1UAMAZIA wa qala ukubusa e neminyaka e ngamashumi amabili nesihlanu, wa busa eJerusalema iminyaka e ngamashumi amabili nesishiyagalolunye, negama lika nina la li nguJehoadani wa seJerusalema.
2Naye wenza okulungileyo emehlweni ka Jehova, ku nge ngenhliziyo epeleleyo kodwa.
3Kwa ti lapo umbuso u su miselwe yena, wa zi bulala izinceku zake e za zi bulele inkosi uyise.
4Kodwa a ka ba bulala abantwana babo, kodwa wenza njengokulotyiweyo encwadini ka Mosi, ukuti, Abazali ka ba yi ku fela abantwana babo, nabantwana, oyise babo, kodwa ilowo a fele esake isono.
5Futi uAmazia wa li buta iJuda, wa benza izinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakulu, njengezindhlu za oyise, kulo lonke iJuda neBenjamini; wa ba bala ku suke eminyakeni e ngamashumi amabili na ngapezulu, wa bona ukuba ba ngabaketiweyo aba izinkulungwane ezingamakulu amatatu, aba namandhla ukuya empini, na ba nga pata umkonto, nesihlangu.
6Wa biza futi amaqawe kubaIsraeli a izinkulungwane ezi ikulu, wa ba kokela ngamatalenta a ikulu esiliva.
7Kodwa kwa fika kuye umuntu ka Tixo, e ti, O Nkosi, impi ya kwa Israeli ma i nga hambi nawe; ngokuba uJehova a kako kubo abaIsraeli, na kubo bonke aba kwa Efraimi.
8Kodwa uma u ya qinisela, hamba, yiba namandhla empini; uTixo u ya kukuwisa ngapambi kwesita; ngokuba uTixo u namandhla ukusiza, noku wisa pansi.
9Wa ti uAmazia kumuntu ka Tixo, Si ya kwenzanike ngenxa yamatalenta lawo e nga wa nika impi yakwa Israeli na? Wa pendula umuntu ka Tixo, wa ti, uJehova u namandhla ukukunika okuningi kakulu ku na loku.
10uAmazia wa ba hlukanisa, nempi e ya fika kuyena i vela eEfraimi, wa i godusa, ngaloko ba tukutela kakulu abakwaJuda, ba buyela ekaya be nolaka olukulu.
11uAmazia wa ziqinisa, wa ba hola abantu bake, wa ya esigodini sika saoti, wa bulala aba kwa Sira izinkulungwane ezi ishumi.
12Nabasindileyo aba izinkulungwane ezi ishumi, ba tatwa abakwaJuda be izibotywa, ba ba yisa pezu kwetye, ba ba ponsa pansi ba hlifizeka bonke.
13Kodwa amabuto empi a wa buyisa uAmazia, ukuba a nga hambi naye ekulweni, a ziponsa pezu kwemizi yakwa Juda, ku suka eSamaria kwa ze kwa fika eBetihorani, ba bulala izinkulungwane ezintatu kubona, be tata impango eningi.
14Kwa ti lapo uAmazia e se buyile ekubulaleni kwake aba seEdomi, wa leta izitixo zabantwana baka Sira, wa zi misa zi be izitixo zake, wa kotamela zona, wa tyisa impepo kuzona.
15Ulaka luka Jehova lwa m vukela uAmazia, wa tuma umprofeti kuyena, wa ti kuye, U zi funeleni izitixo zabantu, e za zi nge namandhla ukukulula abantu bazo esandhleni sako na?
16Kwa ti, lapo e sa kuluma nayo, inkosi ya ti kuyena, Wenzelwe ukukuluma nenkosi wena na? Yeka; u nga bulawelani wena na? Wa yekake umprofeti, wa ti, ngi yazi ukuba uTixo u qinisele uku ku bulala wena, ngokuba u yenzile lento, u nga i lalelanga inkulumo yami.
17Wa ceba icebo uAmazia inkosi yakwa Juda, wa tumela kuJoashi, indodana ka Jehoahazi, indodana ka Jehu, inkosi yakwa Israeli, wa ti, Woza, ma si bonane ngobuso.
18uJoashi inkosi yakwa Israeli ya tumela kuAmazia inkosi yakwa Juda, wa ti, Umtolo wa seLebanoni wa tuma kulo isedare e la li seLebanoni, wa ti, nikela indodana yami intombi yako i be umkako; kwa dhlula isilo e sa si seLebanoni, sa nyatela pansi umtolo.
19U ti wena, bheka, ngi ba bulele aba kwaEdomi, nenhliziyo yako yenzela ukuziqenya; hlala manje ekaya; ini ukuba u zibulale, wena, naba kwa Juda kanye nawe na?
20Kodwa uAmazia a kezwanga; ngokuba kwa vela kuTixo, ukuba a ba nikele ezandhleni zezita zabo, ngokuba ba funa izitixo zakwa Edomi.
21Ngako uJoashi inkosi yakwa Israeli wa kupuka; ba bonana ngobuso, yena noAmazia inkosi yakwa Juda, eBetishemeshi, e li nge lika Juda.
22AbakwaJuda ba hlulwa ngabaka Israeli, kwa i lowo wa balekela endhlini yake,
23uJoashi inkosi yakwa Israeli wa m tata uAmazia inkosi yakwa Juda, nendodana ka Joashi, indodana ka Jehoahazi, eBetishemeshi, wa m leta eJerusalema, wa lwapula udonga lweJerusalema, ku suke emnyango ka Efraimi, kwa ze kwa fika emnyango o sengosini, amakubiti a ngamakulu amane.
24Wa li tata lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitya eza tolwa kuObededomi endhlini ka Tixo, namagugu endhlu yenkosi, no kwa ku bekiwe, ba buyela eSamaria.
25uAmazia indodana ka Joashi inkosi yakwa Juda, ya pila iminyaka e ngamashumi a isihlanu emva kokufa kuka Joashi indodana ka Jehoahazi inkosi yakwa Israeli.
26Manjeke izenzo ezinye zika Amazia, zakuqala nezokugcina, bheka, zi lotyiwe encwadini yamakosi akwa Juda neIsraeli?
27Kwa tike emva kwesikati sokupenduka kuka Amazia ekumlandeleni kwake uJehova, ba menzela icebo eJerusalema; wa baleka wa ya eLakisha; kodwa ba fika, ba m bulala kona.
28Ba m twala ngamahashi, ba m gqiba kanye nokoko bake emzini wa kwa Juda.