1NGI ya ni ncenga mina Paule, ngokubekezela na ngobunene buka Kristu, mina engi tobile pakati kwenu nxa ngi kona, kepa nxa ngi nge ko ngi nesibindi ngakini:
2Ngi ya ni ncenga ukuba, nxa ngi kona, ngi nga bi nasibindi sokuqinisa, engi ti ngi ya kuba naso kwabanye abatyoyo be ti, si ya hamba ngokwenyama.
3Ngokuba noma si hamba si senyameni, a si lwi ngokwenyama:
4Ngokuba izikali zokulwa kwetu a sizo ezenyama; zi namandhla ngaye uTixo okucita izinqaba;
5Si cita imicabango, nokudepileyo konke oku zikukumezayo pezu kokumazi uTixo, si tumbela ukuzindhla konke ukumlalela uKristu.
6Futi si lungele ukujezisa ukungalaleli konke, lapo ku pelele ukulalela kwenu.
7Ni ya bheka izinto ngokubonakalayo. Uma umuntu e zetemba yena, ukuti, u ngoka Kristu, a ka buye, a qonde loku futi ngokwake, ukuti, njengokuba yena u ngoka Kristu, si ngabaka Kristu nati.
8Ngokuba, noma ngi bonga kakulu amandhla etu, esi wa piweyo iNkosi, ukuba nakelwe iwo, ni nga bujiswa, a ngi yi kuba namahloni;
9Ukuba ku nga tiwa ngi njengo nesabisayo ngezincwadi.
10Ngokuba ku tyiwo abatile ukuti, izincwadi zake zi nzima, zi namandhla; kepa nxa e kona umzimba wake ubutakataka, ukukuluma kwake ku delelekile;
11Ma ka qonde o njalo loku kokuti, njengokuba si njalo ngokukuluma ngezincwadi nxa si nge ko, so ba njalo na ngokwenza nxa si kona.
12A si nasibindi sokuti, si ngabazincomayo, nokuzifanisa tina nabo; kepa bona, ngokulinganisana, na ngokufanisana bodwa, a ba hlakanipile.
13Kepa tina a si yi kubonga ngokungalinganisiwe; si ya bonga ngokulinganisiweyo komudwa, esi ku piwe uTixo, ku be okulinganisiweyo kokuba si finyelele na kinina.
14A si zeluli, si dhlule okulinganisiweyo, njengokungati a si finyeleli kinina; ngokuba se si fikile na kinina ngevangeli lika Kristu.
15Si nga bongi ngokungalinganisiwe emisebenzini yabanye abantu; kodwa si netemba lokuti nxa kwandile ukukolwa kwenu, si ya kukuliswa kakulu inina ngomudwa wetu,
16Si ye si shumayele ivangeli ezindaweni ezi ngapambili kwenu, si nga bongi emudweni womunye umuntu ngezinto e se zi lungisiwe.
17Kodwa o bongayo, ka bonge ngeNkosi.
18Ngokuba o zincomayo a siye o vunyelwayo kepa uye o nconywayo iNkosi.