1NGOMNYAKA wamashumi amabili nesikombisa ka Jeroboamu inkosi yabaIsraeli, uAzaria indodana ka Amazia inkosi yabaJuda wa ba inkosi.
2Ekuqaleni kwake ukubusa wa e neminyaka e ishumi nesitupa, wa busa iminyaka e ngamashumi amahlanu nambili eJerusalema. Igama lika nina la li nguJekolia wa seJerusalema.
3Wenza okufaneleyo emehlweni ka Jehova, njengako konke a kwenzayo uyise uAmazia.
4Kodwa izindawo ezipakamileyo za zi nga suswanga; abantu ba be sa tyisa impepo, ba be sa hlaba iminikelo ezindaweni ezipakamileyo.
5uJehova wa i hlupa inkosi, wa yenza i be ilepero, ya za ya fa, ya hlala endhlini yokufa. uJotamu indodana yenkosi wa e busa indhlu, e ba hlela abantu bezwe.
6Imisebenzi eminye ka Azaria, nako konke a kwenzayo, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda?
7uAzaria wa lala nokoko bake; ba m mbela ndawonye nokoko bake emuzini kaDavida; uJotamu indodana yake wa busa esikundhleni sake.
8Ngomnyaka wamashumi amatatu nesishiyagalombili ka Azaria inkosi yabaJuda, uZakaria indodana ka Jeroboamu wa busa abaIsraeli eSamaria izinyanga za zi isitupa.
9Wenza kabi emehlweni ka Jehova, njengaloko ba kwenzayo okoko bake; a ka sukanga ezonweni zikaJeroboamu indodana ka Nebati owonisa abaIsraeli.
10uShaluma indodana ka Jabeshi wa menzela icebo, wa m tyaya pambi kwabantu, wa m bulala, wa busa esikundhleni sake.
11Imisebenzi eminye ka Zakaria, bheka, i lotyiwe encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli.
12Ilelo izwi lika Jehova a li kulumayo kuJehu, ngokuti amadodana ako a ya kuhlala esihlalweni sobukosi sika Israeli, ku ze ku be esizukulwaneni sesine. Kwa ba njaloke.
13uShaluma indodana ka Jabeshi wa qala ukubusa ngomnyaka wamashumi amatatu nesishiyangalombili ka Uzia inkosi yabaJuda; wa busa inyanga yanye eSamaria.
14uMenahemu indodana ka Gadi, wa kupuka eTirza, we za eSamaria wa mahlula uShaluma, indodana ka Jabeshi eSamaria, wa m bulala, wa busa esikundhleni sake.
15Imisebenzi eminye ka Shaluma, necebo lake, a lenzayo, bheka ku lotyiwe encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli.
16Kona uMenahemu wa cita iTifsa, nabo bonke aba be kona, namazwe alo, ku suka eTirza; ngokuba be nga m vulelanga, wa li cita; nabafazi abamitiyo bonke aba be kona, wa ba qaqa.
17Ngomnyaka wamashumi amatatu nesishiyagalolunye ka Azaria inkosi yabaJuda, uMenahemu indodana ka Gadi wa qala ukubusa kwaIsraeli, wa busa iminyaka ya ishumi eSamaria.
18Wenza kabi emehlweni ka Jehova; ngemihla yonke yake, a ka zi shiyanga izono zika Jeroboamu indodana ka Nebati, yena owonisa abaIsraeli.
19uPuli inkosi ya seAsiria we za ezweni lelo; uMenahemu wa m nika u Puli amatalenta esiliva a inkulungwane, ukuba isandhla sake si be naye ukuqinisa umbuso esandhleni sake.
20uMenahemu wa telisa abaIsraeli bonke abakulu empini, nabantu bonke wa biza amashekeli esiliva a ngamashumi amahlanu, ukuyinika inkosi ya seAsiria. Njalo inkosi ya seAsiria ya buya, ya i nga hlali kona ezweni.
21Imisebenzi eminye ka Menahemu nako konke a kwenzayo, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli?
22uMenahemu wa lala nokoko bake, uPekahia indodana yake wa busa esikundhleni sake.
23Ngomnyaka wamashumi amahlanu ka Azaria inkosi yabaJuda uPekahia indodana ka Menahemu wa qala ukubusa kwa Israeli eSamaria, wa busa kona iminyaka emibili.
24Wenza kabi emehlweni ka Jehova, ka zi shiyanga izono zika Jeroboamu indodana ka Nebati, yena owonisa abaIsraeli.
25Kodwa uPeka indodana ka Remalia, induna yake, wa menzela icebo, wa mahlula eSamaria esigodhlweni sendhlu yenkosi, kanye no Argobe noAria namadoda a ngamashumi amahlanu, amaGiladi, wa m bulala, wa busa esikundhleni sake.
26Imisebenzi eminye ka Pekahia, nako konke a kwenzayo, bheka, ku lotyiwe encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli.
27Ngomnyaka wamashumi amahlanu nambili ka Azaria inkosi yabaJuda, uPeka indodana ka Remalia wa ba inkosi yabaIsraeli eSamaria, wa busa iminyaka ya i ngamashumi amabili.
28Wenza kabi emehlweni ka Jehova; ka zi shiyanga izono zika Jeroboamu indodana ka Nebati, yena owonisa abaIsraeli.
29Ngezinsuku zika Peka inkosi yabaIsraeli, kweza uTiglatpilesari inkosi ya seAsiria, wa nqoba iJoni, neAbelbetemaka, neJanoa, neKedeshi, neHazori, neGiladi, neGalile, nezwe lonke la seNaftali, wa ba yisa abantu be botyiwe eAsiria.
30uHoshea indodana ka Ela wa m enzela uPeka icebo indodana ka Remalia, wa m tyaya, wa m bulala, wa busa esikudhleni sake ngomnyaka wamashumi amabili ka Jotamu indodana ka Uzia.
31Imisebenzi eminye ka Peka nako konke a kwenzayo, bheka, ku lotyiwe encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli.
32Ngomnyaka wesibili ka Peka indodana ka Remalia inkosi yabaIsraeli, uJotamu indodana ka Uzia inkosi yabaJuda, wa qala ukubusa.
33Ekuqaleni kwake ukubusa, iminyaka yake ya i ngamashumi amabili, wa busa iminyaka ya i ishumi nesitupa eJerusalema, igama lika nina la li nguJerusha, indodakazi ka Zadoki.
34Wenza okufaneleyo emehlweni ka Jehova, wenza ngako konke a kwenzayo uyise uUzia.
35Kodwa izindawo ezipakamileyo za be zi nga suswanga; abantu ba be sa hlaba iminikelo, ba tyisa impepo ezindaweni ezipakamileyo. Waka isango la senhla endhlini ka Jehova.
36Imisebenzi eminye ka Jotamu nokwenza konke kwake, ka ku lotyiwe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaJuda?
37Nga lezozinsuku uJehova wa qala ukutuma kuJuda uRezina inkosi ya seSiria, noPeka indodana ka Remalia.
38uJotamu wa lala nokoko bake emuzini ka Davida uyise. uAhazia indodana yake wa busa esikundhleni sake.