1ABAMOABI ba hlubuka kubaIsraeli ngasemva kokufa kuka Ahabi.
2uAhazia wa wa esibukweni sendhlu yake e pezulu, ya seSamaria, wa e gula; wa zi tuma izigijimi, wa ti kuzo, Hambani ni buze kuBalzebuba utixo wa seEkroni uma ngi ya ku sinda ku lesisifo na.
3Kepa ingelosi ka Jehova ya ti kuElija wa seTishebe, Suka u kupuke u zihlangabeze izigijimi zenkosi ya seSamaria u ti kuzo, Ku ngokuba ka muko uTixo kubaIsraeli ukuba ni ya ukubuza kuBalzebuba utixo wa seEkroni na?
4Ngako u ti uJehova, A u yi kusuka embedeni o kwele kuwo, kodwa u za kufa nokufa. uElija wa muka.
5Izigijimi za be zi buyele kuye, wa ti kuzo, Se ni buyeleni na?
6Za ti kuye, Umuntu wa kupuka ukusihlangabeza, wa ti kitina, Hambani, ni buye enkosini e ni tumileyo, ni ti kuyo, U ti uJehova, Ku ngokuba ka muko uTixo kubaIsraeli na ukuba u tume ukubuza kuBalzebuba utixo wa seEkroni na? ngako a u yi kusuka ku lombede o lele kuwo, kodwa u za kufa nokufa.
7Wa ti kuzo, Ku be kungumuntu onjani owa kupuka ukunihlangabeza, o wa ni tyela lamazwi na?
8Za m pendula za ti, Be ku ngumuntu o nengubo yoboya, e botywa ngembande lesikumba okalweni lwake. Wa ti, Ku nguElija wa seTishebe.
9Kona inkosi ya tuma kuye induna yamashumi amahlanu namashumi amahlanu ayo. Ya kupuka ukuya kuye; bheka, wa e hlezi entabeni pezulu, ya ti kuye, We muntu ka Tixo! i ti inkosi, Yehla.
10uElija wa pendula wa ti enduneni yamashumi amahlanu, Uma ngi ngumuntu ka Tixo, ma wehle umlilo ezulwini, u qede wena namashumi amahlanu ako. Njalo wehla umlilo ezulwini, wa qeda yona namashumi amahlanu ayo.
11Ya buya ya tuma kuye enye induna yamashumi amahlanu i namashumi amahlanu ayo, ya kuluma ya ti kuElija, We muntu ka Tixo! i ti inkosi Tyetya wehle.
12uElija wa pendula wa ti kubo, Uma ngi ngumuntu ka Tixo mina, ma wehle umlilo ezulwini u qede wena namashumi amahlanu ako. Njalo umlilo ka Tixo wehla ezulwini, wa tyisa yona namashumi amahlanu ayo.
13Ya buya ya tuma induna ya wesitatu amashumi amahlanu, i namashumi amahlanu ayo. Induna eyawesitatu amashumi amahlanu ya kupuka yeza ya guqa ngamadolo pambi kuka Elija ya m nxusa, ya ti kuye, E muntu ka Tixo! Ma ke ku tandeke emehlweni ako, ukupila kwami nokupila kwa lezizinceku zako ezi ngamashumi amahlanu.
14Bheka, kwehla umlilo ezulwini, wa qeda izinduna zombili zamashumi amahlanu okuqala, namashumi amahlanu azo; kaloku ma ku tandeke emehlweni ako ukupila kwami.
15Ingelosi ka Jehova ya ti kuElija, Yehla nayo u nga yesabi. Wa suka, wehla nayo wa ya enkosini.
16Wa ti kuyo, U ti uJehova, Loku u zi tumile izigijimi ukubuza kuBalzebuba utixo wa seEkroni, a ku ngokuba ka muko uTixo kubaIsraeli yini, ku buzwe ngezwi lake na? ngaloku a u yi kusuka embedeni o lele kuwo, kodwa u za kufa nokufa.
17Njalo ya fa njengokutyo kuka Jehova okwa be ku shunyayelwa uElija. uJehoramu wa busa esikundhleni sake ngomnyaka wesibili ka Jesoramu indodana ka Jehoshafati inkosi yabaJuda; ngokuba wa e nge nandodana.
18Imisebenzi eminye ka Ahazia a yenzayo, a i lotywe yini encwadini yemisebenzi yemihla ngemihla yamakosi abaIsraeli na?