1UJEHOSHAFATI wa e nemfuyo eningi kakulu nodumo, wa zi hlanganyela noAhabi.
2Na ngasemva kweminyaka wehlela kuAhabi eSamaria. uAhabi wa m hlabela izimvu nezinkabi eziningi, e hlabela nabantu aba be naye, wa m nxusa ukuba a kupuke naye baye eRamotgiladi.
3uAhabi inkosi yakwa Israeli wa ti ku Jehoshafati inkosi yakwa Juda, U ya ku hamba nami siye eRamotgiladi na? Wa m pendula wa ti, Ngi njengawe mina, nabantu bami ba njenga bako; so ba kanye nawe empini.
4uJehoshafati wa ti kuyo inkosi yakwa Israeli, Buza, ngi ya kuleka, egameni lika Jehova namuhla.
5Inkosi yakwa Israeli ya butake abaprofeti aba ngamakulu amane, ya ti ku bona, Si ya kuya eRamotgiladi ukulwa na? kuhle ngi yeke na? Ba ti bona, kupuka; ngokuba uTixo u ya kulinikela esandhleni senkosi.
6Kodwa uJehoshafati wa ti, a kako lapa umprofeti ka Jehova futi, si buze kuyena na?
7Ya ti inkosi yakwa Israeli kuJehoshafati, u kona omunye umuntu, e si nga m buza ngaye uJehova; kodwa mina ngi ya m zonda; ngokuba a ka bonanga a ngi kulumele kahle, u ngenzela ububi njalo; u yena uMkaia indodana ka Imla. uJehoshafati wa ti, a i ngatyo njalo inkosi.
8Inkosi yakwa Israeli ya biza enye induna yake, ya ti, m lete masinyane uMikaia indodana ka Imla.
9Inkosi yakwa Israeli noJehoshafati inkosi yakwa Juda, ba hlala bo babili esihlalweni sake sobukosi, be gqoke izingubo zabo, ba hlala endaweni e ibala ngasekungeneni kwesango la seSamaria; nabaprofeti bonke ba kuluma ngapambi kwabo.
10uZedekia indodana ka Kenana wa e zenzele izimpondo zensimbi, wa ti, U ti uJehova, nga lezi zimpondo u ya kulikapa iSiria li ze li qedwe.
11Nabo bonke abaprofeti ba ti, kupukela e Ramotgiladi, u tokoze; ngokuba uJehova u ya kulinikela esandhleni senkosi.
12No wa e ye kubiza uMikaia, wa ti kuyena, Bheka, amazwi onke abaprofeti a kuluma okuhle enkosini; nelakoke, ngi ya kuleka, ma li fane nelabo, u kulume okuhle.
13Wa ti uMikaia, Ngokupila kuka Jehova; oku tyiwo uTixo wami, loko ngo ku kuluma.
14Lapo e se fikile enkosini, ya ti inkosi kuyena, Mikaia, so kupuka si ye kulwa neRamotgiladi na, kuhle ngi yeke na? Wa pendula wa ti, kupuka u jabule, ba ya kunikelwa esandhleni sako.
15Ya ti inkosi kuyena, Ngo ku tyela kangakanani ukuba u kulume iqiniso lodwa kimina egameni lika Jehova na?
16Wa tike yena, Nga ba bona bonke abaIsraeli be hlakazekile ezintabeni, njengezimvu ezi nge namalusi; wa ti uJehova, laba a ba namninibo; ma ba buyele bonke ezindhlini zabo ngokutula.
17Ya ti inkosi yakwa Israeli kuJehoshafati, A ngi ku tyelanga ukuba a ka yi ku ngi tyela okuhle, kodwa ububi na?
18Wa ti futi, Yizwake izwi lika Jehova; Nga m bona uJehova e hlezi ebukosini bake, naso sonke isixuku sezulu si mi ngalapa na ngalapa.
19Wa ti uJehova, uAhabi inkosi yakwa Israeli u ya kuyengwa ubani na? ukuba a kupuke a fe eRamotgiladi na? Nomunye wa kuluma ngokutile, nomunye ngokutile.
20Kwa velake umoya, wema ngapambi kuka Jehova, wa ti, ngi ya ku m yenga mina. Wa ti uJehova kuye, Ngani na?
21Wa ti wona, Ngi zo puma, ngi be umoya wamanga emilonyeni yabaprofeti bake bonke. Wa ti uJehova, U ya ku m yenga, u mahlule; hamba, wenze njalo.
22Manjeke, bheka, uJehova u bekile umoya wamanga emilonyeni ya laba baprofeti bonke bako, noJehova u kulumile ububi ngawe.
23Wa sondelake uZedekia indodana ka Kenana, wa m tyaya uMikaia esihlatini, wa ti, umoya ka Jehova u suke kimina nga ipi indhlela ukukuluma nawe na?
24Wa ti uMikaia, bheka, u ya kubona nawe ngosuku o ya ku ngena ngalo ekamelweni ukuba u zitukuse kona.
25Ya tike inkosi yakwa Israeli, M tateni uMikaia, ni m buyisele kuAmoni inkosi yomuzi, nakuJoashi indodana yenkosi;
26Ni ti, I ti inkosi, fakani lomuntu etilongweni, ni m dhlise isinkwa senhlupeko, namanzi enhlupeko, ngi ze ngi buye ngokutula.
27Wa ti uMikaia, uma nempela u buya ngokujabula, uJehova a ka kulumanga ngami. Wa ti, lalelani, nonke nina bantu.
28Ngakoke inkosi yakwa Israeli, noJehoshafati inkosi yakwa Juda ba kupukela eRamotgiladi.
29Ya ti inkosi yakwa Israeli kuJehoshafati, Mina ngo zifihla, ngi ye empini; kodwa wena gqoka izingubo zako. Njaloke inkosi yakwa Israeli ya zifihla; ba ya empini.
30Inkosi ya seSiria ya i yalezile izinduna zezincwele e za zi nayo, ya ti, Ni nga lwi nabancane nabakulu, ni lwe nenkosi yakwaIsraeli kupela.
31Kwa ti, lapo izinduna zezincwele zi m bona uJehoshafati, za ti, u inkosi yakwa Israeli, za m haqake ukulwa; kodwa uJehoshafati wa memeza, uJehova wa m siza; noTixo wa zi mukisa kuyena.
32Kwa ti, lapo izinduna zezincwele se zi bonile ukuba a ku siyo inkosi yakwa Israeli, ba penduka a ba m landela.
33Nomunye umuntu wa qandela wa vulela ngomcibityolo wake wa i tyaya inkosi yakwa Israeli emkatini yezihlangu zake; ya tike yona kumuntu wake wencwele, Pendula isandhla sako, ukuba u ngi kipe kulesi sixuku; ngokuba ngi limele.
34Kwanda ukulwa ngalololusuku; kodwa inkosi yakwa Israeli ya ziqinisa encweleni yayo i bhekene naba seSiria, kwa ze kwa hlwa; kwa ti se li tyona ilanga ya fa.