1SI ya nazisa, bazalwane, umusa ka Tixo a u piweyo amabandhla a seMakedonia;
2Ukuti ekulingweni okukulu kokuhlupeka, ukutokoza kwabo okukulu, nobumpofu babo obutyonisayo, bu vamile ku be mkulu umusa wabo.
3Ngokuba ngokwamandhla abo, ngi ya qinisa, yebo na ngapezu kwamandhla abo, ba be vuma ngokwabo;
4Ba si nxusa ngokuncenga okukulu, ukuba si kwamkele aba si pe kona, si hlanganyele ukwabela abangcwele.
5A kwa ba njengokwetemba kwetu, kepa ba zinika eNkosini kuqala, na kitina ngentando ka Tixo;
6Sa za sa m ncenga uTitusi, ukuba, njengaloku wa be qalile, a buye a feze pakati kwenu lomusa.
7Yebo njengaloku ni vama konke, ukukolwa, nokushumayela, nokwazi, nokukutala konke, nokusitanda tina, ma ni vame na lomusa.
8A ngi tyo loku ngokuniyala, ngi tyo ngokukutala kwabanye ngi linga ukutanda kwenu, uma ku iqiniso.
9Ngokuba ni yazi umusa weNkosi yetu uJesu Kristu, ukuti, noma e cebile, wa ba mpofu ngenxa yenu, ukuba ni cebe ngobumpofu bake.
10Na ku loku ngi ya nika izwi; ngokuba loku ku fanele nina, ena qala nyakenye, a ngi tyo ukwenza kodwa, kepa nokwenza ngesihle.
11Manje fezani lomsebenzi ku ze ku ti, njengaloku kwa ku kona ukutanda kwenhliziyo, ku be nokufeza nga loku eni nako.
12Ngokuba, uma ku kona ukutanda kwenhliziyo, umuntu u ya vunyelwa njenga nako, ku nga bi jenga nge nako.
13A ngi tyo ma ku be lula kwabanye, ku be nzima kinina;
14Kepa a ku be okulingeneyo; kona ku lesisikati ukuvama kwenu ku mele ukudinga kwabo, ukuba ukuvama kwabo ku buye ku mele ukudinga kwenu, ku ze ku be ukulingana;
15Njengokulotyiweyo ukuti, O be bute okuningi, ka banga nako okudhlulileyo, no be bute okuncinyane, ka ntulanga.
16Kepa ka bongwe uTixo owenza enhliziyweni ka Titusi loku ukunikutalela.
17Ngokuba wa vuma ukuyalwa; kepa loku e kutele kakulu, weza kinina ngokutanda kwake.
18Si tumile kanye naye umzalwane, okubongwa kwake ngevangeli ku semabandhleni onke;
19Ku nge siko loko kodwa, kepa wa miswa amabandhla, ukuba a si pelekezele, a ye nawo lomusa owabiwa i ti, ku ze ku hlaluke ubukosi beNkosi leyo, nokutanda kwenhliziyo yenu;
20Si ku xwaya loku, ukuba si nga solwa muntu ngobuningi lobu obabiwa itina.
21Ngokuba si katalela okuhle, ku nge sebusweni beNkosi yodwa; kepa ku na sebusweni babantu.
22Si tumile kanye nabo umzalwane wetu, esi m fumene futifuti e kutele ngezinto eziningi, kepa kaloku u kutele kakulu kakulu ngokunetemba kwake.
23Uma ku buzwa ngoTitusi, u ngumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kinina noma ku buzwa ngabazalwane betu, ba ngabapostoli bamabandhla, ubukosi buka Kristu.
24Ngako ma ni bonakalise kubona na pambi kwamabandhla isiboniso sotando lwenu nokunibabaza kwetu.