buze ngaye kuJehova? Enye inceku yenkosi yabaIsraeli ya pendula, ya ti, Ku kona uElisha indodana ka Shafati, owa tela amanzi ezandhleni zika Elija.
12uJehoshafati wa ti, Li kuye izwi lika Jehova. Ngako inkosi yabaIsraeli, naye uJehoshafati, nenkosi ya seEdomi behlela, ba ya kuye.
13uElisha wa ti enkosini yabaIsraeli, Mina ngi namsebenzi muni nawe na? Hamba u ye kubaprofeti baka yihlo, nabaprofeti baka nyoko. Inkosi yabaIsraeli ya ti kuye, Ai, ngokuba uJehova u bizile lawa amakosi amatatu, ukuwanikela esandhleni sabaMoabi.
14Wa ti uElisha, U hlezi uJehova wamabandhla engi mi pambi kwake, iqiniso, uma ngi be ngi nga boni ubuso buka Jehoshafati inkosi yabaJuda, ngi nge ze ngi ku bheke, ngi nge ze ngi ku qapele.
15Kepa wo ngi bizela umbeti wogubu. Kwa ti umbeti e sa beta, se za isandhla sika Jehova kuye.
16Wa ti, U ti uJehova, Yenza lemfunda i be nemigodi ngemigodi.
17Ngokuba u ti uJehova, A ni yi kubona umoya, a ni yi kubona nemvula; kepa noko lemfunda i ya kugcwala amanzi, ni ya kupuza nina, nezinkomo zenu, nezilwane zenu.
18Loko ku lula emehlweni ka Jehova; u ya kunikela abaMoabi esandhleni senu futi.
19Ni ya kucita imizi yonke e biyiwe udonga, nemizi yonke emihle, ni ya kuwisa imiti yonke emihle, ni vimbe yonke imitombo yamanzi, ni zone izindawo zonke ezinhle ngamatye.
20Kwa ti kusasa, ku sa nikelwa umnikelo, bheka, kwa vela amanzi ngendhlela ya seEdomi, izwe la be li gcwele amanzi.
21Be zwa abaMoabi bonke, ku tiwa amakosi enyukile ukulwa nabo, ba bizela bonke abantu abahloma izikali, abancinyane nabakulu, be ma emkaulweni.
22Ba vuka ekuseni, ilanga la kanya emanzini, abaMoabi ba bona amanzi pambi kwabo abomvu njengegazi.
23Ba ti, Loku ku igazi; impela amakosi a citeka nokuciteka, a bulelene; kaloku ekupangeni baMoabi!
24Se be fike empini yabaIsraeli, abaIsraeli ba suka, ba tyaya abaMoabi, ba baleka pambi kwabo; ba ngena ezweni labo, be tyaya abaMoabi.
25Ba cita imizi, na sezindaweni zonke ezinhle ba ponsa bonke ku ngulowo itye lake na lowo itye lake ba zi gcwalise; ba vimba imitombo yamanzi yonke, ba gaula yonke imiti emihle, ba za ba shiya amatye eKirharesete. Kepa abaponsi bamatye ba li zungeza, ba li kanda.
26Inkosi yabaMoabi i si bonile ukuba ukulwa kwa ku namandhla, ya tata nayo abantu aba ngamakulu a isikombisa aba hlomayo izikali, ba ya nayo, ukufohla ukuze ba fike enkosini ya seEdomi; kodwa bahluleka.
27Kona ya tata indodana yayo enkulu, eya i za kubusa esikundhleni sayo, ya i nikela i be umnikelo wokutya kona pezu kodonga. Kwa ku kona umsindo omkulu kubaIsraeli; ba suka kuyo inkosi ba buyela ezweni lakubo.