1KWA ti uDavida nabantu bake se be fikile eZiklagi ngosuku lobutatu, amaAmaleki e kade e hlasele enzantsi, kweZiklagi a li tyaya a li tyisa ngomlilo.
2A tumba abesifazana aba be pakati, e nga bulalanga 'muntu kwabakulu nabancane, kodwa e muka nabo, a hamba ngendhlela yawo.
3uDavida nabantu bake ba fika emzini, bheka! wa u tyiswe ngomlilo, nabafazi babo, namadodana abo, namadodakazi abo a e tunjiwe.
4uDavida nabantu a ba be naye ba pakamisa izwi labo, ba kala, kwa za kwa pela 'mandhla okukala.
5Abafazi baka Davida ababili ba be tunjiwe, uAhinoami waseJezrili noAbigaili, umka Nabali waseKameli.
6uDavida wa e nosizi olukulu, ngokuba abantu ba kuluma ngokumkanda ngamatye, ngokuba izinhliziyo zabantu bonke za zi dabukile, ilowo 'muntu ngamadodana ake namadodakazi ake; kodwa uDavida wa ziqinisa ngoJehova, uTixo wake.
7uDavida wa ti kuAbiata umpristi, indodana ka Ahimeleki, ngi ya kunxusa, u ngi letele iefodi, uAbiata wa li leta iefodi kuDavida.
8uDavida wa buza kuJehova, wa ti, ngi zo yi landela leyo 'mpi na? Ngi zo yi fumana na? Wa pendula wa ti, yi landele ngokuba u za kuyifumana, u buyise konke impela.
9uDavida wa hamba yena, namadoda a ngamakulu a isitupa a e naye, wa fika emfuleni otiwa iBesori, lapo kwa hlala kona abasala emva.
10uDavida wa landela, yena, namakulu amane amadoda, ngokuba amakulu amabili a hluleka ukuwela umfulana iBesori, e dangele.
11Ba fumana umuntu wasEgipite ensimini, ba m leta kuDavida, ba m nika isinkwa, wa dhla, ba m puzisa amanzi.
12Ba m nika futi ucezu lwesinkwa samakiwane nezigaxa ezibili zevine, na lapo e se dhlile kwa buyela amandhla ake, ngokuba e nga dhlanga isinkwa, e nga puzanga amanzi izinsuku ezintatu nobusuku obutatu.
13uDavida wa ti kuye u ngo ka bani na? Wa ti yena ngi insizwa yasEgipite inceku yomuntu waseAmaleki, inkosi yami ya ngi shiya ngoba nga gula, izi nsuku ezintatu ngolwanamhla.
14Sa hlasela ngasenzantsi kwamaKeriti, na kwe lakwaJuda, nasenzantsi kweKalebi sa tyisa iZiklagi ngomlilo.
15uDavida wa ti kuye, u nga ngehlisela kulempi na? Wa ti funga kimi ngoTixo, ukuba a u yi kungibulala, nokunginikela ezandhleni zenkosi yami, ngo kwehlisela kuleyo 'mpi.
16Lapo e se m ehlisele bheka; ba be hlakazekile ezweni lonke, be dhla, be puza, be sina ngenxa yempango enkulu aba be yi tatile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwa Juda.
17uDavida wa ba hlasela wa qala kusasa kwa za kwa ikusihlwa, ngangomso a kwa sinda muntu ku bona, kupela izinsizwa ezi ngamakulu amane, e za zi kwela pezu kwamakamelo za baleka.
18uDavida wa buyisa konke okwa tatwa amaAmaleki, uDavida wa sindisa abafazi bake ababili.
19A kwa sala luto ku bona noluncane nolukulu namadodana abo namadodakazi abo, nempango yabo nako konke okwa ku tatiwe ku bona. uDavida wa ku buyisa konke.
20uDavida wa tata yonke imihlambi, a ba be yi quba ngapambili kwezinkomo ezinye be ti, impango ka Davida le.
21uDavida wa fika kuwo amadoda a ngamakulu amabili, a e katele, e ngenamandhla oku m landela uDavida, a ba be ba hlalisile emfuleni iBesori, ba puma ukuhlangabeza uDavida nokuhlangabeza abantu aba be naye; Lapo uDavida se fikile eduze na labo 'bantu wa ba bingelela.
22A pendula onke amadoda amabi ka Beliali aba be noDavida, ba ti, ngokuba ka ba hambanga nati, a si yi kubanika luto empangweni e si yi buyisileyo kupela ku be i leyo 'ndoda umkayo nabantwana bayo ba ba qube, ba hambe
23Wa ti uDavida a ni yi kukwenza loko, bafo wetu, ngaloko, e si kunikiwe uJehova o si londileyo empini e ya hlasela esandhleni setu.
24Ubani o ya ku ni zwa kulendaba? Ngokuba inxenye yo be yile empini, i ya ku lingana nenxenye yo be hlezi, ngasempahleni ba ya kwahlukaniselwa ku lingane.
25Kwa ba njaloke emva kwa leso 'sikati, wenza umteto nesimiso kubaIsraeli ku ze ku be namhla.
26uDavida e se fikile eZiklagi wa tuma enye impango ezikulwini zakwa Juda, izihlobo zake, e ti naso isipo sami, empangweni yezita zika Jehova.
27Kwa ba be seBeteli kwa ba be senzansi kweRemote na kwaba ba seJattiri.
28Na kwaba be seAroeri, na kwaba be seSifmote, na kwaba be seEshtemoa.
29Na kwaba be seRakali na kwaba be semizini yamaJerameli na kwaba be semizini yamaKeni.
30Na kwaba be seHorma na kwaba be seKoashani na kwaba be seAtaki.
31Na kwaba be seHebroni na sezindaweni zonke lapo uDavida nabantu bake ba be jayele ukuhamba kona.