1KWA ti ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwake, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi lwenyanga, uNebukadnezari inkosi ya seBabulona weza, yena nempi yonke yake eJerusalema, wa zimisa kona, baka imibotyongo kona ezungezayo.
2Umuzi wa wu haqiwe kwa za kwa ba umnyaka weshumi nanye wenkosi uZedekia.
3Ngosuku lwesishiyagalolunye ngenyanga yesine, indhlala ya i nkulu emuzini; kwa ku ngeko ukudhla kubantu bezwe.
4Umuzi wa wu fohlwa; amabuto a baleka ebusuku ngendhlela yesango pakati kwezindonga ezimbili ensimini yenkosi. AmaKaledi a be kona emuzini, a wu haqa; inkosi ya hamba ngendhlela ya seArabia.
5Impi yamaKaledi ya landela inkosi, ya yi fumana ematafeni eJeriko, nayo yonke impi yayo ya hlakazeka.
6Njalo ba yi bamba inkosi, ba yi yisa enkosini ya seBabulona eRibla, ba yi tela icala la yi lahla.
7Ba bulala amadodana ka Zedekia pambi kwamehlo ake, ba kipa amehlo ka Zedekia, ba m bopa ngamakatango etusi, ba m yisa eBabulona.
8Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lwesikombisa lwenyanga, ukuti ngomnyaka weshumi nesishiyagalolunye ka Nebukadnezari inkosi ya seBabulona, weza uNebuza-adana, induna yabalindi, inceku yenkosi ya seBabulona, weza eJerusalema.
9Wa tyisa indhlu ka Jehova, nendhlu yenkosi, nazo zonke izindhlu za eJerusalema, nezindhlu zezikulu, wa zi tyisa ngomlilo.
10Impi yonke yamaKaledi ya i kona, nenduna yabalindi, ya bidhliza utango lwa seJerusalema oluzungezayo.
11Abantu abaseleyo emuzini, nabahlubukayo enkosini ya seBabulona, nokuseleyo kwesixuku, uNebuza-adana induna yomlindi wa ku fudusa.
12Kodwa induna yabalindi ya shiya abampofu bezwe, ba be abalimi besivini, nezisebenzi.
13Nezinsika zetusi eza zi kona endhlini ka Jehova; nezikondo, nolwandhle lwetusi olwa lu kona endhlini ka Jehova, amaKaledi a zi bulala, a tuta itusi lazo eBabulona.
14Nezimbiza, namafosholo, nezicimo, nezinkezo, nezitya zonke zetusi aba be konza ngazo, a zi susa.
15Nezipatumlilo, nezindiwana, nezinto zegolide egolideni, nesiliva esiliveni, induna yabalindi ya zi susa.
16Izinsika ezimbili, ulwandhle lu be lunye, nezikondo a be zenzela indhlu ka Jehova uSolomona, itusi lezitya lezi la be li nge nako ukulinganiswa.
17Ubude bensika inye ba bu amakubiti a ishumi nesishiyagalombili, inhloko pezu kwayo i be itusi; nobude benhloko leyo, ba bu ngamakubiti amatatu, ya yi setyenzwa ngokusebenza okupanjanisiweyo nerimoni pezu kwenhloko ngokuzungeza kwetusi, futi nensika yesibili ya yi njalo, i setyenzwe okupanjanisiweyo.
18Induna yabalindi ya m tata uSeraia umpristi omkulu, noZefania umpristi owesibili, nabatatu abalinda emnyango.
19Na nga semuzini ya tabata umbusi owa miselwa amabuto nabantu aba isihlanu kwa ba be kona ebusweni benkosi, aba funyenwe emuzini, nombali wenduna yempi, owa mema abantu bezwe, nabantu aba ngamashumi atatisitupa kubantu bezwe ba be kona emuzini.
20uNebuza-adana induna yabalindi wa ba tata bona laba, wa ba yisa enkosini ya seBabulona eRibla.
21Inkosi ya seBabulona ya ba tyaya, ya ba bulala eRibla, ezweni la seHamati. Njaloke abaJuda ba mukiswa ezweni labo.
22Abantu abaseleyo ezweni labaJuda, aba shiywa nguNebukadnezari inkosi ya seBabulona, ya m misa uGedelia, indodana ka Ahikama, indodana ka Shefana, a buse bona.
23Izinduna zonke zamabuto, nabantu bazo, se be zwile ukuba inkosi ya seBabulona i bi m misile uGedelia a buse, beza kuGedalia eMizpa, uIshmaeli indodana ka Netania noJohanani indodana ka Keria, noSeraia indodana ka Tanhumeta umNetofa; noJazania indodana yoMakati, bona nabantu babo.
24uGedalia wa fungela labo, nabantu babo, wa ti, Ni ngesabi ukukonza amaKaledi, hlalani ezweni, ni konze inkosi ya seBabulona; ku za ku ba lungile kini loko.
25Kwa ti ngenyanga yesikombisa, uIshmaeli indodana ka Netania indodana ka Elishama wenzalo yenkosi, nabantu aba ishumi naye, eza a gele uGedalia wa za wa fa, nabaJuda namaKaledi a be kona naye eMizpa.
26Ba suka abantu bonke abancane nabakulu, nezinduna zempi, ba ya Egipite ngokuba besaba amaKaledi.
27Kwa ti ngomnyaka wamashumi amatatu nesikombisa wokubotywa kuka Jehoyakina inkosi yabaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngosuku lwenyanga olu ngamashumi amabili nesikombisa, uEvilimerodaki inkosi ya seBabulona ngomnyaka wa qala ukuba inkosi, wa pakamisa ikanda lika Jehoyakina inkosi yabaJuda, wa m kipa etilongweni.
28Wa kuluma kahle naye, wa beka isihlalo sake sobukosi ngapezu kwesihlalo samakosi a ye naye eBabulona.
29Wa kumula izingubo zetilongo, wa dhla ukudhla pambi kwake izinsuku zonke zokupila kwake.
30Isabelo sokudhla sake sa si isabelo semihla yonke, eya nikwa iyo inkosi, ukuti izinsuku zonke zokupila kwake.