1KUQALA kuko konke ngi ya yala, ukuba ukucela, nokunxusa, nokukuleka, nokubonga, kwenzelwe abantu bonke:
2Amakosi, nabo bonke aba izikulu; ukuze si hlale kahle si be nokutula, ngako konke ukulunga nobuqoto.
3Ngokuba loku kuhle, ku ya bongeka ebusweni bomSindisi wetu uTixo,
4O tanda ukuba abantu bonke ba sindiswe, ba lazi iqiniso.
5Ngokuba munye uTixo, munye umLamuli pakati kuka Tixo nabantu, uye lomuntu uKristu Jesu,
6Owa zinika yena a be isihlaulo sabo bonke, isiqiniso ezikatini ezifaneleyo;
7Enga bekwa ummemezi nompostoli waso (ngi tyo iqiniso, a ngi qambi manga), umfundisi wabezizwe ngokukolwa na ngeqiniso.
8Ngako ngi ya tanda ukuba amadoda a kuleke ezindaweni zonke, e pakamisa izandhla ezimhlope, e nge nalulaka nankani.
9Njalo abesifazana a ba hlobe ngezingubo ezifaneleyo, ba be nokuhlonipa nokuqonda, be nga hlobi ngezinwele ezalukiweyo, na ngegolide na ngamaparele na ngezingubo ezi nentengo enkulu;
10A ba hlobe ngemisebenzi emihle; loku ku fanele abesifazana aba tyoyo be ti, ba ngabamkonzayo uTixo.
11Owesifazana ka funde, e nokutula nokulalela kahle.
12Kepa a ngi m vumeli owesifazana a fundise, a be namandhla pezu kwendoda; ka hlale a be nokutula.
13Ngokuba uAdamu wa datyulwa kuqala, andu kudatyulwa uEva.
14Futi uAdamu ka kohliswanga, kodwa owesifazana, e kohliswa, weqa umteto.
15Kepa u ya kusindiswa ngokuzala abantwana, uma be hlala ngokukolwa, na ngokutanda, na ngobungcwele, na ngokuqonda.