1EKUQALENI kwake ukubusa uJosia wa e neminyaka e isishiyagalombili, wa busa iminyaka e ngamashumi amatatu nanye eJerusalema. Igama lika nina la li nguJedida, indodakazi ka Adaya wa seBoskata.
2Wenza okufaneleyo emehlweni ka Jehova, wa hamba ngendhlela yonke ka Davida uyise, a ka pambukanga ngakwesokunene na ngakwesokohlo.
3Kwa ti ngomnyaka weshumi nashiyagalombili wenkosi uJosia, inkosi ya m tumela uShafana indodana ka Azalia indodana ka Meshulamu umbali, ukuya endhlini ka Jehova, ya ti,
4Kupuka u ye kuHilkia umpristi omkulu, a bale imali e yiswayo endhlini ka Jehova, eya butwa abalindi emnyango kubantu;
5Ma ba yi nike esandhleni sabo abawenzayo umsebenzi, abamiselwe indhlu ka Jehova; ma ba kokele ngayo bona abasebenzayo umsebenzi o sendhlini ka Jehova, ukuze ku lungiswe izikala zendhlu.
6Ababazi, nabaki, nabakayo ngamatye, nokutenga imiti, namatye abaziweyo, ukuba indhlu i lungiswe.
7Kodwa a ba buzwanga ngemali e bi nikelwe esandhleni sabo, ngokuba ba sebenza bona ngokwesiminya.
8uHilkia umpristi omkulu wa ti kuShafana umbali, Ngi yi fumene incwadi yomteto endhlini ka Jehova. uHilkia wa yi nika incwadi kuShafana, wa yi funda.
9uShafana umbali weza futi enkosini, wa yi landisa umpendulo, wa ti, Izinceku zako se zi telile imali eya funyanwa endhlini, za yi nika ezandhleni zabasebenzayo, aba miselwe indhlu ka Jehova.
10uShafana umbali wa bika enkosini, wa ti, uHilkia umpristi u ngi nikile incwadi, uShafana wa yi funda pambi kwenkosi.
11Kwa ti inkosi i si zwile amazwi encwadini yomteto, ya zi hxebula izingubo zayo.
12Inkosi ya yala uHilkia umpristi, noAhikamu indodana ka Shafana, noAkbora indodana ka Mikaia, noShafana umbali, noAsahia inceku yenkosi, e ti,
13Hambani ni buze kuJehova ngami na ngabantu, na ngabaJuda bonke; ngamazwi a kona ku lencwadi e funyenweyo; ngokuba lukulu ulaka lukaJehova olu vutayo kitina, ngokuba obaba betu be nga lalelanga amazwi a lencwadi, benze konke okulotyiweyo ngati.
14Njalo uHilkia umpristi, noAhikamu, noAkbora, noShafana, noIsaya, ba ya kuHulda umprofeti, umka Shaluma, indodana ka Tikva, indodana ka Harhase o gcina izingubo (yena wa e hlala eJerusalema endaweni yesibili;) ba kuluma naye.
15Wa ti kubo, U ti uJehova uTixo ka Israeli, Tyelani lomuntu oni tumileyo kimi, ni ti,
16U ti uJehova, Bheka, ngi za kuzisa ukuhlupeka kulendawo, na kubo abakileyo kuyo, amazwi onke a sencwadini eya funyanwa tyo inkosi yabaJuda.
17Ngokuba ba ngi shiyile, ba tyisa impepo kuzo izitixo ezinye, ukuba ba ngi vusele ulaka ngemisebenzi yonke yezandhla zabo, ngako ulaka lwami lu ya kuvuta kulendawo, ka lu yi kucitywa.
18Kodwa ni ya kuti kuyo inkosi yabaJuda eni tumileyo ukubuza kuJehova, ukuti, U ti uJehova uTixo ka Israeli ngamazwi lawa o wezwileyo.
19Ngokuba inhliziyo yako ya yi tambile, ngokuba u zitobisile pambi kuka Jehova, ekuzweni kwako loko enga ku tyoyo, nga lendawo, na ngabantu abakileyo kuyo, ukuti ba za kuba incitakalo, nokuqalekisa, wa hxebula namhla izingubo zako, wa kala pambi kwami, u ti uJehova, ngi ku zwile wena.
20Bheka, ngako ngi ya kukuyisa koyihlo, u ya kumbelwa etuneni lako, ku tule; amehlo ako ka wa yi kubona ukuhlupeka konke engi ya kukuleta kulendawo. Ba yi buyisela inkosi lompendulo.