1NJALOKE uAbija wa lala nokoko bake, ba mbela emzini ka Davida; noAsa indodana yake wa busa endaweni yake. Ezinsukwini zake izwe la tula iminyaka e ishumi.
2uAsa wenza okuhle nokulungileyo emehlweni ka Jehova uTixo wake;
3Ngokuba wa wa susa amalati ezitixo ezingaziwayo, nezindawo ezipezulu, wa bidhliza izitombe, wa gaula amahlati.
4Wa yaleza uJuda ukuba a fune uJehova uTixo wa oyise babo, noku wenza umteto nesiyalezo.
5Wa susa futi emizini ya seJuda izindawo ezipakamileyo nezitombe; nombuso wa tula ngapambi kwake.
6Waka imizi ebiyiweyo eJuda; ngokuba izwe la pumula, ku ngeko ukulwa nga leyo minyaka; ngokuba uJehova wa m nika ukupumula.
7Wa ti kulo iJuda, ma si yake lemizi, si zi haqe ngezindonga, nezinqaba, namasango, nezinsika, izwe li se ngapambi kwetu; ngokuba si m funile uJehova uTixo wetu, si m funile, naye u si pile ukupumula, endaweni yonke. Ngakoke baka ba busiswa.
8uAsa wa e nempi yamadoda a twala amahau, nemikonto, e puma nawo eJuda e izinkulungwane e zingamakulu amatatu; naseBenjamini, a ba twala izihlangu be tyaya ngemicibityelo, izinkulungwane ezi ngamakulu amabili namashumi a isishiyagalombili; bonke laba ba be ngamaqawe nempela.
9Ba fikelwa uZera wa seEtiopia e nesixuku sezinkulungwane ezi inkulungwane, nezincwele ezi ngamakulu amatatu; wa fika e Maresha.
10uAsa wa m pumela, wa misa impi yake esigodini sa seZefatha eMaresha.
11uAsa wa kala kuJehova uTixo wake, wa ti, Jehova ku ize kuwena ukusiza, noma kwabaningi noma kwabangenamandhla; si size, O Jehova Tixo wetu; ngokuba se temba kuwena, na ngegama lako si hambela lesi sixuku. O Jehova wena u nguTixo wetu; ma u nga hlulwa abantu wena.
12Ngakoke uJehova wa ba tyaya aba seEtiopia ngapambi kuka Asa, na ngapambi kuka Juda; naba seEtiopia ba baleka.
13uAsa nabantu a ba be naye ba ba landela eGerari; ba hlulwa, be nga se naku zivusa; ngokuba ba qedwa nga pambi kuka Jehova, na ngapambi kwesixuku sake; ba muka nempango eningi kakulu.
14Ba bulala yonke imizi e nga seGerari; ngokuba ba fikelwa ukwesaba kuka Jehova; ba i bidhliza yonke imizi; ngokuba kwa ku kona impango eningi kakulu kuyona.
15Ba bulala futi izibaya zezinkomo, ba muka neziningi izimvu namakamelo, ba buyela eJerusalema.