1UHEZEKIA wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amabili nesihlanu, wa busa eJerusalema iminyaka e ngamashumi amabili nesishiyagalolunye. Igama lika nina la li nguAbija, indodakazi ka Zekaria.
2Wenza okulungileyo emehlweni ka Jehova, ngako konke o kwenziwa uDavida uyise.
3Yena, ngomnyaka wokuqala woku busa kwake, nangenyanga yokuqala, wa vula amasango endhlu ka Jehova, wa wa lungisa.
4Wa ngenisa abapristi namaLevi, wa ba butela esitaladini sa sempumalanga.
5Wa ti kubona, Yizwani mina, nina maLevi, zigcobeni nina manje, ni yenze ngcwele indhlu ka Jehova uTixo wa oyihlo benu, ni suse okubi endaweni e ingcwele.
6Ngokuba obaba betu bonile, benza okubi emehlweni ka Jehova uTixo wetu, ba m dela, ba pendula ubuso babo ngasendhlini ka Jehova, ba veza nemihlana yabo kona.
7Ba zi valile nezivalo, ba cima izibani, be nga yi tyisi impepo nemihlabelo endaweni e ingcwele kuTixo ka Israeli.
8Ngako ulaka luka Jehova lwa lu pezu kweJuda neJerusalema, wa ba nikela ezinhlupekweni, nokumangala noku sasazela, njengokubona kwenu ngamehlo enu.
9Ngokuba, bheka, obaba ba wile ngenkemba, namadodana etu, namadodakazi, nabafazi, ba sebugqilini ngenxa ya loku.
10Ngokuba ku senhliziyweni yami ukwenza isivumelwano, kanye noJehova uTixo ka Israeli, ukuba ulaka lwake olukulu lu si shiye.
11Madodana ami, ni nga vilapike manje; ngokuba uJehova u ni ketile nina ukuba ni me ngapambi kwake, ukumsebenzela, ni kulume naye, ni tyise impepo.
12AmaLevi a vukake, uMahati indodana ka Amasai, noJoeli indodana ka Azaria, amadodana amaKohati; namadodana aka Merari, uKishi indodana ka Abdi, noAzaria indodana ka Jehaleli; na ba kwabaGershoni, uJoa indodana ka Zima, noEdene indodana ka Joa;
13Kumadodana ka Elizafani; uShimri, noJeieli; na kumadodana ka Asafa; uZekaria, noMatania;
14Kumadodana ka Hemani; uJehieli, noShimei; nakumadodana ka Jedutani; uShemia, noUzieli.
15Ba buta abafo wabo, ba zigcoba ba fika, njengesiyalezo senkosi, ngemisebenzi ka Jehova, ukuilungisa indhlu ka Jehova.
16Abapristi ba ngena pakati kwendhlu ka Jehova, ukuilungisa, ba kipa yonke insila aba i tolayo etempeleni lika Jehova, ba i buyisela ngapandhle. NamaLevi a i tata, ukuiyisa emfuleni iKidroni.
17Ba qala ngosuku lokuqala lwenyanga yakuqala, ukulungisa, na ngosuku lwesishiyagalombili lwenyanga ba fika ngapambi kwesigodhlo sika Jehova; ngako ba i lungisa indhlu ka Jehova ngezinsuku ezi isishiyagalombili; na ngosuku lweshumi nesitupa lwenyanga yokuqala ba gcina.
18Ba ngenake kuHezekia inkosi, ba ti, si i lungisile yonke indhlu yenkosi, nelati lemihlabelo, nezitya zonke zalo, netebula lesinkwa sesibonakaliso, nezitya zonke zalo.
19Futi zonke izitya eza ntyingwa inkosi uAhazi ekoneni kwake e sembusweni wake, si zi lungisile sa zi gcoba, zi kona ngapambi kwelati lika Jehova.
20uHezekia inkosi wa vuka kusasa, wa buta ababusi bomuzi, ba kupukela endhlini ka Jehova.
21Ba leta izinkabi ezi isikombisa, nezinqama ezi isikombisa, namacwane a isikombisa, nezimpongo ezi isikombisa, ukuhlabela isono sombuso, nendhlu yenkosi, neJuda. Wa yaleza abapristi amadodana ka Aroni, uku zi nikela ngapezu kwelati lika Jehova.
22Ba zi bulala izinkabi, nabapristi bamukela igazi, ba li fafaza pezu kwelati; futi, se be bulele izinqama, ba fafaza igazi lazo pezu kwelati; ba bulala namacwane, ba fafaza igazi lawo pezu kwelati.
23Ba leta izimpongo zomhlabelo wokona, napambi kwenkosi nesixuku; ba beka izandhla zabo pezu kwazo;
24Abapristi ba zi bulala, ba telelela ngegazi lazo pezu kwelati abaIsraeli bonke; ngokuba inkosi ya yaleza ukuba okutyiselwa isono ku ya kwenzelwa abaIsraeli bonke.
25Wa misa amaLevi endhlini ka Jehova be pete izingumbu njengesiyalezo sika Davida, ne sikaGadi umprofeti wenkosi, noNatani umprofeti; ngokuba isiyalezo sika Jehova sa si njalo ngabaprofeti bake.
26AmaLevi ema e pete izingumbu zika Davida, nabapristi be pete amatilongo.
27uHezekia wa yaleza ukuba ku tyiswe umhlabelo pezu kwelati, Na lapo ku qalwayo isihlabelelo sika Jehova sa qalwa ngamatilongo, na ngezingubu eza miswa uDavida inkosi yabaIsraeli.
28Sonke isixuku sa konza, nabahlabeleli ba hlabelela, nabetilongo ba beta; ba qinisela bonke kwa za kwa pela umhlabelo otyiswayo.
29Lapo se be wu qedile umhlabelo, inkosi nabo bonke aba be kona, ba zikotamisa ba dumisa.
30Futi uHezekia inkosi nezikulu za yaleza amaLevi ukugwabela uJehova udumiso ngamazwi ka Davida, na ka Asafa umprofeti. Ba gwaba udumiso ngenjabulo, ba kotamisa amakanda abo ba dumisa.
31uHezekia wa pendula wa ti, Manje ni zinikile kuJehova, sondelani ni lete izipo nezipo zokubonga endhlini ka Jehova. Nesixuku sa ngenisa izipo nezipo zokubonga; naba nenhliziyo yokubonga ba leta imihlabelo yokutyiswa.
32Ubuningi bemihlabelo yokutyiswa e ya ngeniswa isixuku, ba bu izinkabi ezi ngamashumi a isikombisa, nezinqama ezi ikulu, namacwane a ngamakulu amabili; zonke lezi za zi umhlabelo kuJehova.
33Okwamiswayo ku be ingcwele kwa ku izinkabi ezi ngamakulu a isitupa, nezimvu ezi izinkulungwane ezintatu.
34Kodwa abapristi ba be incozana, be nge nakuzibulala zonke izilwane, ngako ba sizwa amaLevi abafo wabo, wa ze wa pela umsebenzi, ba ze ba zigcoba nabanye abapristi; ngokuba amaLevi ba be nezinhliziyo ezilungile ukuzigcoba ku nabapristi.
35Imihlabelo ya i miningi, namanoni emihlabelo yokutula, nezipo zokupuza kuyo yonke imihlabelo etyiswayo, ngakoke umsebenzi wendhlu ka Jehova wa lungiswa.
36uHezekia wa jabula, nabantu bonke, ukuba uTixo wa ba lungisa abantu; nento yenzakala masinyane.